AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 45-51
UJehova Ngeke Ayilahle Inhliziyo Ephukile
IHubo 51 lalotshwa uDavide ngemva kokuba umprofethi uNathani eveze isono esikhulu sikaDavide noBhati-sheba. UDavide wadliwa unembeza futhi wasivuma ngokuthobeka isono sakhe.—2Sam 12:1-14.
UDavide wayonile kodwa wayesengalulama ngokomoya
Ngaphambi kokuba aphenduke futhi avume isono sakhe, unembeza wakhe wamenza waphelelwa yinjabulo
Waba lusizi kakhulu ngokungamukelwa nguNkulunkulu kangangokuthi wazizwa njengomuntu ochobozeke amathambo
Wayefisa intethelelo, ukululama ngokomoya nenjabulo ayekade enayo
Wamncenga ngokuthobeka uJehova ukuba amsize azimisele ukulalela
Wayeqiniseka ukuthi uJehova uyomthethelela