Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/01 k. 1
  • “Izwi LikaNkulunkulu . . . Linamandla”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Izwi LikaNkulunkulu . . . Linamandla”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Izwi LikaNkulunkulu . . . Linamandla”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Fundisa Ngendlela Ekholisayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Lisebenzise Ngokuphumelelayo IBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ingabe Uyalimelela IZwi LikaNkulunkulu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 5/01 k. 1

“Izwi LikaNkulunkulu . . . Linamandla”

1 “Izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla,” kubhala umphostoli uPawulu. (Heb. 4:12) Wayesho ukuthini ngalokho? Izwi likaNkulunkulu, noma isigijimi, esitholakala eBhayibhelini singaba nethonya elinamandla kubantu. Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kunamandla okushintsha ukuphila komuntu kube ngcono. Induduzo nethemba elilinikezayo kwenza abantu basondele kuMniki-kuphila, uJehova uNkulunkulu. Isigijimi salo singanikeza abanhliziyo ziqotho isiqalo endleleni eholela ekuphileni okuphakade. Nokho, ukuze siyibone le miphumela, kumelwe silisebenzise iBhayibheli lapho sifakaza kwabanye.

2 Funda Umbhalo Ngawo Wonke Amathuba: Kubonakala sengathi abamemezeli abaningi sebewuyekile umkhuba wokufunda iBhayibheli emizini. Ingabe kunjalo nangawe? Ngenxa yokuthi abantu abaningi babonakala bengenaso isikhathi sengxoxo ende, mhlawumbe nawe usuwele esijwayezini sokuhambisa incwadi kuphela noma umane ukhulumele umbhalo nje. Sikhuthaza bonke abamemezeli ukuba benze umzamo oqotho wokufunda okungenani ivesi elilodwa eBhayibhelini lapho beshumayela izindaba ezinhle, ukuze umuntu abone ukuthi ngempela isigijimi sethu sitholakala eZwini likaNkulunkulu.

3 Nakuba bembalwa abantu abakwenza umkhuba ukufunda iBhayibheli, ngokuvamile lisahlonishwa. Ngisho nabantu abamatasatasa ngokuvamile bathi gozololo kancane ukuze balalele isigijimi esifundwa ngokuqondile eZwini likaNkulunkulu. Lapho umbhalo ofanelekayo ufundwa ngemfudumalo futhi uchazwa kafushane, amandla ezwi likaJehova angaba nethonya elihle kolalele. Kodwa ungawaxhumanisa kanjani amazwi akho esethulo nokufunda ivesi eBhayibhelini?

4 Kuzame Lokhu Emsebenzini Kamagazini: Umbonisi ojikelezayo uyisebenzisa ngokuphumelelayo imiBhalo lapho ehlanganyela emsebenzini kamagazini. Uphatha iBhayibheli elincane ephaketheni lakhe. Ngemva kokubonisa umuntu omagazini futhi akhulumele isihloko kafushane, uvula iBhayibheli ngaphandle kokungabaza afunde ivesi elihambisana nesihloko. Lokhu kungenziwa ngokumane ubuze, “Ucabangani ngalesi sithembiso esikhuthazayo?” bese uqhubeka ufunda umbhalo owukhethile.

5 Kwenze umgomo wakho ukuhlanganyela ivesi elilodwa noma amabili eBhayibhelini nesilaleli sakho. Amandla alo ashukumisayo angavula indlela yokuba abantu abengeziwe basondezwe kuNkulunkulu.—Joh. 6:44.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela