Isethulo
UCABANGANI?
Indaba yabagibeli bamahhashi abane iphakathi kwezindaba ezaziwa kakhulu encwadini yesAmbulo. Abanye iyabethusa. Abanye ibenza bafune ukwazi okwengeziwe. Phawula ukuthi iBhayibheli lithini mayelana neziprofetho ezifana nalesi:
“Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo nalabo abezwa amazwi alesi siprofetho.”—IsAmbulo 1:3.
Le Nqabayokulinda ichaza ukuthi yiziphi izindaba ezinhle laba bagibeli bamahhashi abane abasiphathele zona.