AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 44-45
UJosefa Uthethelela Abafowabo
Kungaba nzima ukuthethelela, ikakhulukazi uma umuntu osonile, esone ngamabomu. Yini eyasiza uJosefa ukuba athethelele abafowabo lapho bemona?
UJosefa akazange afune ukuziphindiselela kodwa wafuna izinto ezazingenza abathethelele.—IHu 86:5; Luka 17:3, 4
Akazange aqhubeke ethukuthele, kunalokho walingisa uJehova othethelela ngokukhululekile.—Mika 7:18, 19
Ngingayilingisa kanjani indlela uJehova athethelela ngayo?