Ingcebo Evela KuNkulunkulu
INGABE uNkulunkulu uyokubusisa ngengcebo uma uthembekile kuye? Mhlawumbe, kodwa ngeke akubusise ngale ngcebo oyicabangayo. Cabanga ngoMariya, unina kaJesu. Ingelosi uGabriyeli yabonakala kuye yamtshela ukuthi uNkulunkulu ‘wayembonise umusa omkhulu’ nokuthi wayezozala iNdodana yaKhe. (Luka 1:28, 30-32) Kodwa uMariya wayengacebile. Lapho enza umhlatshelo ngemva kokuzalwa kukaJesu, wanikela ‘ngamahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba,’ okwakuwumnikelo owawuvame ukulethwa abantu abampofu kuJehova.—Luka 2:24; Levitikusi 12:8.
Ingabe ukuba mpofu kukaMariya kusho ukuthi uNkulunkulu wayemgodlele isibusiso? Cha. Ngesikhathi evakashele u-Elizabethe, isihlobo sakhe, “u-Elizabethe wagcwala umoya ongcwele, wamemeza kakhulu wathi: ‘Ubusisiwe [Mariya] phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesibeletho sakho!’” (Luka 1:41, 42) UMariya waba nelungelo lokuba unina weNdodana kaNkulunkulu ethandekayo.
UJesu ngokwakhe wayengacebile. Wazalelwa futhi wakhulela emndenini ohluphekayo futhi akazange acebe kukho konke ukuphila kwakhe kwasemhlabeni. Ngesinye isikhathi, watshela indoda eyayifuna ukuba umfundi wakhe: “Izimpungushe zinemiphandu nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu yona ayinandawo yokubeka ikhanda.” (Luka 9:57, 58) Noma kunjalo, ukuza kwakhe emhlabeni kwanikeza abafundi bakhe ithuba lokuba babe nengcebo enkulu. Umphostoli uPawulu wabhala: ‘Waba mpofu ngenxa yenu, ukuze nicebe ngobumpofu bakhe.’ (2 Korinte 8:9) Ingcebo enjani uJesu ayinika abafundi bakhe? Ingcebo enjani asinika yona namuhla?
Sithenjiswa Hlobo Luni Lwengcebo?
Ukuceba kuvame ukwenza abantu bangabi nokholo ngoba bangase bathembele engcebweni yabo kunokuthembela kuNkulunkulu. UJesu wathi: “Yeka ukuthi kuyoba yinto enzima kangakanani ngalabo abanemali ukungena embusweni kaNkulunkulu!” (Marku 10:23) Ngakho, kusobala ukuthi lapho uJesu ethembisa abalandeli bakhe ingcebo wayengabathembisi imali eningi.
Eqinisweni, iningi lamaKristu angekhulu lokuqala lalimpofu. Lapho indoda eyayilunyonga kusukela ekuzalweni kwayo icela imali kuPetru, wayiphendula: “Isiliva negolide anginakho, kodwa lokho enginakho yilokho engikunika khona: Egameni likaJesu Kristu umNazaretha, hamba!”—IzEnzo 3:6.
Amazwi omfundi uJakobe abonisa nokuthi iningi labantu ababakha ibandla lobuKristu lalimpofu. Wabhala: “Lalelani, bazalwane abathandekayo. UNkulunkulu wakhetha abampofu ngokwezwe ukuba babe abacebile okholweni nezindlalifa zombuso, awuthembisa labo abamthandayo, akunjalo?” (Jakobe 2:5) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu naye wathi ababaningi “abahlakaniphileyo ngendlela yenyama” noma “abanamandla,” noma “abazalwa yizicukuthwane” ababizelwa ukuba yingxenye yebandla lobuKristu.—1 Korinte 1:26.
Uma uJesu enganikanga abalandeli bakhe ingcebo yezinto ezibonakalayo, wabanika hlobo luni lwengcebo? Encwadini ayithumela ebandleni laseSmirna, wathi: “Ngiyalwazi usizi nobumpofu bakho—kodwa ucebile.” (IsAmbulo 2:8, 9) Nakuba amaKristu aseSmirna ayempofu, ayenengcebo edlula ingcebo yesiliva noma yegolide. Ayecebile ngoba ayenokholo kuNkulunkulu futhi eqotho kuye. Ukuba nokholo kuyigugu ngoba ukholo “alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thesalonika 3:2) Empeleni labo abantula ukholo bampofu emehlweni kaNkulunkulu.—IsAmbulo 3:17, 18.
Ingcebo Etholakala Ngokuba Nokholo
Nokho, ukholo luzuzisa ngaziphi izindlela? Labo abanokholo kuNkulunkulu bazuza ‘engcebweni yomusa nonembe nokubekezela kwakhe.’ (Roma 2:4) ‘Bathethelelwa neziphambeko zabo’ ngenxa yokholo abanalo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo. (Efesu 1:7) Ngaphezu kwalokho, banokuhlakanipha “izwi likaKristu” elikunika labo abanokholo. (Kolose 3:16) Lapho bethandaza kuNkulunkulu ngokholo, “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga” kulinda izinhliziyo nezingqondo zabo, kubanikeze ukwaneliseka nenjabulo.—Filipi 4:7.
Ngaphezu kwazo zonke lezi zinzuzo, labo abanokholo kuNkulunkulu ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, banethemba elimangalisayo lokuthola ukuphila phakade. Lawa amazwi kaJesu Kristu adumile: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Lelo themba eliyigugu liyaqina lapho umuntu ethola ulwazi olunembile ngoYise neNdodana, ngoba uJesu wanezela: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Nakuba uNkulunkulu esibusisa ngokomoya, sithola nezinzuzo ezingokomzwelo nezihlobene nempilo yethu. Ngokwesibonelo, uDalídio waseBrazil wayenenkinga yotshwala ngaphambi kokuba athole ulwazi olunembile ngenjongo kaNkulunkulu. Le nkinga yamxabanisa nomndeni wakhe. Ngaphezu kwalokho, wayehlala engenamali. Kodwa wabe eseqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi ubuntu bakhe bashintsha ngendlela ephawulekayo.
Izinto ayezifunda eBhayibhelini zamsiza ukuba ayeke imikhuba yakhe eyingozi. Wathuthuka kahle kakhulu ngokomoya futhi wathi, “Ngangihlala otshwaleni; manje ngihlala ngisenkonzweni yokushumayela endlini ngendlu.” UDalídio usengumshumayeli weZwi likaNkulunkulu wesikhathi esigcwele. Lolu shintsho alugcinanga ngokuthuthukisa impilo yakhe, kodwa lwathuthukisa nesimo sakhe sezomnotho. Wathi, “Imali engangivame ukuyiphuza sengiyisebenzisela ukusiza abampofu noma ukuthenga izinto engizidingayo.” Ngenxa yokuthi usechitha isikhathi sakhe nabantu abanombono ofanayo ngoNkulunkulu, usezakhele abangane abaningi abahle. Usenokuthula kwengqondo futhi waneliseke kakhulu, into ayengakaze acabange ukuthi wayeyoke ayijabulele ngaphambi kokwazi uNkulunkulu.
URenato, ungesinye isibonelo sokuhlangenwe nakho kokuphila okucebile okutholwa yilabo ababa nokholo kuJehova uNkulunkulu. Uma ubona ubuso bakhe obujabule nobuhlale bumomotheka, ngeke ukholwe ukuthi isiqalo sakhe ekuphileni sasisibi kanjani. Unina wamlahla eqeda nje ukuzalwa. Wamfaka esikhwameni wamshiya ngaphansi kwebhentshi elimele, enemihuzuko emibi nenongwana yakhe ingakawi nokuwa. Kwadlula abesifazane ababili babona isikhwama sinyakaza ngaphansi kwebhentshi. Ekuqaleni bacabanga ukuthi kukhona owayekhohlwe ikati lakhe esikhwameni. Lapho bethola ukuthi kwakunosana olusanda kuzalwa, baluphuthumisa esibhedlela esiseduze ukuze luthole ukunakekelwa.
Omunye walaba besifazane wayenguFakazi kaJehova futhi watshela uRita, omunye uFakazi, ngale ngane. URita wayeseke waphuphunyelwa isisu kaningi, futhi enendodakazi eyodwa vo. Wayefuna ingane yomfana ngenhliziyo yakhe yonke, ngakho wanquma ukuthatha uRenato, abe ingane yakhe yokutholwa.
URita watshela uRenato esemncane ukuthi wayengeyena unina wangempela. Kodwa wamnakekela ngothando futhi wazikhandla wamfundisa izimiso zeBhayibheli. Lapho esekhulakhulile waba nothando ngeBhayibheli. Waqala nokuyazisa nakakhulu indlela eyisimanga ukuphila kwakhe okwasindiswa ngayo. Ugcwala izinyembezi njalo lapho efunda amazwi omhubi uDavide: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.”—IHubo 27:10.
Ukuze abonise ukuthi uyakwazisa konke uJehova amenzele khona, uRenato wabhapathizwa ngo-2002 futhi waba isikhonzi sesikhathi esigcwele ngonyaka olandelayo. Namanje akamazi uyise nonina futhi cishe akasoze abazi. Kodwa unomuzwa wokuthi esinye sezipho eziyigugu kunazo zonke azitholile ukwazi ngoJehova nokuba nokholo kuye njengoYise onothando nokhathalelayo.
Mhlawumbe nawe unesifiso sokuba nobuhlobo obufudumele noNkulunkulu obungakucebisa ngempela ukuphila kwakho. Ithuba lokuba nobuhlobo obunjalo noJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, livulekele bonke abantu—abacebile nabampofu. Lingase lingakwenzi ucebe ngokwezinto ezibonakalayo kodwa liyokunikeza ukuthula kwangaphakathi nokwaneliseka ongasoze wakuthenga ngemali. Ayiqiniso ngempela amazwi ezAga 10:22: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”
UJehova uNkulunkulu unesithakazelo esikhulu kubantu abeza kuye: “O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.” (Isaya 48:18) Uthembisa nokuthi labo abeza kuye ngezisusa ezinhle nangesimo sengqondo esifanele bayovuzwa ngokucebile: “Umphumela wokuthobeka nokwesaba uJehova yingcebo nodumo nokuphila.”—IzAga 22:4.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Ukholo kuNkulunkulu lungakunikeza ukuthula, ukwaneliseka nenjabulo
[Isithombe ekhasini 5]
Nakuba umndeni wasemhlabeni wakubo kaJesu wawumpofu, uNkulunkulu wawubusisa ngokucebile