Qaphani Lapho Nisenkonzweni
1. Kungani kudingeka siqaphe uma sisenkonzweni?
1 “Njengezimvu phakathi kwezimpisi,” izikhonzi zikaNkulunkulu zishumayela “phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile.” (Math. 10:16; Fil. 2:15) Imibiko ekhathazayo yezinxushunxushu zomphakathi, udlame nokuthunjwa kwabantu okunesihluku isivamile, futhi lokhu kuwubufakazi bokuthi abantu ‘basuka kokubi baye kokubi kakhulu.’ (2 Thim. 3:13) Yiziphi izimiso zeBhayibheli esingazisebenzisa ukuze ‘sibe abaqaphile’ enkonzweni?—Math. 10:16.
2. Yiziphi izimo ezingenza kufaneleke ukushiya insimu yethu siyoshumayela kwenye indawo?
2 Yenza Ngokuqonda: IzAga 22:3 zigcizelela ukuhlakanipha ‘kokucashela’ inhlekelele. Hlala uphapheme! Izinto zingashintsha singalindele endaweni esiyazi njengephephile. Ungase ubone sekunamaphoyisa noma izixuku emgwaqweni. Ngezinye izikhathi umninikhaya onomusa angase akuxwayise. Kunokuba uqhubeke ukuleyo ndawo ngenxa yelukuluku lokwazi ukuthi kwenzekani, kuwukuhlakanipha ukuhamba ngaso leso sikhathi uye kwenye indawo.—IzAga 17:14; Joh. 8:59; 1 Thes. 4:11.
3. Sisebenza kanjani ensimini yethu isimiso esitholakala kumShumayeli 4:9?
3 Bambisanani: “Ababili bangcono kunoyedwa,” kusho UmShumayeli 4:9. Nakuba kungenzeka ukuthi ubusujwayele ukusebenza wedwa ngokuphepha ensimini, ingabe kusaphephile ukwenza kanjalo? Ezindaweni ezithile, kusaphephile. Kodwa kwezinye, akusaphephile manje ukuba udade noma umuntu osemusha asebenze yedwa endlini ngendlu, ikakhulukazi lapho sekuhlwile. Okuye kwenzeka kubonisa ukuthi kubaluleke kakhulu ukuhamba nothile oqaphile. (UmSh. 4:10, 12) Qiniseka ukuthi baphephile abanye ohamba nabo eqenjini. Kwenze umkhuba ukutshela abanye ukuthi usuyahamba.
4. Singakusebenzela kanjani ukuphepha kwabo bonke ebandleni?
4 Abadala banomthwalo wemfanelo wokunikeza iziqondiso zokuphepha ezihambisana nezimo zendawo, njengoba kuyibo ‘abaqapha imiphefumulo yethu.’ (Heb. 13:17) Nakanjani siyosithola isibusiso sikaJehova njengoba sibonisa isizotha sobuKristu futhi sibambisana ngokugcwele nabo. (Mika 6:8; 1 Kor. 10:12) Kwangathi zonke izikhonzi zikaNkulunkulu zingahlanganyela ekufakazeni ensimini yethu, kodwa ngokuqapha okufanele ngaso sonke isikhathi.