Ukushumayela Kuyasisiza Sikwazi Ukukhuthazela
1 IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba ‘siwugijime ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu.’ (Heb. 12:1) Njengoba nje nomgijimi kudingeka akhuthazele ukuze akwazi ukuphumelela emncintiswaneni, nathi kudingeka sikhuthazele ukuze sizuze umklomelo wokuphila okuphakade. (Heb. 10:36) Inkonzo yobuKristu ingasisiza kanjani ukuba sikwazi ukukhuthazela ngokwethembeka kuze kube sekupheleni?—Math. 24:13.
2 Siyaqiniswa Ngokomoya: Ukumemezela kwethu ngethemba elimangalisayo elivela eBhayibhelini lezwe elisha lokulunga kusisiza ukuba sigcine ithemba lethu livutha. (1 Thes. 5:8) Lapho siba khona njalo enkonzweni yasensimini, sithola ithuba lokutshela abantu amaqiniso esiye sawafunda eBhayibhelini. Sithola ithuba lokuvikela ukholo lwethu, futhi lokho kuyasisiza kusiqinise ngokomoya.
3 Ukuze siphumelele ekufundiseni abanye, kumelwe siqale siwaqonde ngokucacile amaqiniso eBhayibheli. Kumelwe sicwaninge futhi sizindle ngendaba esiyifundayo. Umzamo oqotho esiwenzayo ujulisa ulwazi lwethu, uqinise ukholo lwethu futhi usiqabule ngokomoya. (IzAga 2:3-5) Khona-ke, njengoba sifuna ukusiza abanye, siyaziqinisa nathi ngokwethu.—1 Thim. 4:15, 16.
4 Ukuhlanganyela ngentshiseko ensimini kuyingxenye ebalulekile yazo “zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu,” esizidingayo ukuze sikwazi ukumelana ngokuqinile noDeveli kanye namademoni. (Efe. 6:10-13, 15) Ukuhlala simatasa enkonzweni engcwele kuyasisiza ukuba sikwazi ukugcina izingqondo zethu zigxile ezintweni ezakhayo nokuba sigweme ukonakaliswa izwe likaSathane. (Kol. 3:2) Njengoba sifundisa abanye izindlela zikaJehova, sikhunjuzwa ngokuqhubekayo ngalokho okudingeka sikwenze, okuwukuthi, ukulondoloza inkambo engcwele.—1 Pet. 2:12.
5 UNkulunkulu Usinika Amandla: Ekugcineni, ukuhlanganyela kwethu emsebenzini wokushumayela ivangeli kusifundisa ukuba sincike kuJehova. (2 Kor. 4:1, 7) Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani lokho! Ukuhlakulela leyo mfanelo yokuncika kuJehova akugcini nje ngokusihlomisela ukuba sifeze inkonzo yethu kodwa nokuba sikwazi ukunqoba noma iziphi izimo esingabhekana nazo ekuphileni. (Fil. 4:11-13) Ngempela, ukufunda ukuncika kuJehova ngokuphelele kuyisici esiyisihluthulelo sokukhuthazela. (IHu. 55:22) Ukushumayela kusisiza ngezindlela eziningi ukuba sikwazi ukukhuthazela.