Mesabeni UJehova Usuku Lonke
1 “Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha.” (IHu. 111:10) Kusishukumisela emisebenzini emihle futhi kusisize sidede ebubini. (IzAga 16:6) Lokhu kwesaba kuyinhlonipho ejulile ngoMdali wethu, kusishukumisela ukuba sigweme ukumdumaza nokungamlaleli. Kuyinto esidinga ukuyihlakulela futhi siyibonise usuku lonke.—IzAga 8:13.
2 Nsuku zonke, umoya wezwe likaSathane usicindezela ukuba sivumelane nezindlela zalo ezimbi. (Efe. 6:11, 12) Inyama yethu engaphelele inesono futhi ithambekela kokubi. (Gal. 5:17) Ngakho ukuze silalele imithetho kaJehova, sijabule futhi sithole ukuphila, kufanele simesabe usuku lonke.—Dut. 10:12, 13.
3 KumaHeberu 10:24, 25, siyalwa ukuba sihlangane ndawonye ukuze sikhuthazane “ikakhulu” kulezi zikhathi esiphila kuzo. Ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla kubalulekile ukuze sisinde kulezi zinsuku zokugcina. Ukwesaba kwethu ukudumaza uNkulunkulu kusishukumisela ukuba sibe khona emihlanganweni yebandla futhi siyibheke njengebalulekile. Labo abesaba uNkulunkulu bakubheka njengelungelo elingcwele ukuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu.
4 Ukulalela umyalo wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kungenye indlela esibonisa ngayo ukumesaba kwethu uNkulunkulu. (Math. 28:19, 20; IzE. 10:42) Umgomo oyinhloko womsebenzi wethu wokushumayela, ukusiza abanye ukuba bahlakulele ukwesaba uJehova futhi bazithobe entandweni yakhe. Lokhu sikufeza ngokwenza izimpindelo, silwele ukuqala izifundo zeBhayibheli zasemakhaya futhi sifundise abanye yonke imithetho kaNkulunkulu. Ngaleyo ndlela sibonisa ukwesaba uJehova nothando lwethu ngomakhelwane.—Math. 22:37-39.
5 Labo abangamesabi uNkulunkulu bayahluleka ukukhulisa isimo sengqondo sokwazisa izinto ezingokomoya, banqotshwe umoya wezwe obulalayo noma isimo sengqondo. (Efe. 2:2) Kwangathi ukuzimisela kwethu okunamandla kungaba ‘ukunikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu ngokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu nangovalo.’ (Heb. 12:28) Ngaleyo ndlela siyovuna izibusiso zalabo abesaba uJehova usuku lonke.