IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
KUNGANI owesifazane owayeseve eminyakeni engu-60 ayeka ukukhulekela izithombe? Yini eyabangela umpristi wenkolo yobuShinto ukuba ashiye umsebenzi wakhe ethempelini ukuze abe isikhonzi esingumKristu? Owesifazane owakhuliswa abazali okungebona abakhe wabhekana kanjani ngokuphumelelayo nemizwa yokushiywa? Lalela njengoba bezilandisela.
“Angisesona Isigqila Sezithombe.”—U-ABA DANSOU
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1938
IZWE AZALELWA KULO: IBENIN
UMLANDO: WAYEKHULEKELA IZITHOMBE
UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela eSo-Tchahoué, endaweni eseduze kwechibi nethandwa amaxhaphozi. Abantu bendawo bangabadobi futhi bafuya izinkomo, izimbuzi, izimvu, izingulube nezinyoni. Ayikho imigwaqo, ngakho abantu bahamba ngezikebhe. Ngokuvamile izindlu zabo bazakha ngezingodo notshani, kodwa bakhona abakha ngezitini. Iningi labantu liyahlupheka. Noma kunjalo, ubugebengu abudlangile njengasemadolobheni.
Ngesikhathi ngiseyingane, ubaba wathumela mina nodadewethu omdala esigodlweni sokukhulekela izithombe futhi safundiswa izinkolelo zakhona. Lapho sengikhulile, ngaqala ukukhulekela uDudua (Oduduwa), unkulunkulu okhulekelwa isizwe samaYoruba. Ngamakhela iqhugwane futhi njalo ngangimenzela imihlatshelo ngobhatata, amafutha esundu, iminenke, izinkukhu, amajuba nezinye izilwane. Kwakudla ephaketheni ukwenza le mihlatshelo ngoba kwakuvame ukuthatha cishe yonke imali enganginayo.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli, ngathola ukuthi uJehova uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Ngafunda nokuthi akakwamukeli ukusetshenziswa kwezithombe ekukhulekeleni. (Eksodusi 20:4, 5; 1 Korinte 10:14) Kwangikhanyela okwakudingeka ngikwenze. Ngakho, ngakhuculula indlu yami, ngakhipha zonke izinto ezihlobene nokukhulekelwa kwezithombe. Ngayeka ukuya kubabhuli nokuhlanganyela emasikweni endawo nalawo enziwa uma kunemingcwabo.
Kwakungelula ukwenza zonke lezi zinguquko ngoba phela ngase ngevile eminyakeni engu-60. Abangane bami, izihlobo nomakhelwane bangiphikisa futhi bangenza inhlekisa. Ngathandaza kuJehova ngacela ukuba angiphe amandla okwenza okulungile. Angiduduza amazwi akuzAga 18:10 athi: “Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile. Olungileyo ugijimela kuwo athole isivikelo.”
Ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nakho kwangisiza. Ngalubona ngawami uthando lobuKristu; yangihlaba umxhwele nendlela abazama ngayo ukuphila ngemithetho yeBhayibheli ephakeme. Engakubona kwangenza ngakholwa ukuthi oFakazi BakaJehova bayinkolo yeqiniso.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kuye kwangisiza ukuba ngithuthukise ubuhlobo bami nezingane zami. Ngizwa futhi sengathi kususwe umthwalo emahlombe ami. Ngangivame ukusebenzisa imali yami ezithombeni ezingaphili, ezingazange zingizuzise ngalutho. Manje ngikhulekela uJehova, onikeza ikhambi laphakade ezinkingeni zethu zonke. (IsAmbulo 21:3, 4) Ngijabula kakhulu ngokuthi angisesona isigqila sezithombe, kunalokho sengiyisigqila sikaJehova! Ngiye ngathola ukulondeka kweqiniso nesivikelo kuye.
“Ngangilokhu Ngifuna UNkulunkulu Kusukela Ngiyingane.”—USHINJI SATO
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1951
IZWE AZALELWA KULO: IJAPAN
UMLANDO: WAYENGUMPRISTI WENKOLO YOBUSHINTO
UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela edolobheni elincane laseFukuoka Prefecture. Abazali bami babeyithanda kakhulu inkolo; kusukela ngisemncane bangifundisa ukuba ngihloniphe onkulunkulu benkolo yobuShinto. Ngesikhathi ngisengumfana, ngangicabanga kakhulu ngokusindiswa kwami futhi nganginesifiso esikhulu sokusiza abantu ezinkingeni zabo. Ngesikhathi ngisesesikoleni samabanga aphansi uthisha wasibuza ukuthi sifuna ukuba yini uma sesibadala. Izingane engangifunda nazo zazifuna ukuba yizinto ezinkulu, njengokuba ososayensi. Mina ngathi iphupho lami ukukhonza uNkulunkulu. Wonke umuntu wangihleka.
Ngemva kokuphothula umatikuletsheni, ngafundela ubufundisi. Phakathi nokuqeqeshwa kwami ngahlangana nompristi wenkolo yobuShinto owayevame ukufunda incwadi enoqwembe olumnyama ngesikhathi sakhe sokuphumula. Ngolunye usuku wangibuza: “Sato, uyayazi le ncwadi?” Ngangilwazi uqwembe lwale ncwadi, ngakho ngaphendula: “IBhayibheli.” Wathi: “Wonke umuntu ofuna ukuba umpristi wenkolo yobuShinto kufanele afunde le ncwadi.”
Ngaphuma ngaso leso sikhathi ngayothenga iBhayibheli. Ngalibeka eshalofini lezincwadi endaweni ebonakala kahle futhi ngaliphatha kahle. Kodwa angizange ngizinike isikhathi sokulifunda, ngoba ngangihlale ngimatasa kakhulu esikoleni. Lapho ngiphothula izifundo zami, ngaqala ukusebenza esigodlweni njengompristi wenkolo yobuShinto. Iphupho lami lasebuntwaneni lafezeka.
Nokho, kungakabiphi ngathola ukuthi ukuba umpristi wenkolo yobuShinto kwakungekhona lokho engangikulindele. Abapristi abaningi babengenalo uthando futhi bengabakhathaleli abanye abantu. Abaningi babengenalo nokholo. Omunye wabapristi abakhulu weza kimi wathi: “Uma ufuna ukuphumelela lapha, kumelwe ukhulume ngefilosofi kuphela. Ukukhuluma ngokholo akuvunyelwe.”
Amazwi afana nalawa enza ngayingabaza inkolo yobuShinto. Nakuba ngaqhubeka nomsebenzi wami ethempelini, ngaqala ukuhlola ezinye izinkolo. Kodwa ayikho neyodwa ayayinokungcono. Lapho ngiqhubeka ngihlola ezinye, ngadumazeka ngokwengeziwe. Ngabona sengathi ayikho inkolo eneqiniso.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngo-1988, ngahlangana nomBuddha owangikhuthaza ukuba ngifunde iBhayibheli. Ngakhumbula umpristi wenkolo yobuShinto owayengikhuthaze ukuba ngenze okufanayo. Nganquma ukukwenza lokho. Njengoba ngangiqala ukufunda iBhayibheli, ngehluleka ukulibeka phansi. Ngezinye izikhathi ngangilifunda ubusuku bonke.
Lokho engangikufunda kwangenza ngafuna ukuthandaza kuNkulunkulu weBhayibheli. Ngaqala ngomthandazo oyisibonelo okuMathewu 6:9-13. Ngangiwuphindaphinda njalo ngemva kwamahora amabili—ngisho nalapho ngenza imisebenzi yami ethempelini lobuShinto.
Nganginemibuzo eminingi ngalokho engangikufunda. Ngaleso sikhathi, ngase ngishadile futhi ngangazi ukuthi oFakazi BakaJehova bafundisa abantu ngeBhayibheli ngoba babeke bavakashela umkami esikhathini esidlule. Ngafuna uFakazi ngambuza imibuzo eminingi. Ngahlabeka umxhwele lapho eyiphendula ngeBhayibheli. Wahlela ukuba oFakazi bafunde nami iBhayibheli.
Ngemva nje kwalokho, ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngaleso sikhathi angizange ngiqaphele ukuthi phakathi koFakazi ababekhona kwakunabanye engangibaphathe kabi ngaphambili. Noma kunjalo, bangibingelela ngemfudumalo futhi bangenza ngazizwa ngisekhaya.
Kuleyo mihlangano, ngafunda ukuthi uNkulunkulu ulindele ukuba abayeni babonise uthando nenhlonipho emalungwini emikhaya yabo. Kuze kube yileso sikhathi, ngangingamnaki umkami nezingane zethu ezimbili ngoba ngangigxile kakhulu emsebenzini wami njengompristi. Ngaqala ukuqaphela ukuthi ngangibalalelisisa abantu ababeza ethempelini, kodwa ngangingakaze ngilalele umkami lapho efuna ukuthulula isifuba sakhe.
Esifundweni sami ngafunda izinto eziningi ngoJehova ezangenza ngasondela kuye. Ngathintwa ngokukhethekile imiBhalo efana neyabaseRoma 10:13 othi: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” Ngangilokhu ngifuna uNkulunkulu kusukela ngiyingane, futhi ekugcineni ngamthola!
Lapho ngisethempelini ngaqala ukuzizwa sengathi ngilahlekile. Ekuqaleni, ngangesaba ukuthi abantu bazothini uma ngiyiyeka inkolo yobuShinto. Kodwa ngangizitshele ukuthi ngizoyiyeka uma ngithola uNkulunkulu weqiniso kwenye indawo. Ngakho, entwasahlobo ka-1989, nganquma ukulandela unembeza wami. Ngashiya ethempelini, konke ngakubeka ezandleni zikaJehova.
Ukushiya ethempelini kwakungelula. Abapristi abakhulu bangithethisa futhi bazama ukungicindezela ukuba ngihlale. Nokho, okwakunzima nakakhulu kwakuwukutshela abazali bami. Lapho ngisendleleni ngiyobatshela, ngagajwa uvalo, kwaba buhlungu isifuba kwaxegezela namadolo. Njengoba ngangihamba endleleni, ngama izikhathi eziningi ngithandaza kuJehova ngimcela ukuba angiphe amandla nesibindi.
Lapho ngifika ekhaya, ngaqale ngesaba kakhulu ukukhuluma ngale ndaba. Kwadlula amahora amaningi. Ekugcineni, ngemva kokuthandaza kaningi, ngamchazela yonke into ubaba. Ngamtshela ukuthi sengimtholile uNkulunkulu weqiniso futhi ngiyayiyeka inkolo yobuShinto ukuze ngikhonze Yena. Ubaba washaqeka futhi wadumazeka. Ezinye izihlobo zeza ekhaya zazama ukungishintsha umqondo. Ngangingafuni ukuzwisa umndeni wami ubuhlungu, kodwa ngesikhathi esifanayo, ngangazi ukuthi kufanele ngikhonze uJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, umndeni wami wangihlonipha ngesinqumo engangisithathile.
Nakuba ngase ngikuyekile ukuya ethempelini, kwakusadingeka ngilungise ingqondo yami. Ukuphila njengompristi kwakusegazini. Ngazama kanzima ukukukhohlwa, kodwa yonke indawo yayingikhumbuza ukuphila kwami kwakudala.
Zimbili izinto ezangisiza ukuba ngigqashule kula mathonya. Okokuqala, ngafunisisa izinto endlini yami ezazihlobana nenkolo yami yangaphambili. Ngemva kwalokho ngazishisa zonke—izincwadi, izithombe ngisho nezinto zenkolo ezibizayo. Okwesibili, ngafuna amathuba amaningi ngangokunokwenzeka okuchitha isikhathi esiningi noFakazi. Bangisekela, baba abangane kimi futhi lokho kwangisiza kakhulu. Kancane kancane, ukuphila kwami kwakudala kwaqala ukuphuma engqondweni.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngangivame ukungamnaki umkami nezingane, okwakubenza bazizwe belahliwe. Kodwa lapho ngiqala ukuchitha isikhathi nabo, njengoba iBhayibheli lifundisa amadoda ukuba enze kanjalo, sasondelana. Ngokuhamba kwesikhathi, umkami wahlanganyela nami ekukhonzeni uJehova. Indodana yethu, indodakazi yethu nomyeni wayo bakhonza uJehova kanye nathi enkolweni yeqiniso.
Uma ngikhumbula iphupho lami lasebuntwaneni lokufuna ukukhonza uNkulunkulu nokusiza abantu, ngiyabona ukuthi ngikutholile konke engangikufuna—nokwengeziwe. Angazi ukuthi ngingambonga ngithini uJehova.
“Ngangazi Ukuthi Kukhona Engikuntulayo Ekuphileni.”—ULYNETTE HOUGHTING
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1958
IZWE AZALELWA KULO: ININGIZIMU AFRIKA
UMLANDO: WAYEZIZWA ELAHLIWE
UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eGermiston, idolobha lezimayini elinabantu abaphila ukuphila okusesigabeni esiphakathi futhi elingenabo kangako ubugebengu. Abazali bami banquma ukuba ngikhuliswe abanye abazali ngoba bebona ukuthi ngeke bakwazi ukunginakekela. Lapho nginezinsuku ezingu-14 nje ngizelwe, ngathathwa abashadikazi abanothando engababheka njengomama nobaba. Noma kunjalo, ngemva kokuba bengichazele imvelaphi yami, ngaqala ukuhlushwa imizwa yokuzizwa ngilahliwe. Ngangizibuza ukuthi kanti mina ngingubani nokuthi ngiphumaphi futhi ngaba nomuzwa wokuthi abazali bami bokutholwa abangiqondi.
Lapho ngineminyaka cishe engu-16, ngaqala ukuhamba izindawo zokuphuza utshwala. Kulezo zindawo, mina nabangane bami sasidansa silalele nomculo. Lapho ngineminyaka engu-17 ngaqala ukubhema. Ngangifuna ukuba nomzimba omncane ngifane nonobuhle engangibabona ezikhangisweni zikagwayi. Lapho ngineminyaka engu-19, ngaqala ukusebenza eGoli, futhi kungakabiphi ngajwayelana nabangane ababi. Ngokushesha ngase ngithuka inhlamba, ngiyixhwele futhi ngiphuza kakhulu ngezimpelasonto.
Nakuba kunjalo ngangiwuvivinya umzimba. Ngangizivocacoca njalo, ngidlala ibhola labesifazane neminye imidlalo. Ngangisebenza enkampanini yama-computer futhi ngizimisela emsebenzini. Ngakho, nganginemali yokuthenga noma yini engiyifunayo futhi abantu abaningi babengibheka njengomuntu onakho konke. Nokho, ngangingajabule neze. Ngangizizwa ngilahlekile futhi ukuphila kungidumaza. Ekujuleni kwenhliziyo, ngangazi ukuthi kukhona engikuntulayo ekuphileni.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli, ngathola ukuthi uJehova unguNkulunkulu wothando. Ngafunda nokuthi usibonise lolo thando ngokusipha iZwi lakhe, iBhayibheli. Kunjengokungathi usibhalele incwadi yokuqondisa izinyathelo zethu. (Isaya 48:17, 18) Ngabona ukuthi uma ngifuna ukuzuza esiqondisweni sakhe sothando, kufanele ngenze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwami.
Olunye ushintsho okwadingeka ngilwenze kwaba ukuyeka abangane. Ngazindla ngamazwi ezAga 13:20, athi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” Lo mBhalo wangisiza ukuba ngishiye abangane bami bakudala futhi ngenze abangane abasha phakathi koFakazi BakaJehova.
Inkinga yami enkulu kwaba ukuyeka ukubhema. Kancane kancane ngakwazi ukuyinqoba, kodwa ngabhekana nenye inkinga. Ukuyeka ukubhema kwabangela ukuba ngikhuluphale ngamakhilogremu angaphezu kwangu-13! Lokho kwangenza ngazenyeza; kwangithatha cishe iminyaka eyishumi ukuba ngehlise umzimba. Kodwa ngangazi ukuthi ngangenze kahle ngokuyeka ukubhema. Ngathandaza kuJehova ngokuphindaphindiwe, futhi wanginika amandla okuphumelela.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Manje impilo yami isingcono kakhulu. Nganelisekile—angisagijimisi injabulo engangicabanga ukuthi ngizoyithola ngokuba nomsebenzi, isikhundla nemali. Kunalokho, ngithola injabulo ngokuhlanganyela nabanye amaqiniso eBhayibheli. Abantu abathathu engangisebenza nabo sebekhonza uJehova kanye nami nomyeni wami. Ngaphambi kokuba abazali bami bokutholwa bashone, ngakwazi ukubatshela ngesithembiso seBhayibheli sovuko epharadesi emhlabeni.
Ukusondela kuJehova kuye kwangisiza ukuba ngibhekane ngokuphumelelayo nemizwa yokulahlwa. Ngokungifaka emkhayeni womhlaba wonke wabakhulekeli bakhe, uye wangenza ngazizwa ngisekhaya. Phakathi kwabo, ngithole omama, obaba, abafowethu nodadewethu abaningi.—Marku 10:29, 30.
[Isithombe ekhasini 12]
Phakathi koFakazi BakaJehova, ngiye ngathola uthando lobuKristu
[Isithombe ekhasini 13]
Ithempeli lobuShinto engangikhulekela kulo