Qhubekani Nithela Izithelo Ngokukhuthazela
1 Lapho ebhalela ibandla laseKolose, eminyakeni engaphansi kwengu-30 ngemva kokufa nokuvuka kukaJesu Kristu, umphostoli uPawulu wayengathi iqiniso lezindaba ezinhle lalithela izithelo futhi landa kuwo wonke umhlaba. (Kol. 1:5, 6) Ngezinga elikhulu kakhulu namuhla, oFakazi BakaJehova baye bafinyelela ngokoqobo “ekugcineni komhlaba” ngezindaba ezinhle zoMbuso. (IzE. 1:8; Joh. 14:12) Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1989, kwaba nokwanda kwamaphesenti angu-5,6 esilinganisweni sabamemezeli boMbuso emhlabeni wonke, futhi safinyelela inani elisha labamemezeli abangu-3787-188 emazweni angu-212!
2 Emazweni lapho ukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu kuvinjelwe khona nemibiko ingaphelele, kwabikwa ukwanda okukhulu ngisho nangokwengeziwe kwamaphesenti angu-7,6! Naphezu kwezinkinga eziningi ezikulawomazwe, abamemezeli bayaqhubeka ‘bethela izithelo ngokukhuthazela.’ (Luka 8:15, qhathanisa neNW.) Kwezinye izindawo ukucindezeleka kuye kwadamba, kodwa izimo ezinzima ziqhubeka zinjalo kwamanye amazwe.
3 Emazweni lapho kunenkululeko enkudlwana yokuqhubeka nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso, sibhekana nezinkinga ezihlukile. Kubhekwana nokunganaki nokungabi nandaba okukhulu, ikakhulukazi lapho kunokuchuma khona ngokwezinto ezibonakalayo. Izinceku zikaJehova kumelwe ziqaphele ukuba zingabi nesimo sengqondo esinjalo. Asifuni ukuba izithakazelo zezinto ezibonakalayo, injabulo, ukuzilibazisa, nezinye iziphazamiso kukhubaze imisebenzi yethu engokwasezulwini. Ngaphandle kwalokho siyoba abangenandaba futhi siyohluleka ukuqaphela isidingo sokuqhubeka sithela izithelo ngokukhuthazela.—Luka 21:34-36.
UKUKHUTHAZELA NOKUZIKHANDLA KUYADINGEKA
4 Ukukhuthazela kuyimfuneko kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nokuphikiswa kwezindaba ezinhle noma sinenkululeko ethile yokuqhubeka nemithwalo yethu yemfanelo yobuKristu. Kwamanye amazwe, abazalwane bethu sebenamashumi eminyaka besebenza ngaphansi kwezimo ezimbi. Ukukhuthazela kwabo ngaphansi kosizi olunjalo kuye kwaveza isimo esamukelekayo, futhi manje bavuna izibusiso ezicebile. (Roma 5:3-5; Gal. 6:9) Kungakhathaliseki ubunzima esingase sibhekane nabo, sifuna ukuqhubeka sikhuthazela. Ubufakazi boMbuso kumelwe bunikezwe, futhi sonke kumelwe siqhubeke sibonisa ubuqotho bethu. Ngokukhuthazela kwethu, siyozuza imiphefumulo yethu, noma ukuphila.—Marku 13:10; Luka 21:19.
5 Singabonisa ukuthi asizithathi kalula izinto ezingokomoya ngokuzikhandla ngenkuthalo enkonzweni kaJehova, singakhathali emsebenzini wokushumayela. Kwamanye amazwe lapho izinto zokuhamba ziyindlala khona, lapho izidingo ezingokwenyama eziyisisekelo zintuleka khona, nalapho kunezinkinga ezingokomnotho khona, akukho ukuyekethisa ekushumayeleni izindaba ezinhle. Emazweni ambalwa anjalo, ngokuvamile abamemezeli bebandla banesilinganiso samahora enkonzo yasensimini angu-14 kuya kwangu-17 inyanga ngayinye. Izibalo zawo zamaphayona nazo zinyuka njalo. Kwenza labo kithi abanezinto eziningi ezibonakalayo bame bacabange. Ingabe singakwandisa ukuhlanganyela kwethu njalo kulomsebenzi obaluleke kakhulu wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi?
INGABE SINGENZA OKWENGEZIWE?
6 Ukusebenzisa isikhathi esengeziwe enkonzweni yasensimini kungase kudinge ukushintsha izimiso zethu kancane. Uma besisebenza ihora enkonzweni yasensimini ngeSonto, singaselula yini mhlawumbe lesosikhathi ngokusebenza elinye ihora senza izimpindelo noma siqhuba isifundo seBhayibheli? Noma uma sisiqhuba isifundo seBhayibheli, singanezela yini ngehora noma ngaphezulu enkonzweni yendlu ngendlu noma senze izimpindelo ezimbalwa ngaphambi kwesifundo? NgoMgqibelo ngemva kokusebenza amahora amabili emsebenzini kamagazini, mhlawumbe singahambisa omagazini emzileni kamagazini esiye sawuhlakulela noma sizame ukwenza izimpindelo ezimbalwa. Labo abahlala endaweni esedolobheni bangase bakuthole kulula ukusebenzisa isikhathi esithile ekufakazeni kwasemgwaqweni. Ngalezi noma ezinye izindlela, singakwazi ukwandisa ukuhlanganyela kwethu enkonzweni yasensimini. Imiphumela emihle nayo iyokwanda.
7 Ngokungangabazeki ukusebenza isikhathi esengeziwe enkonzweni yasensimini senza izimpindelo kuyophumela ekuqhutshweni kwezifundo zeBhayibheli ezengeziwe. Ngokuhamba kwesikhathi lokhu kuyosho abantu abengeziwe abangena eqinisweni nabasisizayo ukuba sifeze umsebenzi wokushumayela ngoMbuso.—Math. 28:19, 20.
UMTHANDAZO UBALULEKILE
8 Uma sizoqhubeka sithela izithelo ngokukhuthazela, kumelwe sifune isibusiso sikaJehova futhi sivumele ukuqondisa komoya wakhe. Kumelwe senze inkonzo yethu ibe indaba yomthandazo kuJehova. Lapho sithandaza kuJehova ngomsebenzi wethu wasensimini, sikhunjuzwa ukuthi siyizisebenzi ezikanye naye. (1 Kor. 3:9) Ngosizo lukaJehova, singakhuthazela enkonzweni yethu ngisho noma singayiboni ngokushesha imiphumela. Kwezinye izindawo, ukwanda kuye kwaba khona kuphela ngemva kweminyaka eminingi yokukhuthazela ngokwethembeka kwabamemezeli boMbuso. Njengoba sibheka esikhathini esizayo, kudingekile ukufuna njalo isiqondiso saphezulu nosizo ukuze singadangali kodwa sifeze inkonzo yethu ngokugcwele. (2 Thim. 4:5, qhathanisa neNW.) Kusenezithelo eziningi ezivelayo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi.
9 UJesu wagcizelela isidingo sokuba sithandaze njalo. (Luka 18:1) UPawulu wakhuthaza: “Khulekani ningaphezi.” (1 Thes. 5:17) Kunezizathu eziphuthumayo zokuba siphikelele ekuthandazeni manje. Kuhileleke imithwalo yemfanelo eminingi ekunakekeleni umhlambi okhulayo unyaka ngonyaka. Sifuna ukusiza abanye ukuba bathele izithelo ngokukhuthazela. Kumelwe kunikezwe ukunakekela ezidingweni ezihlukahlukene zabamemezeli ngabanye nezenhlangano iyonke. Ngenxa yokubona isidingo seminikelo yokusekela lomsebenzi nokwenza ukunyatheliswa okuqhubekayo kwezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kube nokwenzeka, sifuna ukuthandazela ukuba uJehova aqhubeke eshukumisa abantu abesaba uNkulunkulu ukuba babe abaphanayo kulendaba.—2 Kor. 9:8-11.
10 Njengoba izingxenye ezithile zensimu yomhlaba wonke zivulekela umsebenzi ongokwasezulwini ngezinga elikhulu kunanini ngaphambili, isikhuthazo esingokomBhalo esikwabaseKolose 4:2 siba nenjongo ngokwengeziwe: “Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.” Kumelwe sithandazele abazalwane bethu kuyo yonke indawo ukuba baqhubeke nokuthela izithelo, besiza abanye abanjengezimvu abatholakala ezindaweni obekunzima kakhulu ukufakaza kuzo esikhathini esidlule.
BONISA UKUBONGA
11 Yeka indlela esibonga ngayo ngenala yamalungiselelo angokomoya esiwajabulela kangaka! Sifuna ukubonga uJehova ngawo, futhi sithandazela isibusiso sakhe esiqhubekayo emsebenzini wenceku ethembekileyo neNdikimba yayo Ebusayo. Imizamo yabo yokuthobeka, neyokungakhathali ngenxa yethu nangenxa yabanjengezimvu emhlabeni wonke yaziswa kakhulu.
12 Ekuhlwanyeleni imbewu yoMbuso, kuye kwahanjiswa izincwadi eziningi kakhulu. (Math. 13:3-8, 18-23) Nokho, kunesidingo esiqhubekayo samaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli ensimini. Umbiko womhlaba wonke ubonisa ukuthi kuye kwenziwa ukuhlakula nokunisela okukhulu ngendlela yezimpindelo nezifundo zeBhayibheli zasekhaya. Njengoba siqhubeka nokwenza ingxenye yethu kulezici ezibalulekile zenkonzo yethu, sibonga uJehova ngesibusiso sakhe esiqhubekayo esikhulisa izinto. Ngempela, sithandazela lesosibusiso.—1 Kor. 3:6, 7.
EZINYE IZIDINGO
13 Ngenxa yokuba sezweni nakuba engeyona ingxenye yalo, amaKristu ayoqhubeka ebhekana novivinyo nezilingo, futhi zisazoba nzima kulezinsuku zokugcina. Amanye manje akhuthazelela ukushushiswa noma obunye ubunzima. Amanye kumelwe aqhubeke nemisebenzi yawo yobuKristu emazweni onakaliswe izimpi. Abazalwane bethu baye bahlangabezana nezinhlekelele ezinjengokuzamazama komhlaba, iziphepho, nezivunguvungu. Lapho lokhu kwenzeka, kumelwe sibathandazele abazalwane bethu abakulezozindawo. (Qhathanisa nezEnzo 12:5; 2 Korinte 1:11.) Ngezinye izikhathi kuba okudingekile ukuya noma ukubhalela iziphathimandla ezisezikhundleni eziphakeme ngokuvinjelwa komsebenzi wethu, ukushushiswa kwabazalwane bethu, noma ngezinye izindaba ezithinta izithakazelo zoMbuso. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, senza lokho esingakwenza ngokomuntu siqu, futhi siyathandaza ngokuphathelene nalabantu ukuba babe nesimo esihle ngasezincekwini esikanye nazo.—1 Thim. 2:1, 2.
14 Kunokucindezeleka okuningi okulethwa phezu kwemikhaya ephila ezweni elibi likaSathane. (2 Kor. 4:4) Imibhangqwana eshadile ingase ibhekane nezinkinga ezingathi sína. Kumelwe ikhuthazwe ukuba ithandazele isiqondiso saphezulu, futhi nathi singayithandazela. (1 Kor. 7:5; 1 Pet. 3:7) Izinhloko zemikhaya kumelwe ziqaphele ukuthi uJehova uyoyilalela imithandazo yazo eqotho yokucela isiqondiso ekwengameleni kahle imikhaya yazo. (AbAhl. 13:8; Fil. 4:6, 7) Abasha nabadala babhekene nezimo ezinzima. Zingaba sesikoleni, emsebenzini wokuziphilisa, lapho besohambweni, noma kwezinye izimo. Umthandazo usisiza ukuba silwisane nomoya walelizwe elibi futhi siqhubeke sithela izithelo njengoba siqhubeka nokwenza lokho okuthokozisayo emehlweni kaNkulunkulu.—Math. 6:13; Efe. 6:13-18; 1 Joh. 3:22.
15 UJehova unguMuzwi wemithandazo omkhulu. (IHu. 65:2) Ngazo zonke izikhathi sidinga ukuphonsa izinkathazo zethu kuye. (IHu. 55:22) Sinamathuba okubonisa ngomthandazo ukukhathalela kwethu zonke izithakazelo zoMbuso nenhlala-kahle yabazalwane bethu kuyo yonke indawo. Lapho sicabanga ngomsebenzi walabo abaholayo ebandleni nowalabo abaqondisa isimiso sokwanda emhlabeni wonke, lapho sisebenzelana nalabo abagulayo ngokomoya, noma lapho sinakekela ezinye izinkinga ezincane noma ezinkulu, sonke kumelwe sigcine izindaba ezinjalo ziphambi kukaJehova ngomthandazo. (1 Thes. 5:25; Jak. 5:14-16) Yebo, izinkathazo zethu kumelwe ziphonswe kuJehova ngethemba eligcwele lokuthi kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokuvumelana nentando yakhe, uyosizwa. (1 Pet. 5:7; 1 Joh. 5:14) Kwangathi singashiseka enkonzweni yoMbuso futhi sibheke njalo kuJehova ukuba asisize siqhubeke sithela izithelo ngokukhuthazela.