Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 8/1 kk. 10-13
  • Ukuphumelela Onyakeni Wenu Wokuqala Nishadile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphumelela Onyakeni Wenu Wokuqala Nishadile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungalindeli Izimangaliso
  • Izihluthulelo Ezimbili Zomshado Ohlala Njalo
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bachitha Imishado?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?—INgxenye 1
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukwenza Ukuphila Komkhaya Kube Yimpumelelo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 8/1 kk. 10-13

Izihluthulelo Zenjabulo Yomkhaya

Ukuphumelela Onyakeni Wenu Wokuqala Nishadile

Umyeni uthi: “Ngiyamangala ukuthi kanti mina nomkami siyimpumalanga nentshonalanga kangaka! Ngokwesibonelo, mina ngithanda ukusheshe ngilale, kodwa yena uthanda ukulala ebusuku kakhulu. Kodwa into engihlula kunazo zonke ukuqonda imizwelo yakhe eshintshashintsha njalo! Nakhu okunye okuxakayo—uma ngipheka uyangigxeka, ikakhulu uma ngisula izandla ngendwangu yezitsha.”

Inkosikazi ithi: “Umyeni wami uyisithuli. Mina ngijwayele abantu abaxoxayo ngoba ekhaya singabantu abavulekile. Asive sixoxa, ikakhulu ngesikhathi sokudla. Nakhu okunye, uma umyeni wami epheka usula izandla zakhe ngendwangu yokusula izintsha! Lokho kuyangicasula! Kungani kunzima kangaka ukuqonda abantu besilisa? Imishado yabanye abantu iyaphumelela; bona benza ngani?”

UMA usanda kushada, ingabe uke wabhekana nezinselele ezicishe zifane nalezi? Ingabe ubona sengathi oshade naye useqale imikhuba abengenayo futhi usenamaphutha abengenawo ngesikhathi nithandana? Ungakunciphisa kanjani ukucindezeleka okubangelwa “izinkinga zansuku zonke abantu abashadile ababa nazo”?—1 Korinte 7:28, Today’s English Version.

Okokuqala, ningacabangi ukuthi ngenxa nje yokuthi senishadile seniyizazi ezindabeni zomshado. Kungenzeka ukuthi niye nahlakulela amakhono amahle okusebenzelana nabanye lapho ningakashadi futhi kungenzeka ukuthi aye athuthuka ngesikhathi nithandana. Kodwa umshado uzowavivinya lawo makhono ngezindlela ezintsha futhi lokho kungase kudinge ukuba nifunde amanye. Ingabe nizowenza amaphutha njengoba nizama ukwenza lokho? Nakanjani! Nokho, ningakwazi yini ukuhlakulela amakhono nezimfanelo ezidingekayo? Yebo!

Indlela engcono kakhulu yokuthuthukisa noma yiliphi ikhono iwukufuna usizo esazini salowo mkhakha bese nisebenzisa iseluleko saso. Ungqondongqondo wezomshado nguJehova uNkulunkulu. Ingani nguYena owasidala saba nesifiso sokushada. (Genesise 2:22-24) Phawula indlela iZwi lakhe, iBhayibheli, elinganisiza ngayo ukuba nibhekane nezinselele futhi nibe namakhono adingekayo ukuze unyaka wenu wokuqala nishadile ube yimpumelelo futhi nibe nomshado ojabulisayo phakade.

IKHONO 1. FUNDANI UKUXOXA NGEZINTO

Ziyini izinselele?

UKeiji,a indoda eshadile ehlala eJapan, ngezinye izikhathi wayekhohlwa ukuthi izinqumo azenzayo ziyamthinta umkakhe. Uthi: “Ngangamukela izimemo ngingaxoxanga nomkami kuqala. Kamuva ngangithola ukuthi izimo zakhe azimvumeli ukwamukela lezo zimemo.” U-Allen, indoda eshadile yase-Australia, uthi: “Ngangibona sengathi akubona ubudoda ukuqale ngixoxe nomkami ngezinto.” Lokhu kwabangelwa yindlela akhula ngayo. UDianne, owesifazane ohlala eBrithani, naye wayenza iphutha elifanayo. Uthi: “Ngase ngijwayele ukucela izeluleko kwabasekhaya uma kudingeka ngenze isinqumo. Ngakho, ekuqaleni ngangixoxa nabo kuqala kunokuxoxa nomyeni wami.”

Liyini ikhambi?

Khumbula ukuthi uJehova uNkulunkulu ubheka abantu ababili abashadile ‘njengabanyamanye.’ (Mathewu 19:3-6) Emehlweni akhe, abukho ubuhlobo babantu obubaluleke ukudlula obendoda nomfazi! Ukuze lobo buhlobo buhlale buqinile, ukukhulumisana okuhle kubaluleke kakhulu.

Indoda nomkayo bangafunda lukhulu ngokucabangela indlela uJehova uNkulunkulu axoxa ngayo no-Abrahama. Funda ngalokhu kuGenesise 18:17-33. Phawula ukuthi uNkulunkulu wambonisa inhlonipho u-Abrahama ngalezi zindlela ezintathu. (1) UJehova wamchazela lokho ayehlose ukukwenza. (2) Wamlalela lapho ebeka imibono yakhe. (3) Wazama ngakho konke okusemandleni ukuthatha isinyathelo esasiyobonisa ukuthi uyamcabangela u-Abrahama. Ungasilingisa kanjani lesi sibonelo lapho uxoxa nowakwakho?

ZAMA LOKHU: Lapho ukhuluma ngezinto ezizothinta oshade naye, (1) chaza ukuthi ungathanda ukusisingatha kanjani isimo, kodwa imibono yakho yibeke njengokusikisela, hhayi njengezinqumo eziwujuqu noma ngendlela ezwakala sengathi umnqumela ugwayi katiki; (2) cela owakwakho ukuba naye aveze owakhe umbono futhi ulihloniphe ilungelo lakhe lokuba nombono ohlukile kowakho; futhi (3) ‘ukucabangela kwakho makubonakale’ ngokusebenzisa ukusikisela koshade naye noma nini lapho kungenzeka.—Filipi 4:5.

IKHONO 2. FUNDA UKUBEKA IZINTO NGENDLELA ENGAPHOXI

Iyini inselele?

Mhlawumbe indlela nendawo owakhulela kuyo yakuthonya ukuba ubeke imibono yakho ngolimi oluhlabayo futhi ungaguquki kuyo. Ngokwesibonelo, uLiam, ohlala eYurophu, uthi: “Abantu engakhula phakathi kwabo babengayinaki indlela abakhuluma ngayo. Ukukhuluma kwami ngendlela ehlabayo kwakuvame ukumphatha kabi umkami. Kwadingeka ngifunde ukukhuluma kahle.”

Liyini ikhambi?

Ungaveli uphethe ngokuthi owakwakho ufuna ukhulume naye ngendlela ovame ukukhuluma ngayo. (Filipi 2:3, 4) Iseluleko umphostoli uPawulu asinikeza isithunywa sevangeli esithile singabasiza abantu abasanda kushada. Wabhala: “Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene.” EsiGrekini sokuqala, igama elithi “mnene” lingahunyushwa nangokuthi “isu lokungacunuli.” (2 Thimothewu 2:24) Isu lokungacunuli yikhono lokubona ukuthi isimo esithile sibucayi bese usisingatha ngomusa, ngaphandle kokuphatha kabi abanye.

ZAMA LOKHU: Uma ucasulwe oshade naye, ngeso lengqondo, mbheke njengomngane noma njengomqashi wakho. Uma umbheka ngaleyo ndlela, ubusayomphakamisela yini izwi noma umkhulumise kabi? Yibe usucabanga ngezizathu ezenza owakwakho afanelwe inhlonipho nomusa owengeziwe ukudlula umngane noma umqashi.—Kolose 4:6.

IKHONO 3. FUNDANI UKWAZI NOKUFEZA IZINDIMA ZENU EZINTSHA

Iyini inselele?

Ekuqaleni, umyeni angase abusebenzise kabi ubunhloko bakhe, noma inkosikazi ingase ibeke ukusikisela kwayo budlabha. Ngokwesibonelo, u-Antonio, indoda eshadile yase-Italy, uthi: “Kwakuqabukela ubaba exoxe nomama ngezinqumo zomndeni. Ngakho, ekuqaleni ngangiphatha umndeni wami ngesandla esiqinile.” UDebbie, inkosikazi yaseCanada, uthi: “Ngangifuna umyeni wami acoceke kakhulu. Kodwa ukumcefezela kwami kwakumenza abe yisijaka nakakhulu.”

Yini amadoda angayenza?

Abanye abayeni abakuqondi ngokunembile lokho okushiwo iBhayibheli ngokuzithoba kwamakhosikazi nokulalela kwabantwana abazali babo. (Kolose 3:20; 1 Petru 3:1) IBhayibheli lithi umyeni kufanele ‘anamathele kumkakhe, futhi bobabili babe nyamanye’; alikusho lokhu ngomzali nengane. (Mathewu 19:5) UJehova uthi inkosikazi ingumphelelisi womyeni wayo. (Genesise 2:18) Akakaze athi ingane ingumphelelisi womzali wayo. Ubona kanjani-ke—uma umyeni ephatha umkakhe njengengane, ingabe ubonisa inhlonipho ngelungiselelo lomshado?

Empeleni, iZwi likaNkulunkulu likunxusa ukuba uphathe umkakho ngendlela uJesu aphatha ngayo ibandla lobuKristu. Ungenza kube lula ngaye ukuba akubheke njengenhloko yakhe uma, okokuqala, ungalindeli ukuthi zisuka nje uzovele azithobe kuwe nokuthi ngeke alenze iphutha kule ndaba. Okwesibili, kuyoba lula ngaye ukuzithoba kuwe uma umthanda njengoba uzithanda, ngisho nalapho kuphakama izinkinga.—Efesu 5:25-29.

Yini inkosikazi engayenza?

Lamukele iqiniso lokuthi umyeni wakho useyinhloko yakho emiswe uNkulunkulu. (1 Korinte 11:3) Uma umhlonipha, uhlonipha uNkulunkulu. Uma wenqaba ubunhloko bakhe, awugcini nje ngokwembula indlela ozizwa ngayo ngaye, kodwa nangoNkulunkulu nezimfuneko zakhe.—Kolose 3:18.

Indoda nomkayo bageza izitsha

Lapho nixoxa ngezinkinga ezinzima, funda ukuhlasela inkinga—hhayi ubudoda bomyeni wakho. Ngokwesibonelo, iNdlovukazi u-Esteri, yayifuna umyeni wayo, iNkosi u-Ahashiveroshi, alungise isinqumo esithile esasintula ubulungisa. Kunokuba ihlasele umyeni wayo, yabeka isikhalo sayo ngekhono. Umyeni wayo wakwamukela ukusikisela kwayo, futhi kamuva wenza okufanele. (Esteri 7:1-4; 8:3-8) Umyeni wakho uyofunda ukukuthanda ngokujulile uma, okokuqala, umnika isikhathi sokuba afunde futhi afeze kahle indima yakhe entsha njengenhloko yekhaya, okwesibili, uma umphatha ngenhlonipho, ngisho nalapho enza amaphutha.—Efesu 5:33.

ZAMA LOKHU: Kunokuba ube nondendende lwezici ofuna owakwakho ashintshe kuzo, yiba nohlu lwezici okufanele wena ushintshe kuzo. Wena ndoda: Lapho ucasula umkakho ngokusebenzisa kabi ubunhloko bakho noma ngokungafezi indima yakho, mbuze ukuthi ungathuthukisa kanjani, bese ukubhala phansi lokho kusikisela. Wena nkosikazi: Uma umyeni wakho enomuzwa wokuthi awumhloniphi, mbuze ukuthi ungathuthukisa kanjani, bese ukuphawula lokho kusikisela.

Ungalindeli Izimangaliso

Ukufunda ukulondoloza ubuhlobo bomshado obujabulisayo nobunempilo kufana nokufunda ukuhamba ngebhayisikili. Ngaphambi kokuba ube umpetha, uzokuwa kaningana. Ngokufanayo, kumelwe nikulindele ukuthi nizokwenza amaphutha ahlabisa amahloni njengoba nifunda ukuba ompetha emshadweni.

Funda ukuzihleka nokungeqisi endleleni obheka ngayo izinto. Ungazithathi kancane izinto ezikhathaza owakwakho. Funda ukuhleka amaphutha akho awubuwula. Sebenzisa amathuba okujabulisa owakwakho onyakeni wenu wokuqala nishadile. (Duteronomi 24:5) Ngaphezu kwakho konke, livumeleni iZwi likaNkulunkulu liqondise umshado wenu. Uma nenza kanjalo, umshado wenu uyoqina unyaka nonyaka.

IBhayibheli Lasindisa Umshado Wethu

Owesilisa nowesifazane ngosuku lwabo lomshado

Ngemva kokushada, uToru no-Akiko babengamathe nolimi. Kodwa ngemva kwezinyanga ezingu-8, laba bashadikazi baseJapan banquma ukudivosa. Basitshela okwenzeka.

UToru: “Ekuqaleni, ngangicabanga ukuthi mina nomkami siyafanelana, kodwa ngaphawula ukuthi ngangishaye eceleni. Ngokwesibonelo, mina ngithanda ukubukela ezemidlalo kuyi-TV, yena uthanda amafilimu. Mina ngithanda sizikhiphe njalo, yena uthanda ukuhlala endlini.”

U-Akiko: “UToru wayenza noma yini efunwa abakubo engakhulumanga nami kuqala. Ngikhumbula ngimbuza, ‘Ubani obaluleke kakhulu kuwe, unyoko noma yimi?’ Yangethusa nendlela uToru ayengalikhulumi ngayo iqiniso eliphelele. Ngamtshela ukuthi ukuqamba amanga kuzomenza abe nomkhuba wokuzama ukuwagqiba lawo manga ngokuqamba amanye amanga. Ngamcela ukuba awuyeke lowo mkhuba kungenjalo umshado wethu uyophela.”

UToru: “Ngazizwa ngikhungathekile, ngakho ngacela iseluleko komunye umuntu omdala engisebenza naye. Ngamcela ukuba angicebise ukuthi ngisebenzelane kanjani nomkami. Wathi: ‘Mane umtshele ukuthi akathule, uma ekhononda, mshaye.’ Ngolunye usuku, ngamshaya ngempama, ngagumbuqela netafula. Saxabana kakhulu futhi wangishiya. Kwadingeka ngiyomlanda ehhotela ayehlala kulo eTokyo. Ekugcineni, sanquma ukudivosa. Ngakusasa ekuseni ngaya emsebenzini, futhi umkami wasala eqoqa izinto zakhe elungiselela ukungishiya.”

U-Akiko: “Kwathi nje lapho sengiphuma namapotimende, ngazithela kowesifazane emi emnyango. Wayengomunye woFakazi BakaJehova. Ngamngenisa endlini.”

UToru: “Lapho ngifika emsebenzini, ngaqala ukucabanga kabili kathathu ngedivosi, ngakho ngaphuthumela ekhaya. Lapho ngifika ngathola u-Akiko ekhuluma nalona wesifazane. Wathi kimi: ‘Nidinga okuthile eningakwenza ndawonye. Ningathanda yini ukutadisha iBhayibheli?’ Ngathi: ‘Yebo, singenza noma yini engasindisa umshado wethu!’”

U-Akiko: “Lona wesifazane wenza amalungiselelo okuba sitadishe iBhayibheli. Izinto zaqala ukushintsha ngemva kokufunda indlela iBhayibheli elichaza ngayo ilungiselelo lomshado. Lithi: ‘Yingakho indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.’”—Genesise 2:24.

UToru: “Akudingekanga ngichazelwe leli phuzu kaningi. Ngatshela abazali bami, ‘Kusukela manje, sengizoxoxa nomkami ngaphambi kokwenza izinqumo.’ Ngayeka nokuphuza ngokweqile. Lapho ngifunda nokuthi uNkulunkulu uyawazonda amanga, ngazama ukukhuluma iqiniso lodwa.”

Abantu abashadile babuka izithombe

U-Akiko: “Nami ngashintsha. Ngokwesibonelo, ngangivame ukumdelela uToru. Kodwa lapho ngibona indlela ayesebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli, ngathuthukisa indlela engimsekela ngayo. (Efesu 5:22-24) Sesishade iminyaka engaphezu kwengu-28 futhi sijabule. Sakwazi ukunqoba izinkinga zethu ngokufundana kangcono nangokusebenzisa iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile.”

a Amanye amagama ashintshiwe.

ZIBUZE . . .

  • Ingabe umngane wami wesifuba ngumuntu engishade naye noma abanye abantu?

  • Yini engiyenzile namuhla ebonisa ukuthi ngiyamthanda futhi ngiyamhlonipha owakwami?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela