Ukufakaza Ezihlotsheni—Kanjani?
1. Kungani kudingeka ukuqonda lapho sifakaza ezihlotsheni?
1 Yini engasijabulisa ukwedlula ukungena ezweni elisha nezihlobo zethu, simunye ekukhulekeleni uJehova! Ngokufakaza ezihlotsheni zethu, leli themba elijabulisayo lingafezeka. Nokho, ukufakaza ezihlotsheni ngendlela eqabulayo kudinga ukuqonda. Umbonisi wesifunda waphawula: “Abantu abathola imiphumela emihle kunayo yonke yilabo abavusa ilukuluku ezihlotsheni ngokufakaza kancane kancane.” Singakwenza kanjani lokhu?
2. Ukubonisa isithakazelo esiqotho ezihlotsheni zethu kungasisiza kanjani ukuba sikwazi ukuvusa ilukuluku lazo?
2 Vusa Ilukuluku Lazo: Icabangisise kusengaphambili indlela ongavusa ngayo isithakazelo ezihlotsheni zakho. (IzAga 15:28) Yini ezikhathazayo? Zibhekene naziphi izinselele? Mhlawumbe ungazibonisa isihloko esithile noma uphawule umBhalo othile othakazelisayo okhuluma ngendaba ezinesithakazelo kakhulu kuyo. Uma zihlala kude, mhlawumbe lokhu ungakwenza ngencwadi noma ngocingo. Ngaphandle kokuzigxisha izinto eziningi, tshala imbewu yeqiniso bese ulindela uJehova ukuba ayikhulise.—1 Kor. 3:6.
3. Isithakazelo esiboniswa yizihlobo kithi singayicaba kanjani indlela yokunikeza ubufakazi?
3 UJesu wayala indoda ayeyikhiphe amademoni amaningi, wathi: “Hamba uye ekhaya ezihlotsheni zakho, uzibikele konke uJehova akwenzele khona nesihe abe naso kuwe.” (Marku 5:19) Cabanga nje ukuthi kumelwe ukuba lokhu kwazithinta kanjani izihlobo zayo! Nakuba ungase ungehlelwa isimangaliso esinjena, cishe izihlobo zakho zinesithakazelo kulokho enikwenzayo, wena noma izingane zakho. Ukuzixoxela ngenkulumo obuyinikeza eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ngomhlangano wesigodi obuye kuwo, ngokuvakashela eBethel, noma ngento eyingqophamlando ekwehlele kungase kukucabele indlela yokuzixoxela okwengeziwe ngoJehova nangenhlangano yakhe.
4. Yiziphi izingibe okufanele sizigweme lapho sifakaza ezihlotsheni?
4 Bonisa Ukuqonda: Lapho ufakaza ezihlotsheni, gwema ukuzitshela okuningi ngasikhathi sinye. Ekhumbula isikhathi lapho eqala ukufunda iBhayibheli, omunye umzalwane wavuma: “Ngaqala ukugxisha umama ngingayeki ngezincazelo cishe zayo yonke into engangiyifunde eBhayibhelini, futhi lokhu ngokuvamile kwakuholela ezimpikiswaneni, ikakhulukazi nobaba.” Ngisho noma isihlobo sibonisa isithakazelo esigijimini seBhayibheli, siphendule ngendlela ezosishiya sifuna ukwazi okwengeziwe. (IzAga 25:7) Ngaso sonke isikhathi bonisa inhlonipho, umusa nokubekezela, njengoba nje ubuyokwenza lapho ukhuluma nabantu ongabazi ensimini.—Kol. 4:6.
5. Kufanele senzenjani uma izihlobo zingasilaleli lapho sifakaza kuzo?
5 Ngesinye isikhathi, izihlobo zikaJesu zazicabanga ukuthi uyahlanya. (Marku 3:21) Nokho, kamuva ezinye zazo zaba amakholwa. (IzE. 1:14) Uma ekuqaleni izihlobo zakho zingayamukeli kahle imizamo yakho yokuxoxa nazo ngeqiniso, ungayeki. Izimo kanye nokucabanga kwabantu kungashintsha. Qhubeka ufuna elinye ithuba lokuxoxa nazo ngokuthile okuyovusa ilukuluku lazo. Ungase uthole injabulo yokuzisiza ukuba ziqale ukuhamba endleleni eyisa ekuphileni okuphakade.—Math. 7:13, 14.