Phatha IZwi LikaNkulunkulu Ngokufanele
1 Lapho efakaza kwesinye isikhulu, ‘uFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala ngomBhalo [othile], wamemezela kuso izindaba ezinhle ngoJesu.’ (IzE. 8:35) UFiliphu ‘wayephatha izwi leqiniso ngokufanele.’ (2 Thim. 2:15) Nokho, namuhla ababonisi abajikelezayo baye baphawula ukuthi abamemezeli abaningi abasavamile ukulisebenzisa iBhayibheli lapho befakaza. Uyalisebenzisa yini wena iBhayibheli enkonzweni yakho?
2 IZwi likaNkulunkulu liwumthombo wakho konke esikukholelwayo nesikufundisayo. (2 Thim. 3:16, 17) Yilo elidonsela abantu kuJehova futhi libafundisele ukuba bazuze ukuphila. Yingakho kubalulekile ukuba sisebenzise iBhayibheli enkonzweni yethu kunokumane sixoxe ngezihloko ezisithakazelisayo. (Heb. 4:12) Ngenxa yokuthi abantu abaningi kuncane abakwaziyo ngeBhayibheli, kudingeka silifunde ukuze sibabonise isiqondiso esiwusizo elisinikezayo nekusasa eliliphathele isintu.
3 Funda EBhayibhelini Ngokuqondile: Ungase uzame ukuya ensimini ungasiphethe isikhwama. Ungafaka izincwadi ezihanjiswayo esikhwameni esincane bese uphatha iBhayibheli ngesandla noma ulifake ekhukhwini. Khona-ke lapho uxoxa nomuntu, ungalikhipha iBhayibheli ngaphandle kokwenza umuntu oxoxa naye abe nomuzwa wokuthi uzama ukumshumayeza. Yiba sendaweni lapho oxoxa naye ezokwazi khona ukufunda nawe eBhayibhelini lakho. Mhlawumbe umcele ukuba afunde ivesi elithile ngokuzwakalayo. Iphuzu ligcizeleleka kakhudlwana lapho ekwazi ukubona lokho iBhayibheli elikushoyo kunalapho ezwa ngawe. Kuyiqiniso ukuthi ukuze umsize aqonde iphuzu lombhalo, kumelwe ugcizelele amazwi aqukethe lowo mqondo.
4 Intshumayelo YomBhalo Owodwa: Ngemva kokuzethula, ungase uthi: “Abantu babheka emithonjeni ehlukahlukene ukuze bathole isiqondiso ekuphileni kwabo. Ucabanga ukuthi yimuphi umthombo ongcono kunayo yonke wesiqondiso esiwusizo? [Mvumele aphendule.] Ucabangani ngala mazwi? [Funda IzAga 2:6, 7 bese ulindela impendulo.] Ukuhlakanipha kwabantu kuye kwabonakala kuntula ngendlela edabukisayo, kwaholela abantu abaningi ekuphelelweni yithemba. Nokho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi kuye kwabonakala kunokwethenjelwa futhi kuzuzisa.” Yibe usumbonisa incwadi oyihambisayo, futhi uqokomise isibonelo esisodwa kuyo sokuhlakanipha kukaNkulunkulu okuwusizo.
5 UJesu wasebenzisa imiBhalo ukuze asize abantu abanhliziyo ziqotho. (Luka 24:32) UPawulu wazifakazela ngokomBhalo izinto ayezifundisa. (IzE. 17:2, 3) Ukuqiniseka kwethu kuyokhula nenjabulo yethu yande enkonzweni njengoba siqhubeka siba nekhono ngokwengeziwe ekuphatheni iZwi likaNkulunkulu ngokufanele.