Memezela Isigijimi SoMbuso
1 “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa khona.” (Luka 4:43) Ngalawo mazwi, uJesu washo isihloko senkonzo yakhe—uMbuso kaNkulunkulu. Isigijimi esisimemezelayo namuhla naso sigxile eMbusweni, njengoba kwabikezelwa kuMathewu 24:14: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” Yimaphi amaqiniso aphathelene noMbuso kaNkulunkulu okudingeka abantu bawezwe?
2 UMbuso kaNkulunkulu uyabusa manje emazulwini futhi uzosusa yonke imibuso yabantu maduzane. Kakade uDeveli usexoshiwe ezulwini, futhi isimiso esibi sezinto samanje sisezinsukwini zaso zokugcina. (IsAm. 12:10, 12) Isimiso esibi sikaSathane esidala siyobhujiswa ngokuphelele, kodwa uMbuso kaNkulunkulu ngeke uzanyazanyiswe. Uyohlala phakade.—Dan. 2:44; Heb. 12:28.
3 UMbuso uyokwanelisa izifiso ezinhle zabo bonke abantu abalalelayo. Uyoletha impumuzo ekuhluphekeni okubangelwa yimpi, ubugebengu, ukucindezelwa nobumpofu. (IHu. 46:8, 9; 72:12-14) Bonke bayoba nenala yokudla. (IHu. 72:16; Isaya 25:6) Ukugula nokukhubazeka kuyoba yizinto zesikhathi esidlule. (Isaya 33:24; 35:5, 6) Njengoba isintu sifinyelela ekupheleleni, umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi, abantu bahlale ndawonye ngokuzwana.—Isaya 11:6-9.
4 Sibonisa ukuthi sifuna ukuba yizikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu ngendlela esiphila ngayo manje. Isigijimi soMbuso kufanele sithonye yonke inkambo yethu yokuphila, kuhlanganise nemigomo yethu nezinto eziza kuqala. Ngokwesibonelo, nakuba sinesibopho sokondla imikhaya yethu, asinakuvumela iminako yezinto ezibonakalayo iminyanise izithakazelo zoMbuso. (Math. 13:22; 1 Thim. 5:8) Kunalokho, kumelwe silalele umyalo kaJesu: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto [izinto ezibonakalayo esizidingayo ukuze siphile] ziyonezelwa kini.”—Math. 6:33.
5 Kuyaphuthuma ukuba abantu bezwe isigijimi soMbuso futhi benze ngokuvumelana naso kusenethuba. Kwangathi singabasiza ukuba benze kanjalo ‘ngokusebenzisa ikhono lokukholisa ngokuphathelene nombuso kaNkulunkulu.’—IzE. 19:8.