Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 8/1 kk. 3-4
  • Kwenzekani Kithi Lapho Sifa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwenzekani Kithi Lapho Sifa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafileyo bakusiphi isimo?
  • Siyini Ngempela Isihogo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Abafileyo Bazovuka!
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Uvuko—Lobani, Futhi Kuphi?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Sikhona Ngempela Yini Isihogo? Lithini IBhayibheli Ngesihogo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 8/1 kk. 3-4

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LAPHO UMUNTU EFA—INGABE ANGAPHINDE APHILE?

Kwenzekani Kithi Lapho Sifa?

Abantu abadala nezingane basemathuneni eduze kwebhokisi lomngcwabo

“Ngangicabanga ukuthi zintathu izindawo umuntu angaya kuzo lapho efa: izulu, isihogo nesihlanzo. Ngangazi ukuthi ngangingakufanelekeli ukuya ezulwini futhi ngangingemubi kangangokuba ngingaya esihogweni. Ngangingaqondi ukuthi kwenzekani ngempela esihlanzweni. Angikaze ngifunde ngaso eBhayibhelini. Yinto nje eyayishiwo abantu.”—ULionel.

“Ngafundiswa ukuthi bonke abantu baya ezulwini lapho befa, kodwa ngangingakukholelwa lokho. Ngangicabanga ukuthi lapho umuntu efa kuphelile ngaye—ngeke aphinde aphile.”—UFernando.

Ingabe uke wazibuza: ‘Kwenzekani ngempela lapho sifa? Ingabe abathandekayo bethu abafileyo bayahlupheka kwenye indawo? Ingabe siyophinde sibabone? Singaqiniseka kanjani?’ Sicela uhlole lokho okufundiswa imiBhalo. Okokuqala, ake sihlole lokho okushiwo iBhayibheli ngokufa. Sizobe sesixoxa ngethemba elinikezwa iZwi LikaNkulunkulu, iBhayibheli.

Abafileyo bakusiphi isimo?

IMPENDULO YEBHAYIBHELI: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngoba ukukhunjulwa kwabo sekulibalekile. Konke isandla sakho esikutholayo ukuba sikwenze, kwenze ngawo wonke amandla akho, ngoba akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eShiyoli, indawo oya kuyo.”a—UmShumayeli 9:5, 10.

Kalula nje, Ithuna liyindawo abantu abaya kuyo lapho befa, limelela ukungaphili noma ukungenzi lutho. Indoda ethembekile uJobe yayilibheka kanjani Ithuna? Yalahlekelwa yikho konke eyayinakho nezingane zayo ngosuku olulodwa, ngemva kwalokho yamilwa amathumba abuhlungu kakhulu emzimbeni wonke. Yancenga uNkulunkulu: “O ukube ubungangithukusa eShiyoli, [“esihogweni,” Catholic Douay Version] ukube ubungangigcina ngisithekile.” (Jobe 1:13-19; 2:7; 14:13) Kuyacaca ukuthi uJobe wayengabheki Ithuna njengesihogo somlilo, indawo ayeyohlushwa kuyo nakakhulu. Kunalokho, wayelibheka njengendawo yokuphumula.

Kunenye indlela yokwazi ukuthi abafileyo bakusiphi isimo. Singahlola ukulandisa kwemiBhalo ephefumulelwe ngabantu abangu-8 abavuswa kwabafileyo.—Bheka ibhokisi elithi “Abantu Abangu-8 Abavuswa Kwabafileyo Okukhulunywa Ngabo EBhayibhelini.”

Akekho noyedwa kulabo abangu-8 owakhuluma ngokuba sezulwini noma esihogweni. Ukube labo bantu abavuswa baya endaweni enjalo lapho befa, ngokuqinisekile bebeyofuna ukuxoxela abantu ngayo lapho bevuswa. Bekungeke yini lokhu kubhalwe eBhayibhelini ukuze bonke abantu bafunde ngakho? Akukho ukulandisa okunjalo emiBhalweni. Kuyacaca ukuthi kwakungenalutho laba abangu-8 ababengalusho. Kungani? Kungenxa yokuthi babelele bengezwa lutho. Empeleni, ngezinye izikhathi iBhayibheli lifanisa ukufa nokulala.—Johane 11:11-14.

Yiliphi ithemba abafileyo abanalo? Ingabe bangavuka kulobu buthongo?

a ENguqulweni Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, igama elithi “Ithuna” lihumusha igama lesiHebheru elithi “Shiyoli” nelesiGreki elithi “Hayidesi.” Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zisebenzisa igama elithi “isihogo,” kodwa inkolelo yokuthi abafileyo bahlushwa endaweni evutha amalangabi ayisekelwe eBhayibhelini.

ABANTU ABANGU-8 ABAVUSWA KWABAFILEYO OKUKHULUNYWA NGABO EBHAYIBHELINIb

Indodana yomfelokazi Umprofethi u-Eliya wavusa indodana yomfelokazi owayehlala eZarefati, enyakatho yakwa-Israyeli.—1 AmaKhosi 17:17-24.

Umfana waseShunemi U-Elisha, owaba umprofethi ngemva kuka-Eliya, wavusa umfana emzini waseShunemi wambuyisela kubazali bakhe.—2 AmaKhosi 4:32-37.

Indoda emathuneni Isidumbu sendoda eyayisanda kufa saphonswa ethuneni elalinamathambo ka-Elisha. Lapho umzimba wale ndoda uthinta amathambo omprofethi, le ndoda yaphila.—2 AmaKhosi 13:20, 21.

Indodana yomfelokazi waseNayini UJesu waphazamisa umngcwabo owawungaphandle komuzi waseNayini ukuze avuse insizwa eyayifile futhi ayibuyisele kunina owayedabukile.—Luka 7:11-15.

Indodakazi kaJayiru UJayiru owayeyisikhulu esengamele sesinagoge, wancenga uJesu ukuba asize indodakazi yakhe egulayo. UJesu wayivusa ngemva nje kokuba ifile.—Luka 8:41, 42, 49-56.

ULazaru, umngane kaJesu othandekayo Kwase kuyizinsuku ezine uLazaru efile lapho uJesu emvusa phambi kwabantu abaningi.—Johane 11:38-44.

UDorka Umphostoli uPetru wavusa lona wesifazane othandekayo owayaziwa ngezenzo zakhe eziningi zomusa.—IzEnzo 9:36-42.

U-Evitiku Insizwa egama layo lingu-Evitiku yawela phansi isuka efasiteleni eliphezulu, yafa; umphostoli uPawulu wayivusa.—IzEnzo 20:7-12.

b Isihloko esilandelayo sizobonisa ukuthi ukuvuswa kukaJesu okubaluleke kakhulu kwakuhlukile ekuvusweni kwalaba abangu-8.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela