Khonza UJehova Ngaphandle Kokuphazamiseka
1 “Babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.” (IHu. 144:15) Ingabe lamazwi eNkosi uDavide aseyiqiniso, ngisho nakulezinsuku ezimbi? (Efe. 5:16) Yebo! AmaKristu asayithola injabulo ekukhonzeni uJehova. Izinto azisihambeli kalula ngaso sonke isikhathi. USathane usibangela izinkinga phakathi ‘nalezikhathi ezinzima,’ nokho asidumali. (2 Thim. 3:1, 2) Izimo eziya ziba zimbi zingobunye ubufakazi bokuthi isikhathi sesiseduze sokuba uMbuso kaNkulunkulu ushanele lelizwe elidala elonakele bese esikhundleni salo uletha izwe elisha elihlanzekile. (2 Pet. 3:13) Ubumnyama balelizwe abulifiphazi noma bulicime ilangabi lethemba lethu elijabulisayo; kunalokho, ithemba lethu loMbuso likhanya bhá kunanini. Awujabuli yini ngokukhonza uJehova njengenkanyiso kulelizwe elimnyama?—Fil. 2:15.
2 Njengabantu ngabanye, kufanele njalo siqaphele indlela esikhonza ngayo uJehova. Ngani? Ngoba uSathane uwuMphazamisi omkhulu. Esinye isichazamazwi sichaza elithi “ukuphazamisa” ngokuthi “ukuphambukisa,” “ukudonsela noma ukuqondisa (njengokunakekela komuntu) kwenye into noma ezintweni ezingefani ngesikhathi esisodwa,” kanye “nokuvusa imizwelo noma izisusa ezingqubuzanayo.” Kusukela uSathane alahlelwa phansi kulomhlaba, uye waphumelela “ukudukisa” isintu. Usebenzisa amacebo amaningi ukuze aphambukise ukunakekela komuntu ezimpikiswaneni zangempela zosuku lwethu. (IsAm. 12:9) Nakuba oFakazi BakaJehova beye bazikhandla ekushumayeleni ngoMbuso eminyakeni eyikhulu edlule, bangaki abantu abaziqaphelayo izimpikiswano ezibalulekile zokungcweliswa kwegama likaNkulunkulu nokulwelwa kobukhosi bakhe ngoMbuso kaNkulunkulu? Bambalwa kakhulu. (1 Joh. 5:19) Uma uSathane ekwazi ukuphazamisa izinkulungwane zezigidi zabantu kulomhlaba, ingozi enkulu ehlala ikhona iwukuthi angakwazi ukusiphazamisa nathi noma adonse ukunakekela kwethu ukuze sishiye inkonzo kaJehova. Ngokudabukisayo, abanye abafowethu baye badidwa iziphazamiso zikaSathane. Baye bavumela izingqondo zabo ukuba zidonselwe ezintweni ezihlukahlukene. Kunezinhlobonhlobo zeziphazamiso namuhla. Cabangela nje ezimbalwa zazo.
3 Izinkinga Zezomnotho Nothando Lwezinto Ezibonakalayo: Emazweni amaningi omhlaba, ukungasebenzi kanye nezindleko eziphakeme zokuphila kubangela ukukhathazeka. Yiqiniso, kufanele sizilungiselele thina kanye nemikhaya yethu ukudla, izingubo zokugqoka, kanye nendawo yokuhlala. Kodwa uma sizivumela ukuba sikhathazeke ngokweqile ngezidingo zokuphila, lokhu kukhathazeka kuyobusa ukucabanga kwethu. Ukuqhubeka kwethu siphila ngokwenyama kungaba yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwethu kunokuba sisekele impikiswano yoMbuso. Umphostoli uPawulu wanikeza iseluleko ngokuphathelene nalokhu kumaHeberu 13:5, 6. UJesu Kristu usiqinisekisa ngokuthi labo abafuna uMbuso kuqala akufanele bakhathezeke; uJehova ulungiselela lokho esikudinga ngempela. (Math. 6:25-34) Amaphayona kanye nezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele kuwo wonke umhlaba bangakufakazela lokhu ukuthi kuyiqiniso.
4 Izwe likaSathane lithuthukisa uthando lwezinto ezibonakalayo. Ukuzuza impahla eningi noma ukuyilondoloza kungamandla aqhubezelayo ekuphileni kwezigidi. Zazikhona iziphazamiso ezinjalo osukwini lukaJesu. Insizwa ewumbusi ocebile yabuza uJesu ukuthi yini okwakudingeka iyenze ukuze izuze ukuphila okuphakade. UJesu waphendula: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” (Math. 19:16-23) Ngokusobala, impahla yayo eningi yezinto ezibonakalayo yayiphazamisa lensizwa ekukhonzeni uNkulunkulu ngomphefumulo wonke. Inhliziyo yayo yayigxile engcebweni yayo. UJesu wayazi ukuthi lensizwa yayiyozuza uma izethula umthwalo waleziziphazamiso. Zaziyivimbela ukuba izinikele ngokuphelele kuNkulunkulu. Kuthiwani ngawe? Ingabe uzithola usebenza amahora engeziwe emsebenzini wokuziphilisa ukuze nje ulondoloze indlela yokuphila osuyijwayele? Ingabe lokhu kuye kwayithinta inkonzo yakho kuJehova? Ingabe impahla yakho yezinto ezibonakalayo iminyanisa izithakazelo zoMbuso? (Math. 6:24) Ingabe ungakwenza ukuphila kwakho kube lula ukuze unikele ngesikhathi esengeziwe ezithakazelweni ezingokomoya?
5 Izindaba Ezivamile Zokuphila Kwansuku Zonke: Uma singaqapheli, singagxila kakhulu ezindabeni ezivamile zokuphila kangangokuba siqale ukudebeselela ukuphishekela izinto ezingokomoya. Khumbula abantu bosuku lukaNowa. Babematasa kakhulu ngezindaba zokuzijabulisa, bedla bephuza, begana bendisa nezingane zabo, kangangokuba abazange basinake isigijimi sikaNowa esiyisixwayiso esasiphathelene noZamcolo owawusondela. Bengazelele, uZamcolo wafika wabakhukhula bonke. Iziphazamiso kubo zasho imbubhiso. UJesu wathi: “Kuyakuba-njalo ukufika kweNdodana yomuntu.” (Math. 24:37-39) Ngempela, abantu abaningi namuhla banake kakhulu ukuphila kwabo siqu ukuba bangalalela isigijimi esiyisixwayiso esisiletha kubo. Izinto ezingokomoya abazinaki ngendlela eshaqisayo.
6 Ingabe ukuphila kwakho kuminyaniswe imisebenzi yokuzilibazisa kangangokuba izindaba ezingokomoya ziya zinganakwa? Kwesinye isenzakalo, uJesu wamenyelwa ekhaya likaMarta noMariya. UMariya walalelisisa lokho ayekusho. Ngakolunye uhlangothi, uMarta “[wayephazanyiswe, NW] ukusebenza okuningi.” UMarta wayekhathazeke ngokweqile ngokuba asiphathe kahle isivakashi sakhe. Wahluleka ukuqaphela isidingo sokuzinika isikhathi sokulalela uJesu. Ngomusa wabonisa uMarta ukuthi kwakungadingekile enze isiphihli sedili; izinto ezingokomoya ezidinga ukukhathalelwa kakhulu. Ingabe kuyadingeka usebenzise lesoseluleko? (Luka 10:38-42) UJesu waxwayisa nangokuthi kufanele siziqaphele ngokwethu ukuze singaminzi futhi siphuze kakhulu, sithuntubeze imizwa yethu. Kulelihora elibucayi kangaka lomlando wesintu, sidinga ukuqapha ngokuphelele.—Luka 21:34-36.
7 Ukuphishekela Izinjabulo: Esinye seziphazamiso ezinkulu kakhulu uDeveli azisebenzisayo ukuze asuse ukunaka empikiswaneni yoMbuso ukuphishekela izinjabulo. Izigidi ezikweLobukholwa ziye zabeka injabulo endaweni kaNkulunkulu. Zikhetha ukujatshuliswa ukwenza okuthile kokuzilibazisa kunokuba nesithakazelo esiqotho eZwini likaNkulunkulu. (2 Thim. 3:4) Yiqiniso, ukuzijabulisa nokuzilibazisa okunempilo akukubi ngokwakho. Kodwa ukuchitha isikhathi esiningi kakhulu isonto ngalinye ezintweni ezinjengethelevishini, amabhayisikobho, ama-video, imidlalo, ukufunda izincwadi zezwe, noma okuthile kokuzilibazisa kungasenza sibe nenhliziyo ekhohlisayo futhi kusidedisele kude noJehova. (Jer. 17:9; Heb. 3:12) Kungenzeka kanjani lokho? Phakathi nemihlangano yobuKristu, ungathola ukuthi ingqondo yakho iyazula; ungase ngisho ufise nokuthi umhlangano uphele ukuze uyoqhubeka nezinjabulo. Ngokushesha, ungazithola ufuna izizathu zokuhlala ekhaya kunokuya emihlanganweni noma ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Manje isikhathi sokuthola ngokucacile ukuthi leminako iye yaba iziphazamiso yini ekuphileni kwakho. (Luka 8:14) Ingabe amanye amahora ayigugu adliwa ukuzijabulisa ngeke yini asetshenziswe kangcono ekuzakheni ngokomoya?
8 Izinto Eziseceleni Ezidla Isikhathi: Abanye baye babambeka ekwenzeni imizamo yokuxazulula izinkinga ezivamile emphakathini wanamuhla. AmaKristu kufanele agweme ukuhileleka ezimpikiswaneni ezingapheli zalelizwe eziphathelene nezindaba zomphakathi noma ukuba yize komshikashika wawo wokulungisa ukungabi nabulungisa. (Joh. 17:16) Konke lokhu kuyingxenye yecebo likaSathane lokusenza singasinaki iseluleko seBhayibheli nephuzu eliyinhloko lokuthi kunekhambi elilodwa elihlala njalo—uMbuso kaNkulunkulu. Uma siye salimala noma sabhekana nokungabi nabulungisa, kufanele sigweme ukuba nomoya wokuziphindiselela noma ukuthatheka ngokomzwelo kangangokuba sikhohlwe nokuthi singobani—oFakazi BakaJehova. Ngaphezu kwakho konke, uJehova owoniwe, futhi igama lakhe okufanele silingcwelise.—Isaya 43:10-12; Math. 6:9.
9 Nakuba wonke umuntu efuna ukulondoloza isilinganiso esithile sempilo enhle, ukulalela ngokweqile imibono eminingi kanye namakhambi anikezwayo kungenza umuntu akhathalele ngokweqile izindaba zempilo. Kunenqwaba yabantu abatusa izinhlobonhlobo zokudla, izinhlobo zokwelashwa, nezindlela zokuqeda izinkinga ezingokomzimba nezingokomzwelo, eziningi zazo eziphikisanayo. Lokho umuntu akwenzayo ezindabeni zempilo kuyisinqumo somuntu siqu, uma nje kungangqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Masilondoloze njalo ukuthembela kwethu okuphelele eMbusweni kaNkulunkulu njengowukuphela kwekhambi langempela lezifo zesintu.—Isaya 33:24; IsAm. 21:3, 4.
10 Yibani Abagxilile, Abangaxegi: Njengoba isiphelo sisondela, uSathane uyokwandisa imizamo yakhe yokukuphazamisa enkonzweni yakho kuJehova. ‘Melana naye uqinile ekukholweni.’ (1 Pet. 5:9) Kanjani? Kufanele uzondle ngemicabango kaNkulunkulu. (Math. 4:4) Ungazivumeli iziphazamiso zezwe ziphuce wena nomkhaya wakho isikhathi enisidingayo sokuzindla nokucabanga buthule ngeZwi likaNkulunkulu. Ngezikhathi zokudla zomkhaya, xoxani ndawonye ngokuhlangenwe nakho okwakhayo kanye nezinye izindaba ezingokomoya. Namathela esimisweni esingashintshi sesifundo somuntu siqu nesokulungiselela imihlangano.
11 Lapho izinkinga zenza ingqondo yakho ingahleleki, phonsa imithwalo yakho kuJehova ngomthandazo. Qiniseka ukuthi uyakukhathalela. (1 Pet. 5:7) Ukuthula kukaNkulunkulu makulondoloze inhliziyo yakho namandla engqondo yakho. (Fil. 4:6, 7) Ungavumeli iziphazamiso zifiphaze umbono wakho ongokomoya. UJehova makabe phambi kwakho njalo, njengoba kwenza uJesu. (IzE. 2:25) Gcina umbono wakho ugxile phambili emgomweni wakho, njengoba izAga 4:25-27 zisikhuthaza: “Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho. Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane, ziqine zonke izindlela zakho. Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo.”
12 Ngokwethembeka yiba khona kuyo yonke imihlangano, futhi uzithibe ukuze ulalele iseluleko seZwi likaNkulunkulu. (Heb. 2:1; 10:24, 25) Kunokuba ufune izinjabulo ezinikezwa yilelizwe elonakele, kwenze umgomo wakho ukulondoloza inkonzo ekhiqizayo. Yilokho okuletha injabulo nokwaneliseka okuhlala njalo. (1 Thes. 2:19, 20) Okokugcina, ungavumeli lutho noma umuntu othile akuphazamise enkonzweni yakho engcwele. “Yibani-ngabagxilile‚ abangaxegiyo‚ abavamé njalo emsebenzini weNkosi‚ nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.”—1 Kor. 15:58.