Inkonzo Yethu—Ibonisa Uthando Lwethu NgoNkulunkulu
1. Uthando lukaJesu ngoNkulunkulu lwamshukumisela ukuba enzeni?
1 Uthando lwashukumisela uJesu ukuba afeze inkonzo yakhe. Zonke izingxenye zenkonzo kaJesu ziwubufakazi obungenakuphikwa bothando lwakhe ngoJehova. UJesu wathi: “Ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, njengoba nje uBaba enginike umyalo, ngenza kanjalo.” (Joh. 14:31) Njengabalandeli bezinyathelo zakhe, nathi sinelungelo lokubonisa uthando lwethu olujulile ngoNkulunkulu enkonzweni yethu.—Math. 22:37; Efe. 5:1, 2.
2. Uthando lwethu ngoJehova luyithinta kanjani inkonzo yethu?
2 “Malingcweliswe Igama Lakho”: Lapho siwasebenzisa ngentshiseko wonke amathuba ukuze sikhulume nabanye ngoJehova nelungiselelo lakhe loMbuso, sibonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu empeleni sinikela ekungcwelisweni kwegama lakhe. (IHu. 83:18; Hez. 36:23; Math. 6:9) Njengoba kwakunjalo ngenkonzo kaJesu, inkonzo yethu iwukubonakaliswa okuqhubekayo kwesifiso sethu esiqotho sokuba kungcweliswe igama likaJehova nokuba intando yakhe yenziwe.—Math. 26:39.
3. Lusisiza ngayiphi indlela uthando lwethu ngoJehova ekunqobeni izithiyo?
3 Uthando Lusishukumisela Ukuba Sinqobe Izithiyo: Uthando ngoJehova luzinqoba zonke izithiyo. (1 Kor. 13:4, 7) UJesu wabhekana nezithiyo eziningi ekuphileni kwakhe ezazingamvimba ekufezeni inkonzo yakhe. Kodwa, lapho ebhekana nazo, uthando lwakhe olujulile nesifiso sokwenza intando kaJehova kwamenza waphumelela. (Marku 3:21; 1 Pet. 2:18-23) Nathi sibhekana nezinselele eziningi, esingasizwa uthando lwethu ngoNkulunkulu ukuba sizinqobe. Ngokulandela eduze esibonelweni sikaKristu, singazizwa sizethemba futhi sizimisele ukufeza inkonzo yethu. Nakuba ukuphikiswa amalungu omkhaya, ukugula, ukuguga noma ukunganakwa abantu kungase kusithinte, akusivimbeli ekuboniseni uthando lwethu ngoJehova ngokufeza inkonzo yethu ngokugcwele ngangokunokwenzeka.
4. Iliphi ilungelo esinalo ngenxa yothando lwethu ngoNkulunkulu?
4 Uthando lunamandla, futhi sibusisiwe ngokuba nekhono lokubonisa uthando lwethu lomphefumulo wonke ngoNkulunkulu enkonzweni yethu. (1 Kor. 13:13) Njengoba sisondela ngokushesha esikhathini okuzongcweliswa ngaso igama likaJehova okokuqala nokokugcina, sengathi ‘uthando lwethu lungavama kakhulu.’—Fil. 1:9; Math. 22:36-38.