“Phumelelisa Indlela Yakho”—Kanjani?
“IMPUMELELO”—igama elikhanga abantu abaningi! Abanye baye bafinyelela izikhundla eziphakeme futhi baphumelela ekutholeni ingcebo nasekuzenzeleni igama. Abanye babenamaphupho okuphumelela kodwa abhuntsha wonke.
Ngomqondo obanzi, impumelelo ixhomeke kulokho ogxilisa ukuphila kwakho kukho. Ezinye izici ezimbili ezibalulekile indlela osebenzisa ngayo isikhathi namandla akho nokuthi uyasithatha yini isinyathelo kuqala sokuphumelela.
AmaKristu amaningi aye athola ukuthi ukuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni kuye kwawalethela ukwaneliseka okukhulu. Ukwenza inkonzo yesikhathi esigcwele ibe umsebenzi wokuphila kwabo konke kuye kwasiza abasha nabadala ukuba baphumelele. Noma kunjalo, abanye bangase babe nomuzwa wokuthi inkonzo iyisidina futhi bayenze ize kamuva ekuphileni kwabo njengoba bephishekela eminye imigomo. Kungenziwa yini lokhu? Yini ongayenza ukuze ugweme ukulahlekelwa umbono walokho okubaluleke ngempela? ‘Ungayenza kanjani indlela yakho iphumelele’?—Josh. 1:8.
Imisebenzi Yangemva Kwesikole Neyokuzilibazisa
Intsha engamaKristu kudingeka ilinganisele phakathi kokukhonza uNkulunkulu weqiniso nokwenza eminye imisebenzi. Leyo elinganiselayo iyophumelela ekuphileni futhi kufanele inconywe kakhulu.
Nokho, enye intsha engamaKristu ihileleka kakhulu emisebenzini yangemva kwesikole neyokuzilibazisa. Leyo misebenzi ngokwayo ingase ingabi mibi. Nokho, intsha engamaKristu kufanele izibuze: ‘Le misebenzi iyodinga isikhathi sami esingakanani? Ingihlanganisa nabantu abanjani? Hlobo luni lomoya engisuke ngichayeke kulo lapho ngihlanganyela kuleyo misebenzi? Ukuphila kwami kungagcina kugxilephi?’ Cishe uyaqaphela ukuthi umuntu angangena shí emisebenzini enjalo kangangokuthi angabe esaba nesikhathi noma amandla okulondoloza ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Usungabona-ke ukuthi kubaluleke ngani ukuhlela izinto ngokubaluleka kwazo.—Efe. 5:15-17.
Cabanga ngoWiktor.a Uyalandisa: “Lapho ngineminyaka engu-12, ngajoyina iqembu le-volleyball. Ngokuhamba kwesikhathi, ngathola imiklomelo eminingi nezindondo. Nganginethuba lokuba umpetha.” Ngokuhamba kwesikhathi, indlela ukuphishekela kwakhe lo mdlalo okwakuthinta ngayo ingokomoya lakhe yamkhathaza. Ngolunye usuku, wazumeka esafunda iBhayibheli. Waqaphela nokuthi wayengasayijabuleli kangako inkonzo yasensimini. “Lo mdlalo wawuwaqeda wonke amandla ami, futhi kungakabiphi ngaqaphela ukuthi wawuqeda nentshiseko yami ngezinto ezingokomoya. Ngangazi ukuthi angenzi konke okusemandleni ami.”
Ngiphishekele Imfundo Ephakeme?
UmKristu unesibopho esingokomBhalo sokunakekela umkhaya wakhe, futhi lokhu kuhlanganisa ukuwondla. (1 Thim. 5:8) Noma kunjalo, ingabe ukwenza lokhu ngempela kudinga iziqu zasekolishi noma zaseyunivesithi?
Kungaba kuhle ukucabangela umphumela ukuphishekela imfundo ephakeme okungaba nawo ebuhlotsheni bomuntu noJehova. Ake sicacise lokhu ngokucabangela isibonelo esiseBhayibhelini.
UBharuki wayengunobhala womprofethi uJeremiya. Ngesinye isikhathi, wake waba nesifiso sokuvelela kunokuba agxile emalungelweni ayebe nawo ngokukhonza uJehova. UJehova wakubona lokhu futhi wathuma uJeremiya ukuba amxwayise: “Uqhubeka uzifunela izinto ezinkulu. Musa ukuqhubeka uzifuna.”—Jer. 45:5.
Iziphi “izinto ezinkulu” uBharuki ayeqhubeka ezifuna? Kungenzeka ukuthi walingeka ukuba azakhele igama esimisweni sezinto samaJuda. Kungenzeka nokuthi izinto ezinkulu ayezifuna kwakuwukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo. Kunoma ikuphi, wayeselahlekelwe umbono wezinto ezibaluleke kakhulu, izinto ezinenzuzo engokomoya. (Fil. 1:10) Nokho, kusobala ukuthi uBharuki wasilalela isixwayiso sikaJehova amnikeza sona ngoJeremiya ngaleyo ndlela wathola umphefumulo wakhe njengempango.—Jer. 43:6.
Singafundani kulokhu kulandisa? Iseluleko esatholwa uBharuki sibonisa ukuthi kwakukhona okungahambi kahle. Wayezifunela izinto ezinkulu. Uma ukwazi ukuzisekela, ingabe kudingeka ngempela ukuba uchithe isikhathi, imali namandla uthuthukisa imfundo ukuze ufinyelele izifiso zakho noma zabazali bakho noma ezezinye izihlobo?
Cabanga ngoGrzegorz, owenza izinhlelo ze-computer. Egqugquzelwe asebenza nabo, wathatha izifundo zokwenezela ezithatha isikhathi eside ukuze achwepheshe kulo mkhakha. Kungakabiphi akabange esaba naso isikhathi sezinto ezingokomoya. Uyakhumbula: “Ngangihlale ngingakhululekile. Unembeza wami wawungilahla ngoba ngingakwazanga ukufinyelela imigomo engokomoya engangizibekele yona.”
Ukungena Shí Emsebenzini
IZwi likaNkulunkulu likhuthaza amaKristu eqiniso ukuba asebenze kanzima futhi abe abaqashi nezisebenzi ezinokwethenjelwa. Umphostoli uPawulu wabhala: “Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.” (Kol. 3:22, 23) Nokho, nakuba ukuzikhandla emsebenzini kutuseka, kunokunye okudingekayo—ubuhlobo obuhle noMdali wethu. (UmSh. 12:13) Uma umKristu engangena shí emsebenzini wokuziphilisa, izinto ezingokomoya zingachilizelwa kalula endaweni yesibili.
Ukungena agamanxe emsebenzini wokuziphilisa kungaphuca umKristu amandla awadingayo okulondoloza ingokomoya lakhe futhi asize umkhaya wakhe. INkosi uSolomoni yabona ukuthi ‘umsebenzi onzima omningi’ uvame ukuhambisana “nokulwela ukufica umoya.” Uma umKristu engene shí emsebenzini wokuziphilisa, angagcina esenokucindezeleka okukhulu okuhlala isikhathi eside. Umuntu onjalo angagcina eseyisigqila somsebenzi aze atubeke. Uma kunjalo, ingabe ngempela ‘angajabula futhi abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima’? (UmSh. 3:12, 13; 4:6) Okubaluleke kakhulu, ingabe uyoba nawo amandla anele angokomzimba nangokomzwelo okufeza imisebenzi yakhe ekhaya nawokuhlanganyela emisebenzini engokomoya?
UJanusz, ohlala eMpumalanga Yurophu, wangena shí ebhizinisini lakhe lokunakekela izingadi. Uyakhumbula: “Abantu bezwe babengithanda ngoba kwakungadingeki ngilandelwe ngemuva futhi ngiwuqeda umsebenzi ngamunye engiwabelwe. Kodwa ngalimala ngokomoya futhi ngayeka ukuya enkonzweni yasensimini. Ngemva kwesikhashana, ngayeka ukuya emihlanganweni. Ngase ngiziqhenya kangangokuthi ngenqaba iseluleko sabadala futhi ngaba kude nebandla.”
Ungakwenza Ukuphila Kwakho Kuphumelele
Siye sacabangela izici ezintathu umKristu angangena shí kuzo, zilimaze ingokomoya lakhe. Ingabe sikhona kulezi esikubambile? Uma kunjalo, imibuzo, imiBhalo namazwi alandelayo kungase kukusize ubone ukuthi usendleleni eya empumelelweni yini ngempela.
Imisebenzi yangemva kwesikole nokuzilibazisa: Ugxile kangakanani kule misebenzi? Ingabe lezi zinto zidla isikhathi ngaphambili owawusisebenzisela izinto ezingokomoya? Ingabe uthola ubudlelwane namanye amaKristu bungasathakazelisi kangako? Uma kunjalo, kungani ungalingisi iNkosi uDavide, eyanxusa uJehova: “Ngazise indlela okufanele ngihambe ngayo.”—IHu. 143:8.
Umbonisi ojikelezayo wasiza uWiktor, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Lo mbonisi wathi kuye: “Uyashiseka lapho ukhuluma nge-volleyball.” UWiktor uthi: “Lokho kwangiphaphamisa. Ngabona ukuthi ngase ngikhukhulekile. Ngayeka ngokushesha ukuzihlanganisa nabangane bezwe engangidlala nabo futhi ngafuna abangane ebandleni.” Namuhla, uWiktor ukhonza uJehova ngentshiseko ebandleni lakubo. Nakhu akutusayo: “Buza abangane bakho, abazali noma abadala bebandla ukuthi akukho yini abakuphawulile ngemisebenzi yakho yesikole okubonisa ukuthi iyakusondeza noma iyakuqhelisa kuJehova.”
Kungani ungabonisi abadala bebandla ukuthi ungathanda ukufinyelela amalungelo engeziwe enkonzweni kaNkulunkulu? Ingabe ungabasekela asebekhulile abanesizungu noma abadinga usizo, mhlawumbe ubasize ngokuyobathengela noma ngemisebenzi yasekhaya? Kungakhathaliseki ukuthi ungakanani, ungakwazi ukuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele, utshele abanye ukuthi injabulo yakho isekelwe kuphi.
Imfundo ephakeme: UJesu waxwayisa ‘ngokuzifunela inkazimulo.’ (Joh. 7:18) Kungakhathaliseki ukuthi ingakanani imfundo yezwe onquma ukuyithola, ingabe uye ‘waqiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu’?—Fil. 1:9, 10.
UGrzegorz, umenzi wezinhlelo zama-computer, wenza izinguquko ezithile ekuphileni kwakhe. Wathi: “Ngalalela iseluleko sabadala, ngenza ukuphila kwami kwaba lula. Ngaqaphela ukuthi kwakungadingeki ngithuthukise imfundo yami. Lokho kwakuyomane kungephuce isikhathi namandla.” UGrzegorz wahileleka kakhudlwana emisebenzini yebandla. Ngokuhamba kwesikhathi wathola iziqu esikoleni manje esibizwa ngokuthi iSikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile. Yebo, ‘wathengisisa lelo thuba’ ukuze athuthukise imfundo yakhe yaphezulu.—Efe. 5:16.
Umsebenzi wokuziphilisa: Ingabe usungene shí emsebenzini wakho kangangokuthi izinto ezingokomoya uzichilizela eceleni? Uyazinika yini isikhathi esanele sokukhulumisana nomkhaya wakho? Ingabe uyalithuthukisa izinga lezinkulumo zakho ebandleni? Uyahlanganyela yini ezingxoxweni ezakhayo nabanye? “Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe,” futhi uyothola isibusiso sikaJehova esicebile, “ubone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.”—UmSh. 2:24; 12:13.
UJanusz, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, akazange athole impumelelo enkulu ebhizinisini lakhe lezingadi; kunalokho, lawa. Njengoba lalingasangenisi mali futhi esecwile ezikweletini, waphendukela kuJehova. UJanusz wahlela ukuphila kwakhe futhi manje usekhonza njengephayona elivamile nanjengomdala ebandleni. Uthi: “Lapho nganeliswa izinto eziyisisekelo futhi ngesikhathi esifanayo ngizinikela ezintweni ezingokomoya, ngiba nokuthula kwengqondo nokuzola kwenhliziyo.”—Fil. 4:6, 7.
Zinike isikhathi uzihlole ngokwethembeka izisusa zakho nezinto eziza kuqala kuwe. Ukukhonza uJehova kuyinkambo engaholela empumelelweni yokuphila kwakho konke. Yenza ukuphila kwakho kugxile kukho.
Kungase kudingeke wenze izinguquko ezithile, ngisho nokususa izinto ezithile ezingadingekile ukuze uzitholele ngokwakho “okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Kodwa ‘ungayiphumelelisa’ indlela yakho ngokumkhonza ngomphefumulo wakho wonke.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 31]
Ungayiphumelelisa Kanjani Indlela Yakho?
Njengoba kunezinto eziningi ezingakuphazamisa, ungakugwema kanjani ukulahlekelwa umbono wezinto ezibaluleke ngempela? Zinike isikhathi sokuhlola izisusa zakho nezinto eziza kuqala kuwe ngokuzindla ngemibuzo elandelayo:
IMISEBENZI YANGEMVA KWESIKOLE NEYOKUZILIBAZISA
▪ Uzichaya kumaphi amathonya lapho wenza leyo misebenzi?
▪ Ifuna isikhathi esingakanani?
▪ Kungenzeka yini ukuphila kwakho kugcine sekugxile kuyo?
▪ Ingabe idla isikhathi owawusisebenzisela izinto ezingokomoya?
▪ Hlobo luni lwabantu ozobe uzihlanganisa nabo?
▪ Ingabe labo bangane ubathola bethakazelisa kunamaKristu okanye nawo?
IMFUNDO EPHAKEME
▪ Uma ukwazi ukuzondla, kumelwe yini ngempela uchithe isikhathi, imali namandla ukuze uthuthukise imfundo yakho?
▪ Ingabe ngempela udinga iziqu zasekolishi noma zaseyunivesithi ukuze ukwazi ukuzondla?
▪ Uyokwazi yini ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla?
▪ Ingabe uye ‘waqiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu’?
▪ Ingabe kudingeka uqinise ukwethembela kwakho emandleni kaJehova okukunakekela?
UMSEBENZI
▪ Ingabe umsebenzi owukhethayo ukwenza ‘ujabule futhi ubone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakho onzima’?
▪ Ingabe ukushiya unamandla angokomzimba nangokomzwelo anele okufeza imisebenzi yakho yasekhaya nokuhlanganyela emisebenzini engokomoya?
▪ Uyazinika yini isikhathi esanele sokuxoxa nomkhaya wakho?
▪ Ingabe usungene kakhulu emsebenzini wakho kangangokuthi usuchilizela izinto ezingokomoya eceleni?
▪ Ingabe uye wathinta izinga lezinkulumo zakho ebandleni?
[Isithombe ekhasini 30]
UJehova wamxwayisa uBharuki ngesifiso sakhe sokuvelela