Basize Baphinde Bakhonze
1 Eqaphela ingozi engokomoya engehlela amaKristu akanye nawo, umphostoli uPawulu wabhala: “Kakade sekuyihora lokuba niphaphame ebuthongweni, ngoba manje insindiso yethu isiseduze kakhulu kunangesikhathi siba amakholwa.” (Roma 13:11) UPawulu wayekhathazekile ngabafowabo abase bozela ngokomoya; wayelangazelela ukubavuselela baphinde bashisekele umsebenzi.
2 Kungashiwo ngempela ukuthi selilishonele lelizwe elidala futhi sekuzokusa kufike izwe elisha. (Roma 13:12) Sinesizathu esihle sokukhathazeka ngabafowethu asebeyekile ukuhlanganyela nathi njengabashumayeli bezindaba ezinhle. Ngonyaka wenkonzo odlule, eNingizimu Afrika kuphela, kwavuselelwa abamemezeli abangaphezu kuka-1300. Singabasiza kanjani abanye asebepholile ukuba baphinde bakhonze uJehova?
3 Lokho Abadala Abangakwenza: Abaningi asebepholile abakalilahli iqiniso; bamane nje sebeyekile ukushumayela ngenxa yokudumazeka, izinkinga zomuntu siqu, izinto ezibonakalayo, noma ezinye izinkathazo zokuphila. (Luka 21:34-36) Uma kungenzeka, kungcono kakhulu ukubasiza ngaphambi kokuba baphole. Unobhala webandla kufanele aqaphelise umqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla lapho ummemezeli eqala ukungawubiki njalo umsebenzi wenkonzo. Kungenziwa amalungiselelo okuhambela kokwalusa. Kufanele bazame ukuthola imbangela eyinhloko yenkinga nendlela abanganikeza ngayo usizo.—Bheka INqabayokulinda ka-September 15, 1993, amakhasi 20-3.
4 Indlela Abanye Abangasiza Ngayo: Iningi lethu linothile elimaziyo oye waphola. Kungenzeka ukuthi umuntu esasisondelene naye kakhulu ngaphambili. Yini esingayenza ukuze sisize? Kungani ungadluli nje kuye uyombona. Mtshele ukuthi uyamkhumbula kakhulu. Yenama futhi ube nesimo sokulindela okuhle. Zwakalisa ukukhathazeka kwakho ngaphandle kokusikisela ukuthi uyagula ngokomoya. Landisa okuhlangenwe nakho okwakhayo noma ezinye izinto ezinhle ezenziwa ibandla. Ngentshiseko mtshele ngoMhlangano Wesigodi ‘Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu’ ozoba sekupheleni konyaka, bese umkhuthaza ukuba abe khona. Ukuphinda ahlanganyele nebandla kungamsiza ngaphezu kwanoma yini enye. Sikisela ukuya naye emihlanganweni. Yazisa abadala ukuthi usabele kanjani.
5 Lapho umuntu obepholile ephinda eba khona emihlanganweni, ngokunokwenzeka uyozizwa ezenyeza lapho ebona abantu ayebazi ngaphambili. Ungambuzi ukuthi, “Ubukuphi?” Kunalokho, menze azizwe amukelekile. Mhilele engxoxweni. Methule kulabo angabazi. Hlala naye emhlanganweni, uqiniseke ukuthi uneculo kanye nokufundwayo. Mkhuthaze ukuba aphinde abuye, futhi usikisele ukumsiza uma kunesidingo.
6 Njengoba benothando olungokomzwelo olufudumele ngalabo abaye baduka, uJehova noJesu bayajabula lapho abanye belulama ngokomoya. (Mal. 3:7; Math. 18:12-14) Singaba nenjabulo efanayo uma siphumelela ukusiza abanye ukuba baphinde bakhonze uJehova.