AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | UMSHUMAYELI 1-6
Bona Okuhle Ngawo Wonke Umsebenzi Wakho Onzima
UJehova ufuna siwujabulele umsebenzi wethu futhi usifundisa indlela esingakwenza ngayo lokho. Umuntu angayifunda indlela yokuwujabulela umsebenzi wakhe lapho eba nesimo esihle sengqondo ngawo.
Ungakubona okuhle ngomsebenzi wakho lapho . . .
uhlakulela isimo esihle sengqondo ngawo
ucabanga ngendlela umsebenzi wakho obasiza ngayo abanye
uzikhandla emsebenzini, kodwa kuthi lapho uphuma emsebenzini, ugxile emndenini wakho nasekukhonzeni uNkulunkulu