Basha—Bekani Isisekelo Esihle Sesikhathi Esizayo
1. Kungani intsha engamaKristu kudingeka yakhe ukholo oluqinile?
1 Yini ephambili engqondweni yakho? Yini ocabanga ngayo? Ingabe ukhathalela kakhulu izinto ezikhona manje, noma ugxile esikhathini esizayo nakulokho uNkulunkulu akuthembisile? (Math. 6:24, 31-33; Luka 8:14) Kudingeka ukholo oluqinile ukuze umuntu athathe isinyathelo ngenxa yezithembiso zikaNkulunkulu, njengoba kungabonakala ngesibonelo sika-Abrahama noMose. (Heb. 11:8-10, 24-26) Ungalwakha kanjani ukholo olunjalo futhi ubeke “isisekelo esihle sesikhathi esizayo”?—1 Thim. 6:19.
2. Yini esiyifundayo esibonelweni seNkosi uJosiya?
2 Funa UJehova: Uma unesimiso sokwenza izinto ezingokomoya nomkhaya wakini, kuyatuseka lokho. Kodwa ungamane uthathe ngokuthi leso simiso siyokwakha ukholo oluqinile ngokuzenzekelayo. Ukuze uthole “ulwazi ngoNkulunkulu,” kumelwe uzifunele wena uJehova. (IzAga 2:3-5; 1 IziKr. 28:9) Inkosi esencane uJosiya yenza lokho. Naphezu kokuthi yayikhulele endaweni engeyinhle ngokomoya, ‘yafuna uNkulunkulu kaDavide ukhokho wayo’ lapho ineminyaka engu-15 ubudala.—2 IziKr. 34:3.
3. AmaKristu asemancane angamfuna kanjani uJehova namuhla?
3 Wena ungamfuna kanjani uJehova? Ngokukuhlola ngokucophelela lokho okukholelwayo futhi ‘uzitholele ngokwakho’ ukuthi kuyiqiniso ngempela. (Rom. 12:2) Ngokwesibonelo, ungakwazi yini ukuchaza lokho iBhayibheli elikushoyo ngegazi noma ukuveza ubufakazi bokuthi uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa emazulwini ngo-1914? Ukuthola ‘ulwazi olunembile lweqiniso’ kuyingxenye ebalulekile yokubeka isisekelo esihle sesikhathi esizayo.—1 Thim. 2:3, 4.
4. Abamemezeli abangabhapathiziwe bangakwenza kanjani ukuthuthuka kwabo kubonakale?
4 Ukufuna kukaJosiya uNkulunkulu kwaba nemiphumela emihle. Engakabi neminyaka engu-20 ubudala, wenza ngesibindi wasusa ukukhulekela kwamanga ezweni. (2 IziKr. 34:3-7) Ngokufanayo, ukuthuthuka kwakho ngokomoya kuyobonakala ngezenzo zakho. (1 Thim. 4:15) Uma ungummemezeli ongabhapathiziwe, lwela ukuthuthukisa izinga lenkonzo yakho. Unganeliswa ukuhambisa izincwadi nje kuphela. Kwenze umgomo wakho ukusebenzisa iBhayibheli, ukubonisana nabantu nokukhulisa isithakazelo ositholayo. (Rom. 12:7) Loku kuyokusiza ukuba ukhule ngokomoya.
5. AmaKristu abhapathiziwe anamaphi amathuba okwandisa inkonzo yawo?
5 Nika UJehova Okungcono Kunakho Konke: Lapho ubonakalisa ukuzinikezela kwakho kuJehova ngokubhapathizwa, uba yisikhonzi sikaNkulunkulu esimisiwe. (2 Kor. 3:5, 6) Lokhu kukuvulela amathuba okukhonza uJehova isikhathi esigcwele. La mathuba ahlanganisa nokuphayona, inkonzo yaseBethel, eyezithunywa zevangeli neyokukhonza kwamanye amazwe. Ezinye futhi izindlela zokwandisa inkonzo yakho ukufunda olunye ulimi noma ukuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona.
6. Singazibekela kanjani sonke isisekelo esihle sesikhathi esizayo?
6 Yiqiniso, akubona bonke abangase bakwazi ukuba kula malungelo enkonzo, kodwa sonke singakwazi ukunikeza uJehova okungcono kunakho konke. (Math. 22:37) Kungakhathaliseki ukuthi zinjani izimo zakho, yenza ukuphila kwakho kugxile ekukhonzeni uJehova. (IHu. 16:5) Ngokwenza kanjalo, uyobe ubeka isisekelo esihle sesikhathi esizayo.