Ukufunda Incwadi Ethi Khulekela UNkulunkulu
Incwadi ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso iklanyelwe ukuba ifundwe nabantu abasanda kuhlanganyela ngemva kokuba beqede Ulwazi. Ukufunda le ncwadi eSifundweni Sencwadi Sebandla kuzosenza sikwazi ukuyisebenzisa enkonzweni futhi kuzosisiza sijulise uthando nokwazisa kwethu ngoJehova nenhlangano yakhe. Singazuza kanjani ngokugcwele ekufundeni le ncwadi ethi Khulekela UNkulunkulu?
Ukuqhutshwa Kwesifundo: Njengoba sizobe sifunda isahluko sonke isonto ngalinye, ababonisi bezifundo zencwadi kuzodingeka basabe ngokuhlakanipha isikhathi. Kuzodingeka bahambe ngokushesha ezigabeni ezisekuqaleni ukuze kube nesikhathi esengeziwe sokuhlaziya ukwaziswa okuthe ukujiya, okuvela kamuva esahlukweni. Ukuxoxa kancane ngebhokisi lokubukeza ekupheleni kwesifundo ngasinye kuzosiza labo abakhona ukuba bakhumbule amaphuzu ayinhloko.
Imibuzo engenazo izinombolo ehloselwe ukuzindla nokuba kuxoxwe ngayo itholakala engxenyeni yezahluko zale ncwadi ethi Khulekela UNkulunkulu. Isibonelo salokhu singatholakala ekhasini 48. Akudingekile ukuba le mibuzo ifundwe kanye nezigaba. Lapho kuxoxwa ngayo eqenjini, umbonisi kufanele acele ukuba kufundwe imiBhalo ekhonjiwe futhi ikhulunyelwe uma isikhathi sivuma.
Ukulungiselela: Ukusilungiselela kahle isifundo akusho nje ukudwebela izimpendulo. Ukuzindla ngobuqotho ngemiBhalo ekhonjiwe kuzosenza singalungisi nje kuphela izimpendulo zethu, kodwa, okubaluleke nakakhulu, nezinhliziyo zethu. (Ezra 7:10) Sonke singaba nengxenye ekukhuthazaneni ngokunikeza izimpendulo ezimfushane.—Rom. 1:11, 12.
Ukufunda le ncwadi ethi Khulekela UNkulunkulu kuzosisiza sisondele kuJehova futhi kuzosenza sikwazi ukusiza abanezinhliziyo eziqotho ukuba bamdumise kanye nathi. (IHu. 95:6; Jak. 4:8) Kwangathi sonke singazuza ngokugcwele kuleli lungiselelo elihle elingokomoya.