Nikela Inkonzo Engcwele Imini Nobusuku
1 Siye sanikezwa ilungelo eliyingqayizivele. Elokuba ofakazi bakaJehova. Siyingxenye yenhlangano yomhlaba wonke yabavangeli abasetshenziswa uJehova ukufeza umsebenzi wokumemezela ngoMbuso omkhulu kunayo yonke eyake yenziwa! (Marku 13:10) Ngenxa yokuphuthuma kwezikhathi zethu, ingabe sihlanganyela kulomsebenzi ngezinga eligcwele ngangokunokwenzeka?
2 Asazi ukuthi bangaki ekugcineni abayosabela ekushumayeleni kwethu. UJehova usiqinisekisa ngokuthi kuyoba “isixuku esikhulu,” bonke abangamalungu aso babonakala ‘ngokunikela kuye inkonzo engcwele imini nobusuku.’ (IsAm. 7:9, 15) OFakazi abangaphezu kwezigidi ezinhlanu abamatasa kakade enkonzweni kaNkulunkulu abazona nje izilaleli ezinesithakazelo, noma abantu abeza nje emihlanganweni. Bayizisebenzi ezimemezela izindaba ezinhle emhlabeni wonke!
3 Nsuku zonke, kunamathuba okudumisa uJehova, enkonzweni yasensimini noma ngokwethukela. Cabanga ngobufakazi obukhulu obebunganikezwa ukuba ngamunye wethu ubethatha isinyathelo kuqala sokuhlanganyela iqiniso nomuntu nje oyedwa ngosuku. Ukwazisa kwethu uJehova kufanele kusishukumisele ukuba sikhulume ngaye ngentshiseko.—IHu. 92:1, 2.
4 Siza Abanye Banikele Inkonzo Engcwele: UJehova uyaqhubeka esibusisa ngokwanda. (Hag. 2:7) Ngonyaka wenkonzo odlule kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezilinganiselwa kwezingu-65 170 inyanga ngayinye emazweni akhonza ngaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika. Umgomo wethu ekufundeni nalaba bantu uwukubasiza babe abafundi bakaJesu. (Math. 28:19, 20) Abaningi babo kakade sebenze intuthuko enhle ngokuba khona njalo emihlanganweni. Sebeqalile kakade ukukhuluma nabantu abajwayelene nabo “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu” asebezifundile. (IzE. 2:11) Ingabe manje bangamenywa ukuba bahlanganyele enkonzweni yasobala?
5 Ngo-April kufanele senze umzamo okhethekile wokumema abasanda kuhlanganyela abafanelekayo, ukuba bahlanganyele nathi enkonzweni yasensimini. Ingabe ofunda naye usesivezile isifiso sakhe sokukwenza lokhu? Uma kunjalo, ingabe uyahlangabezana nezimfuneko ezingokomBhalo? (Bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 97-9.) Lapho umfundi enesifiso sokuhlanganyela enkonzweni yasensimini, xoxa ngalokhu nombonisi owengamele, oyohlela ukuba abadala ababili bayihlole lendaba. Uma umfundi efaneleka ukuba amukelwe njengommemezeli ongabhapathiziwe, mmeme ukuba ahlanganyele nawe ensimini. Ababonisi benkonzo nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele bakuqaphele ngokukhethekile ukusiza labo abafanelekayo ukuba baqale ukushumayela ngo-April.
6 Abazali bangase bacabangele ukuthi izingane zabo ziyafaneleka yini ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe noma cha. (IHu. 148:12, 13) Uma ingane yakho ifisa ukukhuluma enkonzweni yoMbuso futhi inokuziphatha okuhle, ungaxoxa ngalendaba nomunye wabadala abasekomitini yenkonzo. Ngemva kokubonana nawe nengane, abadala ababili bayonquma ukuthi iyafaneleka yini ukubalwa njengommemezeli noma cha. Kunesizathu esikhethekile sokujabula lapho izingane zihlanganyela nathi ekudumiseni uNkulunkulu!
7 UJehova kuphela ofanelwe inkonzo yethu engcwele. (Luka 4:8) Kwangathi ngamunye wethu angasebenzisa leli lungelo lethu elimangalisayo ukuze amdumise “kakhulu.”—IHu. 109:30, qhathanisa ne-NW; 113:3.