Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/01 k. 1
  • Uyini Umgomo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyini Umgomo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqondisa Abafundi ENhlanganweni Emelelwa Yigama Lethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Siza Abanye Ukuba Babe Khona Emihlanganweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • “Masiye Endlini KaJehova”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indlela Yokwenza Abafundi Ngencwadi Ethi Ulwazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 10/01 k. 1

Uyini Umgomo?

1 Kungani siqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya? Ukuze sidlulisele ulwazi nje, sithuthukise ukuphila kwabantu, noma sibenze babe nombono okahle ngekusasa? Cha. Umgomo wethu oyinhloko uwukwenza abafundi bakaJesu Kristu! (Math. 28:19; IzE. 14:21) Kungakho kudingeka ukuba labo esifunda nabo bahlanganyele nebandla. Intuthuko yabo engokomoya ihlobene ngokuqondile nokwazisa kwabo inhlangano yobuKristu.

2 Indlela Yokuwufinyelela: Zisuka nje, mcele ngokuqhubekayo umfundi ukuba abe khona emihlanganweni yebandla. (Heb. 10:24, 25) Mchazele indlela le mihlangano eyoluqinisa ngayo ukholo lwakhe, imsize enze intando kaNkulunkulu futhi imenze ajabulele ubudlelwane obakhayo nabanye abafisa ukukhonza uJehova. (IHu. 27:13; 32:8; 35:18) Amazwi akho abonisa uthando nokwazisa ngebandla nemihlangano ayoshukumisa isifiso sakhe sokuba abe khona.

3 Abasanda kuhlanganyela badinga ukuqonda ukuthi inhlangano kaJehova iwubuzalwane bomhlaba wonke. Baboniseni ikhasethi ye-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name nethi Our Whole Association of Brothers. Basizeni babone ukuthi uJehova usebenzisa izigidigidi zabantu abazinikezele emhlabeni wonke ukuba bafeze intando yakhe. Laba abasanda kuhlanganyela kufanele bazi ukuthi nabo bayamenywa ukuba bakhonze uNkulunkulu.—Isaya 2:2, 3.

4 Kujabulisa kakhulu ukubona umfundi weBhayibheli eba umfundi kaJesu weqiniso. Yilowo umgomo wethu!—3 Joh. 4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela