UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ilungiselelo Lokwalusa Amalungu Omndeni WaseBethel
Wonke umuntu uyabhekana nobunzima futhi uyadinga ukududuzwa nokusekelwa. Ngisho nalabo abaqinile ngokomoya noma abanemithwalo enhlanganweni kaJehova bangadikibala. (Job 3:1-3; Hu 34:19) Yini esingayifunda kuleli lungiselelo lokwalusa amalungu omndeni waseBethel?
BUKELANI IVIDIYO ETHI “THEMBELA KUNKULUNKULU,” BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Amalungu omndeni waseBethel abhekana naziphi izinselele?
Yiziphi izinto ezine ezenziwayo ukuze aduduzwe?
Abazalwane abaduduzayo bazuze kanjani kulokhu?