UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Umhlaba “Wagwinya Umfula”
Ezikhathini ezihlukahlukene emlandweni wesintu, iziphathimandla ziye zasiza abantu bakaJehova. (Ezra 6:1-12; Est 8:10-13) Ngisho nasezikhathini zethu, siye sawubona “umhlaba”—abantu noma imithetho yalesi simiso ebonisa ukucabangela—ugwinya “umfula” woshushiso olubangelwa “udrako,” uSathane uDeveli. (IsAm 12:16) UJehova, “uNkulunkulu wezenzo zokusindisa,” ngezinye izikhathi angase enze ukuba ababusi benze abantu bakhe bakhululeke.—IHu 68:20; IzA 21:1.
Nokho, kuthiwani uma uboshelwe ukholo lwakho? Ungangabazi neze ukuthi uJehova unawe. (Gen 39:21-23; IHu 105:17-20) Qiniseka ngokuthi ukholo lwakho luyovuzwa nangokuthi ukuthembeka kwakho kuyabakhuthaza abafowethu emhlabeni wonke.—Fil 1:12-14; IsAm 2:10.
BUKELA IVIDIYO ETHI ABAFOWETHU BASEKOREA BAKHULULWA EJELE, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Kungani izinkulungwane zabafowethu eSouth Korea beziboshwa eminyakeni edlule?
Iziphi izinqumo zenkantolo ezenza abafowethu abathile bakhululwa ngaphambi kwesikhathi?
Singabasiza kanjani abafowethu abasemhlabeni wonke abasaboshelwe ukholo lwabo?
Kufanele siyisebenzise kanjani noma iyiphi inkululeko esinayo manje?
Ngokuyinhloko, ngubani osenza sinqobe ezinkantolo?
Ngiyisebenzisa kanjani inkululeko enginayo?