Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb19 Agasti k. 8
  • Imisebenzi Emihle Engenakulibaleka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imisebenzi Emihle Engenakulibaleka
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Lona Kungaba Umsebenzi Okulungele Kunayo Yonke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ungazenza Yini Utholakale?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Inkonzo YaseBethel—Kudingeka Izisebenzi Zokuzithandela Ezengeziwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Ukubheka “Indlu KaNkulunkulu” Ngokwazisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
mwb19 Agasti k. 8
Udadewethu usebenza ekhishini eBethel

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Imisebenzi Emihle Engenakulibaleka

Bonke abantu bakaJehova bangazenzela umlando omuhle wemisebenzi emihle enkonzweni yakhe engcwele. Njengomzali onothando ongazikhohlwa izinto ezifezwe izingane zakhe, noJehova akawukhohlwa umsebenzi esiwenzayo nothando esilubonisayo ngenxa yakhe. (Math 6:20; Heb 6:10) Yiqiniso ukuthi amakhono nezimo zethu akufani. Noma kunjalo, singajabula uma senza konke okusemandleni ethu enkonzweni kaJehova. (Gal 6:4; Kol 3:23) Eminyakeni edlule, izinkulungwane zabafowethu nodadewethu ziye zakhonza eBethel. Ungakwazi yini ukuyosiza eBethel? Uma izimo zingakuvumeli, ungakwazi yini ukukhuthaza omunye umuntu ukuba ayokhonza khona noma usize ilungu lomndeni waseBethel liqhubeke lisenkonzweni ekhethekile?

BUKELA IVIDIYO ETHI LOKHO ONGAKWENZA UKUZE UKHONZE EBETHEL, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini okufanele ikwenze uthande ukuyokhonza eBethel?

  • Abanye baye bathini ngezibusiso zokukhonza eBethel?

  • Yini edingekayo ukuze ukhonze eBethel?

  • Ungasifaka kanjani isicelo sokuyokhonza eBethel?

Izikhonzi ezintathu zaseBethel zenza umsebenzi othile ndawonye kuyikhompyutha; umfowethu upakisha izincwadi ebhokisini; umfowethu usebenza ngamapulangwe eBethel

Okudingeka Kumuntu Ofuna Ukuyokhonza EBethel

  • Kumelwe amthande ngokujulile uJehova nenhlangano yakhe

  • Kumelwe abe oziphethe kahle futhi abe nonembeza ohlanzekile phambi kukaJehova

  • Kumelwe agqoke futhi azilungise ngendlela efanele umKristu

  • Kumelwe akhethe ezokuzijabulisa ezifanele umKristu

  • Kumelwe abe neminyaka engu-19 kuya ku-35

  • Kumelwe kube umuntu ophile kahle ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomzwelo

  • Kumelwe akwazi ukufunda, ukubhala nokukhuluma kahle ulimi olusetshenziswa egatsheni

  • Kumelwe azimisele ukuhlala okungenani unyaka owodwa

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela