Yibani Abenzi—Ningabi Abezwayo Kuphela
1 AmaKristu eqiniso namuhla asithatha ngokungathi sína iseluleko seBhayibheli sokuba abenzi bezwi, angabi abezwayo kuphela. (Jak. 1:22) Lokhu kuwenza ehluke kakhulu kulabo, abathi nakuba bevuma ukuthi bangamaKristu, benze nje inkonzo yomlomo kuNkulunkulu. (Isaya 29:13) UJesu washo ngokucacile ukuthi yilabo kuphela abenza intando kaNkulunkulu abayosindiswa.—Math. 7:21.
2 Ukukhulekela okungenayo imisebenzi yokuhlonipha uNkulunkulu akusho lutho. (Jak. 2:26) Ngakho kufanele sizibuze, ‘Imisebenzi yami ibonisa kanjani ukuthi ukholo lwami luqotho? Yini ebonisa ukuthi ngempela ngiphila ngokuvumelana nalokho engikukholelwayo? Ngingamlingisa kanjani uJesu ngokugcwele?’ Izimpendulo eziqotho kulemibuzo zizosisiza ukuba sibone ukuthi iyiphi intuthuko esiyenzile noma okusadingeka siyenze ekwenzeni intando kaNkulunkulu.
3 Njengabalandeli bakaJesu, kufanele sibe nomgomo oyinhloko ekuphileni ofana nalowo owashiwo umhubi: “Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke; igama lakho siyalibonga kuze kube-phakade.” (IHu. 44:8) UbuKristu buyindlela yokuphila ebonakala nsuku zonke nakukho konke esikwenzayo. Yeka ukwaneliseka esikutholayo lapho sibonisa isifiso sethu esisuka enhliziyweni sokudumisa uJehova kuyo yonke imisebenzi yethu!—Fil. 1:11.
4 Ukudumisa UJehova Kuhilela Okungaphezu Kokuphila Ukuphila Okuqotho: Ukube uNkulunkulu ubefuna ukuphila okucocekile kuphela, besiyovele nje sigxile ekulungiseni ubuntu bethu. Nokho, ukukhulekela kwethu kuhilela nokumemezela kabanzi ubuhle bukaJehova nokwenza igama lakhe laziwe!—Heb. 13:15; 1 Pet. 2:9.
5 Ukushumayela obala izindaba ezinhle kungomunye wemisebenzi ebalulekile esiyenzayo. UJesu wazinikela kulomsebenzi ngoba wayazi ukuthi usho ukuphila okuphakade kulabo abayolalela. (Joh. 17:3) Namuhla ‘inkonzo yezwi’ ibaluleke ngendlela efanayo; iwukuphela kwendlela abantu abangasindiswa ngayo. (IzE. 6:4; Roma 10:13) Siqaphela izinzuzo ezifinyelela kude, singabona ukuthi kungani uPawulu aseluleka ukuba ‘sishumayele izwi’ futhi ‘sibe kulo sinomuzwa wokuphuthuma.’—2 Thim. 4:2.
6 Kufanele simdumise ngezinga elingakanani uJehova ekuphileni kwethu? Umhubi uthi wayecabanga ngakho usuku lonke. Ingabe nathi sizizwa ngaleyo ndlela? Yebo, futhi siyobheka ukuhlangana nanoma imuphi umuntu njengethuba lokukhuluma ngegama likaJehova. Siyofuna amathuba afanelekayo okuqondisa ingxoxo ezintweni ezingokomoya. Siyozama nokuhlanganyela njalo emisebenzini yenkonzo yasensimini ehlelwe ibandla. Labo izimo zabo ezibavumelayo bangayicabangela ngokungathi sína inkonzo yobuphayona, ngoba lokhu kusisiza ukuba senze umsebenzi wokushumayela uze kuqala ekuphileni kwethu kwansuku zonke. IZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngokuthi ngokuba abenzi bentando kaNkulunkulu abaphikelelayo, siyojabula.—Jak. 1:25.