Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 1/15 kk. 16-20
  • Siza Izingane Zakho Zibhekane Nezinselele Zazo Eziningi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Izingane Zakho Zibhekane Nezinselele Zazo Eziningi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zisize Zibe Nobuhlobo NoJehova
  • Indlela Yokwenza Ukukhulumisana Kuzuzise
  • Okwenza Izikhathi Zokuprakthiza Zibaluleke Kakhulu
  • Ingabe Ikhaya Lakho Liyindawo Ephephile?
  • Zincomeni Izingane Zenu
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Bazali, Zingane—Khulumisanani Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Abantwana “Bayifa Elivela KuJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 1/15 kk. 16-20

Siza Izingane Zakho Zibhekane Nezinselele Zazo Eziningi

IZINGANE zethu zibhekene nokucindezeleka okukhulu. Zichayeke emoyeni wezwe likaSathane elibi, futhi kumelwe zilwe ‘nezifiso zobusha.’ (2 Thim. 2:22; 1 Joh. 5:19) Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi zilwela ‘ukukhumbula uMdali wazo Omkhulu,’ zihlekwa usulu—zize zihlukunyezwe—yilabo abaphikisana nezinkolelo zazo. (UmSh. 12:1) Ekhumbula ngesikhathi esakhula, umzalwane okuthiwa uVincent uthi: “Ngaso sonke isikhathi kwakuba nothile owayengihlukumeza, engihlupha noma engichukuluza ngoba nje nginguFakazi. Ezikhathini eziningi kwakuba kubi kangangokuba ngangingafuni ukuya esikoleni.”a

Ngaphezu kwezingcindezi ezivela ezweni, izingane zethu kungase kudingeke zilwe nezifiso zazo zokufuna ukufana nontanga. UCathleen, udade oseve eminyakeni eyishumi nambili, uthi: “Akulula ukungafani nabanye.” U-Alan, umzalwane osemusha, uyavuma: “Ngangivame ukumenywa izingane engangifunda nazo ukuba ngihambe nazo ngezimpelasonto, futhi ngangifuna ngempela ukuhamba nazo.” Ngaphezu kwalokho, isifiso sabantu abasha sokuhlanganyela emidlalweni yesikole engase iholele kalula ekuzihlanganiseni nababi, singase sibe namandla. UTanya, udade osemusha, uthi: “Ngiyayithanda imidlalo. Ngaso sonke isikhathi, abaqeqeshi esikoleni babezama ukungenza ngidlale eqenjini. Kwakunzima ukwenqaba.”

Ungazisiza kanjani izingane zakho ukuba zibhekane nezinselele zazo eziningi? UJehova uphathise abazali ukuba baqondise izingane zabo. (IzAga 22:6; Efe. 6:4) Umgomo wabazali abesaba uNkulunkulu uwukuhlakulela isifiso sokulalela uJehova ezinhliziyweni zezingane zabo. (IzAga 6:20-23) Ngale ndlela, izingane ziyoshukumiseleka ukuba zimelane nezingcindezi zezwe ngisho nalapho abazali bazo bengekho.

Kuyinselele ngabazali ukusebenza, ukukhulisa izingane nokunakekela imithwalo yemfanelo yebandla—konke lokhu ngesikhathi esisodwa. Abanye benza lokhu bebe bengabazali abangabodwa noma bephikiswa abantu abashade nabo abangakholwa. Noma kunjalo, uJehova ufuna ukuba abazali babekele eceleni isikhathi sokufundisa izingane zabo. Ngakho-ke, yini ongayenza ukuze usize izingane zakho zimelane ngokuqinile nokucindezela kontanga, izilingo nokuhlukunyezwa ezibhekana nakho usuku nosuku?

Zisize Zibe Nobuhlobo NoJehova

Okokuqala, izingane zethu kudingeka zibheke uJehova njengoMuntu ongokoqobo. Kudingeka zisizwe ukuba ‘zibone Lowo ongabonakali.’ (Heb. 11:27) UVincent, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, ukhumbula indlela abazali bakhe abamsiza ngayo ukuba azakhele ubuhlobo noJehova. Uthi: “Bangifundisa ukubaluleka kokuthandaza. Ngiyakhumbula ukuthi kusukela ngimncane ngangithandaza kuJehova njalo ngaphambi kokuba ngilale. UJehova wayengokoqobo kimi.” Ingabe niyathandaza nezingane zenu? Kunganjani nilalele lokho ezikushoyo kuJehova emithandazweni yazo? Ingabe zimane nje ziphinda amazwi afanayo? Noma ingabe zizwakalisa indlela ezizizwa ngayo ngoJehova emithandazweni yazo? Ngokulalela imithandazo yazo, ningakwazi ukubona intuthuko yazo engokomoya.

Ukuba nesimiso sokufunda iZwi likaNkulunkulu kungenye indlela ebalulekile intsha engasondela ngayo kuJehova. UCathleen, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ukulifunda lonke iBhayibheli ngisemncane kwangisiza kakhulu. Kwangenza ngaqiniseka ukuthi ngisho noma abantu bengamelana nami, uJehova wayeyongisekela.” Ingabe izingane zenu zinesimiso sokufunda iBhayibheli?—IHu. 1:1-3; 77:12.

Yiqiniso, izingane zisabela ngendlela engafani esiqondisweni sabazali. Intuthuko yazo engokomoya nayo ixhomeke eminyakeni yazo. Nokho, ngaphandle kwesiqondiso kungaba nzima ngazo ukuba zazi uJehova njengoMuntu ongokoqobo. Abazali kudingeka bagxilise amazwi kaNkulunkulu ezinganeni zabo ukuze, ngokomfanekiso, zimuzwe ekhuluma, kungakhathaliseki ukuthi zikuphi. (Dut. 6:6-9) Izingane zenu kufanele zikholelwe ukuthi uJehova uzikhathalela njengabantu ngabanye.

Indlela Yokwenza Ukukhulumisana Kuzuzise

Ukukhulumisana kungenye indlela ebalulekile yokusiza izingane zenu. Yiqiniso, ukukhulumisana okuhle akusho nje ukutshela izingane zakho. Kuhlanganisa nokubuza imibuzo nokulalela izimpendulo zazo ngesineke—ngisho noma lezo zimpendulo zingekhona lokho okulindele. U-Anne, unina wabafana ababili, uthi: “Ngibabuza imibuzo ngize nganeliseke ukuthi sengiyakuqonda abakucabangayo nalokho ababhekana nakho ekuphileni.” Ingabe izingane zenu zinomuzwa wokuthi niyazilalela? UTanya, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Abazali bami babengilalela ngempela futhi bekukhumbula esasixoxe ngakho. Babewazi amagama ezingane engangifunda nazo ekilasini. Babengibuza ngazo nangezimo esasikhulume ngazo ngaphambili.” Ukulalela nokukhumbula kuyizici ezibalulekile ekukhulumisaneni okuphumelelayo.

Imikhaya eminingi iye yathola ukuthi izikhathi zokudla ziyisikhathi esihle kakhulu sokukhulumisana okuzuzisayo. UVincent uyachaza: “Ukudla ndawonye kwakubalulekile ekhaya. Noma nini lapho kungenzeka, kwakulindeleke ukuba sidle sonke njengomkhaya. Kwakungavunyelwe ukubukela ithelevishini, ukulalela umsakazo noma ukufunda okuthile ngesikhathi kudliwa. Njengoba ezikhathini eziningi kwakuxoxwa kamnandi, kwakuba nomoya omuhle onginikeza ithuba lokuthola usizo nsuku zonke lokubhekana nezingxabano nezingcindezi zasesikoleni.” Uyanezela: “Ukujwayela ukuxoxa nabazali bami ngezikhathi zokudla kwakungenza ngizizwe ngikhululekile nokuxoxa nabo lapho ngidinga usizo ngezinto ezithanda ukuba bucayi.”

Zibuze, ‘Sivame ukudla njengomkhaya kangaki ngesonto?’ Ingabe ukwenza izinguquko kulokhu kungakunika ithuba elengeziwe lokukhulumisana kangcono nezingane zakho?

Okwenza Izikhathi Zokuprakthiza Zibaluleke Kakhulu

UkuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa okwenziwa masonto onke nako kukhuthaza izingxoxo ezizuzisayo futhi kuhlomisa izingane ukuba zibhekane nezinkinga ezithile. U-Alan, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Abazali bami babesebenzisa isikhathi sesifundo somkhaya ukuze basisize siveze okwakusezinhliziyweni zethu. Babesebenzisaa izihloko ezazikhuluma ngezinto esasibhekana nazo.” Unina uthi: “Enye ingxenye yesifundo somkhaya sasiyisebenzisela ukuprakthiza. Ukwenza lokhu kwasiza izingane zethu ukuba zifunde indlela yokuvikela ukholo lwazo nokuba zibonise ukuthi lokho ezikukholelwayo kuyiqiniso. Lokhu kwazenza zazethemba ukuthi zingakwazi ukunqoba izinselele ezazibhekana nazo.”

Ngempela, lapho zicindezelwa ontanga, ngokuvamile kudingeka zenze okwengeziwe kunokumane zenqabe bese zisuka lapho. Kudingeka zikwazi ukuphendula imibuzo enjengokuthi kungani zikwenza noma zingakwenzi okuthile. Kudingeka nokuba ziqiniseke ngalokho okumelwe zikwenze lapho zihlekwa usulu ngenxa yokholo lwazo. Uma zingakwazi ukuvikela izinkolelo zazo, kuyoba nzima ngazo ukuba zibe nesibindi sokumelela ukukhulekela kweqiniso. Izikhathi zokuprakthiza zingazisiza ukuba zibe nesibindi.

Ibhokisi elisekhasini 18 linohlu lwezimo eningase nizilingise phakathi nokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa. Yenzani lezi zimo zibe ngokoqobo ngokubuza izingane ukuthi kungani ziphendula ngaleyo ndlela. Ukunezela kulezi zikhathi zokuprakthiza, cabangelani ezinye zezifundo eziwusizo ezitholakala ezibonelweni eziseBhayibhelini. Ngokungangabazeki ukuqeqeshwa okunjalo ekhaya kuyohlomisela izingane zenu ukuba zibhekane ngokuphumelelayo nezinselele esikoleni nakwezinye izindawo.

Ingabe Ikhaya Lakho Liyindawo Ephephile?

Ingabe ikhaya lenu liyindawo izingane zenu ezikulangazelelayo ukubuyela kuyo ekupheleni kosuku ngalunye? Uma liyindawo ephephile, liyozisiza ukuba zibhekane nezinselele esikoleni usuku nosuku. Udade manje oyilungu lomkhaya waseBethel uthi: “Ngesikhathi ngisemncane, enye yezinto eyayibaluleke kakhulu kimi ukuthi ngangizizwa ngiphephile ekhaya. Kungakhathaliseki ukuthi isimo sasisibi kangakanani esikoleni, ngangazi ukuthi lapho ngifika ekhaya zonke izinto zizohamba kahle.” Ikhaya lenu liyindawo enjani? Ingabe liyindawo evame “isifuthefuthe sentukuthelo, imibango [nokwahlukana],” noma laziwa ‘ngothando, injabulo nokuthula’? (Gal. 5:19-23) Uma kuvame ukungabi khona ukuthula, ingabe niyazikhandla ukuze nithole ukuthi iziphi izinguquko okudingeka nizenze ukuze ikhaya lenu libe indawo ephephile ezinganeni zenu?

Enye indlela yokusiza izingane zenu ukuba zibhekane nezinselele iwukuthatha isinyathelo sokuzitholela abangane abakhayo. Ngokwesibonelo, ningase nimeme abanye babazalwane nodade abavuthiwe basebandleni lapho nizijabulisa njengomkhaya. Noma ningenza isidlo esilula ekhaya nimeme umbonisi ojikelezayo noma abanye abasenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ingabe zikhona izithunywa zevangeli noma izikhonzi zaseBethel izingane zenu ezingaba abangane nazo, ngisho noma nje ezingazibhalela, zizithumelele ama-e-mail, noma zizishayele ucingo ngezikhathi ezithile? Lobo bungane bungasiza izingane zenu ukuba ziqondise izindlela zezinyawo zazo futhi zibe nemigomo engokomoya. Cabangani ngethonya elihle umphostoli uPawulu aba nalo kuThimothewu osemusha. (2 Thim. 1:13; 3:10) Ubungane bakhe noPawulu bamsiza ukuba agcine ingqondo yakhe igxile emigomweni engokomoya.—1 Kor. 4:17.

Zincomeni Izingane Zenu

UJehova uyajabula lapho izingane zimelela okulungile naphezu kwezingcindezi ezivela ezweni likaSathane. (IHu. 147:11; IzAga 27:11) Ngokungangabazeki, nani niyajabula lapho nibona izingane zikhetha inkambo ehlakaniphile. (IzAga 10:1) Zitsheleni ukuthi nizizwa kanjani ngazo, futhi nizincome njalo ngothando. UJehova wabekela abazali isibonelo esihle. Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, uJehova wathi: “Wena uyiNdodana yami, ethandekayo; ngikwamukele.” (Marku 1:11) Yeka indlela lesi siqinisekiso esivela kuYise okumelwe ukuba samqinisa ngayo uJesu ukuba abhekane nezinselele eziningi ezazimlindile! Ngokufanayo, zitsheleni izingane zenu ukuthi niyazithanda, futhi nikuncome ezikufezayo.

Kuyavunywa, aninakuzivikela ngokuphelele izingane zenu ekucindezelweni, ekuhlukunyezweni nasekuhlekweni usulu. Noma kunjalo, ningenza okuningi ukuze nizisize. Ngaziphi izindlela? Zisizeni ukuba zizakhele ubuhlobo noJehova. Yenzani ukuba izimo zasekhaya zikhuthaze izingxoxo ezizuzisayo. Yenzani ukuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa kuzuzise, futhi nenze ikhaya libe indawo ephephile. Ngokungangabazeki ukwenza lokhu kuyozihlomisa izingane zenu ukuba zibhekane nezinselele zazo eziningi.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]

IZIKHATHI ZOKUPRAKTHIZA ZINGASIZA

Nazi ezinye zezibonelo zezimo izingane zethu ezibhekana nazo. Kunganjani niprakthize ezinye zazo ngezikhathi zokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa?

▸ Umqeqeshi ucela indodakazi yenu ukuba idlalele isikole.

▸ Indodana yenu inikezwa ugwayi ngenkathi ibuya esikoleni.

▸ Abafana abathile bathi bazoyishaya indodana yenu uma beyibona ishumayela futhi.

▸ Indodakazi yenu inqwamana nengane efunda nayo esikoleni ngesikhathi isenkonzweni yendlu ngendlu.

▸ Ekilasini, indodakazi yenu ibuzwa ukuthi kungani ingalishayeli ifulege indesheni.

▸ Kunomfana olokhu echwensa indodana yenu ngoba inguFakazi.

[Isithombe ekhasini 17]

Ingabe izingane zenu zinesimiso sazo sokufunda iBhayibheli?

[Isithombe ekhasini 19]

Ingabe nimema nabantu abangokomoya lapho nizijabulisa?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela