Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 12/1 k. 17
  • Ufuna Siphumelele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ufuna Siphumelele
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Joshuwa 1:9—“Qina Ube Nesibindi”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Lokho UJoshuwa Akukhumbula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • UJoshuwa Makakusize Ukhonze UJehova Ngesibindi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Incwadi YeBhayibheli Yesi-6—UJoshuwa
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 12/1 k. 17

Sondela KuNkulunkulu

Ufuna Siphumelele

Joshuwa 1:6-9

ABAZALI abakhathalelayo bafisa ukubona izingane zabo ziphumelela, ziphila ukuphila okunenjongo nokwanelisayo. UJehova, uBaba wethu wasezulwini, naye ufisa ukuba abantwana bakhe basemhlabeni baphumelele. Ukuze asibonise ukuthi usikhathalela kangakanani, usinikeza amacebiso okuphumelela. Ngokwesibonelo, cabangela amazwi awatshela uJoshuwa, njengoba elotshwe kuJoshuwa 1:6-9.

Sibone ngeso lengqondo isenzakalo esisesithombeni esingakwesokudla. UMose usefile futhi sekunguJoshuwa ongumholi omusha wama-Israyeli asebalelwa ezigidini. Ama-Israyeli alungiselela ukungena ezweni uNkulunkulu alithembisa okhokho bawo. Kukhona iseluleko uNkulunkulu asinikeza uJoshuwa. Uma esilalela, sizomsiza ukuba aphumelele. Kodwa lesi seluleko ngeke nje sizuzise yena kuphela. Nathi singaphumelela uma sisisebenzisa.—Roma 15:4.

UJehova utshela uJoshuwa ukuba abe nesibindi futhi aqine—akamtsheli kanye kodwa kathathu. (Amavesi 6, 7, 9) Ngokuqinisekile, uJoshuwa uzodinga isibindi namandla ukuze aholele isizwe eZweni Lesithembiso ngempumelelo. Nokho, angaba kanjani nalezi zimfanelo ezinhle?

UJoshuwa angathola isibindi namandla emibhalweni ephefumulelwe. UJehova uthi: “Uqaphele ukwenza ngokuvumelana nawo wonke umthetho uMose inceku yami akuyala ngawo.” (Ivesi 7) Njengamanje kumelwe ukuba uJoshuwa unezincwadi ezimbalwa zeBhayibheli ezilotshiwe.a Nokho, ukuba nje neZwi likaNkulunkulu akusona isiqinisekiso sempumelelo. Ukuze azuze kulo, kudingeka enze izinto ezimbili.

Okokuqala, uJoshuwa kumelwe alifunde njalo iZwi likaNkulunkulu. UJehova uthi: ‘Kumelwe ulifunde ngezwi eliphansi ubusuku nemini.’ (Ivesi 8) Enye incwadi ithi: “UNkulunkulu wayeyala uJoshuwa ukuba akhumbule uMthetho waKhe ‘ngokuwusho ngezwi eliphansi’ noma ‘azindle’ ngawo.” Ukufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu nsuku zonke kuzosiza uJoshuwa ukuba akwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezingqinamba asazohlangabezana nazo.

Okwesibili, uJoshuwa kudingeka akusebenzise lokho akufunda eZwini likaNkulunkulu. UJehova uthi kuye: ‘Uqaphele ukwenza ngokuvumelana nakho konke okulotshwe kulo; ngoba uma wenza kanjalo uyoyiphumelelisa indlela yakho.’ (Ivesi 8) Ukuphumelela kukaJoshuwa kuxhomeke ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Intando kaNkulunkulu ihlale iphumelela.—Isaya 55:10, 11.

UJoshuwa wasilalela leso seluleko sikaJehova. Ngenxa yalokho, waphila ukuphila okumnandi nokwanelisayo njengomkhulekeli othembekile kaJehova.—Joshuwa 23:14; 24:15.

Ingabe uyakufuna ukuphila okwanelisa njengokukaJoshuwa? UJehova ufuna ukuba uphumelele. Kodwa ukumane ube neZwi lakhe iBhayibheli akwanele. Omunye umKristu othembekile ongumakadebona wasikisela: “Funda iBhayibheli bese wenza lokho elikushoyo.” Uma ufunda iZwi likaNkulunkulu njalo futhi ukusebenzise ekuphileni kwakho lokho okufundayo, nawe “uyoyiphumelelisa indlela yakho” njengoJoshuwa.

[Umbhalo waphansi]

a Kungenzeka ukuthi uJoshuwa wayenemibhalo ephefumulelwe ehlanganisa izincwadi ezinhlanu zikaMose (uGenesise, u-Eksodusi, uLevitikusi, uNumeri noDuteronomi), incwadi kaJobe kanye nehubo elilodwa noma amabili.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela