Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
IBrithani
Uma uhlala endaweni osekuyiminyaka eminingi izindaba ezinhle zishunyayelwa kuyo, kungenzeka kanjani namuhla ukuba inkonzo yakho ibe nenjongo? Sekuyiminyaka engu-118 oFakazi BakaJehova beshumayela eBrithani. Kodwa oFakazi baseBrithani abakubeka kuqala ukwenza intando kaJehova basavulekelwa amathuba amaningi. Kuningi okungafundwa emoyeni abawubonisayo.
ICzech Republic
OFakazi BakaJehova babevinjelwe iminyaka engu-46 ezweni manje eliyiCzech Republic. Uvivinyo lobuqotho ababhekana nalo lunikeza wonke amaKristu eqiniso izifundo eziningi angazuza kuzo. Phakathi naleyo minyaka yokucindezelwa, uJehova waqhubeka ondla abantu bakhe ngokomoya. Izinto abenzela zona nezindlela azenza ngazo ziyamangalisa ngempela.
IMadagascar
Izitshalo nezilwane eziningi ezingatholakali kwenye indawo emhlabeni ziyavuma eMadagascar. Kodwa okubaluleke nangaphezulu koFakazi BakaJehova abantu ababonisa isithakazelo kuMdali walezi zinto. Kulesi siQhingi Esikhulu Esibomvu, ababa khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu saminyaka yonke banda besuka kwabangu-7 ngo-1956 baya kwabangu-46 392 ngo-1999.