IBhokisi Lemibuzo
◼ Yini okufanele yenziwe uma isikhulumi esabelwe inkulumo yeningi singafiki ngesikhathi emhlanganweni?
Ngezikhathi ezithile, izimo ezingenakugwenywa ziyokwenza ukuba umzalwane angafiki ngesikhathi ukuzonikeza inkulumo ayabelwe. Uma kunesizathu sokukholelwa ukuthi uzofika kungekudala, abadala bangase banqume ukuqhubeka neSifundo Se-Nqabayokulinda; iNkulumo Yeningi ingalandela kamuva. Kuthiwani uma kuba sobala ukuthi isikhulumi ngeke sifike? Mhlawumbe omunye wezikhulumi zebandla anganikeza noma iyiphi inkulumo ayilungiselele.
Ngokuvamile ukulungiselela kahle kusengaphambili kuyayivimbela lenkinga. Umuntu olungiselela izikhulumi zenkulumo yeningi kufanele athintane nesikhulumi ngasinye okungenani kusasele isonto ukuze asikhumbuze ngesabelo saso. Isikhumbuzo kufanele sihlanganise isikhathi somhlangano, ikheli leHholo LoMbuso kanye nenombolo yocingo futhi asiyalele kahle indlela yokuza ehholo. Isikhulumi kufanele siyiqaphelisise lemininingwane. Kufanele sisithathe njengesibaluleke kakhulu lesi sabelo, senze noma iluphi ushintsho ezindabeni zaso ukuze sifeze lesi sabelo. Uma kuba khona isimo esingenakugwenywa esizosenza singakwazi ukusifeza lesi sabelo, kufanele sithintane ngokushesha nomuntu olungiselela izikhulumi zenkulumo yeningi ukuze akwazi ukuthola esinye isikhulumi. Kufanele kwenziwe wonke umzamo ukuze kugwenywe ukuhoxa ngomzuzu wokugcina. Uma isikhulumi sizophuza ukufika ngemizuzu nje embalwa, kufanele siqikelele ukuba sishayele eHholo LoMbuso ucingo ukuze abazalwane bazi ukuthi yini okufanele bayenze.
Ukwazisa izabelo zenkulumo yeningi, ukulungiselela kahle kusengaphambili, izikhumbuzo nokuqapha kungaqinisekisa ukuthi ibandla liyojabulela inkulumo yeningi ezuzisayo masonto onke.