UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Uzokwenzenjani Ngonyaka Wesomiso?
Ukholo nethemba kuhlobene kakhulu. Ngokwesibonelo, ukumethemba ngokuphelele uJehova kuzosisiza sikholelwe ukuthi uzosivikela asinakekele. (IHu 23:1, 4; 78:22) Njengoba siya sisondela esiphelweni salesi simiso sezinto, singalindela ukuba uSathane asihlasele nakakhulu. (IsAm 12:12) Yini ezosisiza?
BUKELA IVIDIYO ETHI UZOKWENZENJANI NGONYAKA WESOMISO? BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Kungayiphi indlela sifana ‘nomuthi’ okukhulunywa ngawo kuJeremiya 17:8?
Ikuphi okunye ‘kokushisa’?
Uba njani ‘umuthi,’ futhi ngani?
Yini uSathane afuna ukuyonakalisa?
Kungayiphi indlela sifana nomshayeli wendiza ongumakadebona?
Kungani kufanele siqhubeka siyethemba inceku ethembekile neqondayo futhi kuzovivinyeka kanjani ukuyethemba kwethu?
Kungani kufanele siqhubeke sizethemba izimiso zeBhayibheli naphezu kokuba izwe lisigcona?