Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 4/1 k. 3
  • Indoda Eyaguqula Izwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indoda Eyaguqula Izwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lawo Magciwane Azabalazayo—Indlela Abuya Ngayo
    I-Phaphama!—2003
  • Amagciwane Anenkani—Awusongo Olungakanani?
    I-Phaphama!—2003
  • Impumelelo Nokuhluleka Ekulweni Nezifo
    I-Phaphama!—2004
  • Incwadi Eyingqayizivele
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 4/1 k. 3

Indoda Eyaguqula Izwe

Kunezigidigidi zabantu eziye zaphila futhi zafa kulo mhlaba. Iningi lazo alishiyanga lutho eziyokhunjulwa ngalo. Nokho, kunabambalwa abaye baba neqhaza emlandweni—futhi cishe baye bakuthonya ukuphila kwakho kwansuku zonke.

UVUKA ekuseni, ukhanyise izibani ulungiselele ukuya emsebenzini. Uthatha incwadi noma umagazini ozowufunda ebhasini. Awukhohlwa ukuphuza amaphilisi akusiza ukuba ulwe nokugula okuthile. Usuku lwakho alukaqali nokuqala kodwa usuzuzile ezintweni ezenziwa amadoda ambalwa aphawulekayo.

UMichael Faraday Wazalwa ngo-1791 futhi wayeyisazi sesayensi esiyiNgisi. Waklama injini esebenza ngogesi nomshini wokuphehla ugesi. Izinto aziklama zasiza ekubeni ugesi utholakale kabanzi.

UTs’ai Lun Wayeyisikhulu senkantolo yasebukhosini eChina esathuthukisa inqubo yokwenza iphepha cishe ngo-105 C.E., okwaholela ekukhiqizweni kwamaphepha amaningi.

UJohannes Gutenberg Cishe ngo-1450, le ndoda engumJalimane yenza umshini wokuqala wokunyathelisa ngezinhlamvu ezihlelwa ngesandla. Ukunyathelisa ngalo mshini kwakungambi eqolo, ngakho wasiza ukuba abantu abaningi bakwazi ukufunda ngezinto eziningi ezihlukahlukene.

U-Alexander Fleming Ngo-1928, lo mcwaningi waseScotland wenza umuthi olwa namagciwane (antibiotic) awubiza ngokuthi i-penicillin. Manje leyo mithi isisetshenziswa kakhulu ukuze yelaphe izifo ezibangelwa amagciwane.

Akubuzwa, lezi zinto ezasungulwa amadoda ambalwa ziye zasiza izigidi zezinkulungwane zabantu ukuba ukuphila kwazo kube lula futhi zibe nempilo enhle.

Nokho, kunendoda evelele kunawo wonke. Ayaziwa ngokusungula izinto zesayensi noma imithi yokwelapha. Kunalokho, le ndoda ephansi eyafa eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule yashiya isigijimi—isigijimi sethemba nenduduzo esinamandla. Uma kucatshangelwa indlela isigijimi sayo esiye sakuthinta ngayo ukuphila kwabantu emhlabeni kabanzi, abaningi bangavuma ukuthi ngempela yaliguqula izwe.

Leyo ndoda kwakunguJesu Kristu. Yisiphi isigijimi asishumayela? Leso sigijimi singakuthonya kanjani ukuphila kwakho?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela