UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukushumayela Nokufundisa Kubalulekile Ukuze Senze Abafundi
UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bahambe bayokwenza abafundi. (Math 28:19) Lokhu kuhilela ukushumayela kanye nokufundisa. Sonke kufanele sihlale sizibuza umbuzo othi: ‘Ngingathuthuka kanjani kulezi zingxenye ezibalulekile zomsebenzi wokwenza abafundi?’
UKUSHUMAYELA
Kunokuba silinde abantu ukuba beze kithi, kumelwe sibacinge ngenkuthalo ‘abafanelekayo.’ (Math 10:11) Lapho sisensimini, ingabe sihlale sigade amathuba okuxoxa nalabo ‘okungenzeka babe khona’ endleleni? (IzE 17:17) ULidiya waba umfundi ngenxa yokuthi umphostoli uPawulu wayeshumayele ngenkuthalo.—IzE 16:13-15.
“Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule” (Shu 11:6)
BUKA IVIDIYO ETHI QHUBEKA USHUMAYELA “NGAPHANDLE KOKUYEKETHISA”—NGOKWETHUKELA NASENDLINI NGENDLU, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Ezinhlelweni zakhe zansuku zonke, uSandile wabonisa kanjani ukuthi ufuna amathuba okutshala imbewu yeqiniso?
Kungani kumelwe sizikhuthalele zonke izindlela zokushumayela?
Yibaphi abantu ohlale ubonana nabo nsuku zonke ongase ubaxoxele ngomyalezo woMbuso?
UKUFUNDISA
Ukuze senze abafundi, akumelwe sigcine nje ngokushiyela abantu izincwadi. Kumelwe sibuyele kubo futhi sifunde nabo iBhayibheli, ukuze sibasize basondelane noNkulunkulu. (1Kor 3:6-9) Nokho, kuthiwani uma ngisho nalapho sesenze umzamo wenkuthalo wokufundisa umuntu iqiniso loMbuso, angathuthuki? (Math 13:19-22) Kufanele siqhubeke sicinga labo abanezinhliziyo ‘ezinjengenhlabathi ekahle.’—Math 13:23; IzE 13:48.
“Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu waqhubeka ekhulisa” (1Kor 3:6)
BUKA IVIDIYO ETHI QHUBEKA USHUMAYELA “NGAPHANDLE KOKUYEKETHISA” —OBALA NANGOKWENZA ABAFUNDI, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
USolomon noMary bayinisela kanjani imbewu yeqiniso enhliziyweni kaSthembiso no-Amanda?
Kufanele ube yini umgomo wethu kuzo zonke izingxenye zenkonzo yethu, ngisho nalapho sishumayela obala?
Yini esingase siyenze ukuze sigxile nakakhulu ekufundiseni abanye iqiniso?