UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ungalingisi Abangathembekile
UKhora, uDathani no-Abhiramu abathembekanga kuJehova, bavukela ilungiselelo lakhe. UJehova wazibulala zonke lezi zihlubuki kanye nabo bonke ababezisekela. (Num 16:26, 27, 31-33) Yiziphi izimo ezingavivinya ukuthembeka kwethu kuJehova? Yiziphi izibonelo eziseBhayibhelini ezingasisiza singabalingisi abangathembekile?
BUKELANI IVIDIYO ETHI, UNGALINGISI ABANGATHEMBEKILE, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Yisiphi isimo esavivinya uNadia, futhi isiphi isibonelo esiyisixwayiso esamsiza wathembeka?
Yisiphi isimo esavivinya owayengajabule ngesinqumo sabadala, futhi isiphi isibonelo esiyisixwayiso esamsiza wathembeka?
Yisiphi isimo esavivinya uThemba, futhi isiphi isibonelo esiyisixwayiso esamsiza wathembeka?
Yisiphi isimo esavivinya umfowethu osemusha eskoleni, futhi isiphi isibonelo esiyisixwayiso esamsiza wathembeka?