Siza Abanye Baqaphele Ukuba Yinzuzo KweBhayibheli
1 UJesu walungiselela lokho abafundi bakhe ababekudinga. ULuka 24:45 uyabika: “Wavula izingqondo zabo ngokugcwele ukuze baqonde okushiwo imiBhalo.” Wayazi ukuthi uma befuna ukuvunyelwa uYise, kwakubalulekile ngabo ukufunda nokuqonda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. (IHu. 1:1, 2) Umsebenzi wethu wokushumayela unenjongo efanayo. Umgomo wethu uwukuqala izifundo zeBhayibheli, lapho ‘singafundisa khona abantu ukugcina zonke izinto uJesu asiyale ngazo.’ (Math. 28:20) Sinalokhu engqondweni, nakhu okunye ukusikisela okumayelana nokuthi yini engaba usizo lapho wenza izimpindelo.
2 Uma ngaphambili nanixoxe ngencwadi ethi “Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu” ungase uqhube ingxoxo yakho ngalendlela:
◼ “Njengomuntu othanda inkolo, ucabanga ukuthi inkolo kufanele ikuthonye kanjani ukuziphatha komuntu? [Lindela impendulo.] Lokho uJesu Kristu akusho kuMathewu 7:17-20 kusinikeza iziqondiso zalokho inkolo yeqiniso okulindeleke ukuba ikulandele.” Funda umbhalo ngokuqondile osekugcineni kwesigaba 19 ekhasini 12 lencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Yibe usubuza umninikhaya ukuthi ubonani emfanekisweni osekhasini 13. “Nakuba izigidi zithi ziyakholelwa kuNkulunkulu, abaningi bayamphika ngemisebenzi yabo. [Funda imisho emibili yokuqala yesigaba 20.] Lezi zenzo zobudlova zibonisa izinkolo ezingasilandeli isiqondiso esanikezwa nguKristu sokuthandana, sokuthanda ngisho nezitha zethu. Ekuhambeleni kwami okulandelayo, mhlawumbe singaxoxa ngokuthi yini okumelwe ngabe inkolo iyayenza uma iveza izithelo ezinhle.”
3 Uma wakhuluma nothile owabonisa isithakazelo eBhayibhelini, mhlawumbe lendlela ingaphumelela ekuqaleni isifundo:
◼ “Cishe bonke abantu oxoxa nabo bayokutshela ukuthi bangathanda ukuhlala emhlabeni onokuthula nolondekile. Uma kuyilokho bonke abantu abakufunayo, kungani sinomhlaba ogcwele isiphithiphithi esingaka nobudlova? [Lindela impendulo.] INguqulo Yezwe Elisha ikubonisa ukuthi kukuphi eBhayibhelini lapho ungathola khona impendulo yalowo mbuzo.” Vula ikhasi 470, umbonise kwesithi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” uNo. 22a, “Lowo onecala ngezinkathazo zezwe.” Funda eyesi-2 Korinte 4:4. Chaza indlela uNkulunkulu azombhubhisa ngayo uDeveli futhi alethe umhlaba onokuthula okuhlala njalo nenjabulo. Funda isAmbulo 21:3, 4. Ungabe-ke sewuthi: “Esikhathini esizayo lapho ngibuya, ngingathanda ukukubonisa imibhalo ethile echaza ukuthi kungani ungabheka phambili ezweni elingenazo izinkathazo.”
4 Uma wasebenzisa indlela eqondile yokuqala isifundo futhi wathola ukusabela okuhle, ungase usho lokhu lapho uphindela:
◼ “Lapho sixoxa esikhathini esidlule, sakhuluma ngezizathu ezithile zokuthi kungani kuyinzuzo ukutadisha iBhayibheli. Umzamo oqotho wokukwenza kakhudlwana lokhu ungasisiza ukuba siqaphele lokho uNkulunkulu asigcinele khona. [Funda uJohane 17:3.] Siye senza isimiso sokutadisha iBhayibheli esiye sasiza izinkulungwane ukuba zifunde okwengeziwe ngalokho uNkulunkulu akuthembisile nangendlela esingamjabulisa ngayo.” Veza incwadi ethi Ungaphila Phakade, bukeza izihloko zezahluko, bese ubonisa indlela esiqhuba ngayo isifundo seBhayibheli.
5 Uma ungase ukwazi ukusiza abantu abaqotho ukuba baqaphele inzuzo engenakulinganiswa yeZwi likaNkulunkulu, uyobe ubasize ngendlela engcono kakhulu. Ukuhlakanipha abangakufunda ngokufunda amakhasi alo kungaba “ngumuthi wokuphila,” oyobalethela injabulo enkulu.—IzAga 3:18.