IVatican Ifuna Ukuyeka Ukusebenzisa Igama LikaNkulunkulu
ISIGUNGU sabefundisi bamaKatolika sifuna ukuyeka ukusebenzisa igama likaNkulunkulu ezinkonzweni zalo zesonto. Ngonyaka odlule, iBandla LaseVatican Lokukhulekelwa KukaNkulunkulu Nokuqondiswa Kwesakramente lathumela iziqondiso ngale ndaba ezingqungqutheleni zababhishobhi bamaKatolika emhlabeni wonke. Lesi sinyathelo sathathwa “ngenxa yesiqondiso” sikapapa.
Le ncwadi yomhla ka-June 29, 2008, ikhononda ngokuthi “eminyakeni yamuva nje kuye kwaba nomkhuba oyisinyenyela wokubiza igama likaNkulunkulu ka-Israyeli, elaziwa ngokuthi i-tetragrammaton engcwele noma yaphezulu, elibhalwa ngongwaqa abane besiHebheru abathi יהוה, YHWH,” nakuba kwakhishwa iziqondiso zokuba lokho kungenziwa. Le ncwadi iphawula ukuthi igama likaNkulunkulu liye lahunyushwa ngezindlela ezihlukahlukene ngokuthi “Yahweh,” “Yahwè,” “Jahweh,” “Jahwè,” “Jave,” “Yehovah,” njalonjalo.a Nokho, lesi siqondiso saseVatican sifuna ukubuyisela umyalo wokuqala owawusetshenziswa amaKatolika, okungukuthi, i-Tetragrammaton kufanele ithathelwe indawo ngelithi “Nkosi.” Ngaphezu kwalokho, ezinkonzweni zenkolo zamaKatolika, emaculweni nasemithandazweni, igama likaNkulunkulu elithi “YHWH akufanele lisetshenziswe noma liphinyiselwe.”
Isekela lo mbono, incwadi yeVatican icaphuna “isiko lasendulo” lobuKatolika. Lesi siqondiso sithi ngisho nasenguqulweni ye-Septuagint yemiBhalo YesiHebheru, eyabhalwa ngaphambi kwenkathi yobuKristu, igama likaNkulunkulu lalihunyushwa njalo ngokuthi Kyʹri·os, okuyigama lesiGreki elisho “iNkosi.” Ngakho lesi siqondiso sithi “namaKristu, kusukela ekuqaleni ayengayiphimiseli i-tetragrammaton yaphezulu.” Nokho, la mazwi ashalazela ubufakazi obucacile obuphambene nawo. Amakhophi okuqala e-Septuagint ayengenalo elithi Kyʹri·os, kodwa ayenegama likaNkulunkulu elibhalwa ngokuthi יהוה. Abalandeli bakaKristu bekhulu lokuqala babelazi futhi belisebenzisa igama likaNkulunkulu. UJesu uqobo wathi lapho ethandaza kuYise: “Ngibazisile igama lakho.” (Johane 17:26) Kanti emthandazweni wakhe oyisibonelo owaziwayo, uJesu wasifundisa ukuba sithandaze sithi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.”—Mathewu 6:9.
Kufanele kube isifiso sawo wonke amaKristu ukubona igama likaNkulunkulu lingcweliswa. Imizamo yeVatican yokuyeka ukulisebenzisa iyamhlambalaza uJehova, owathi: “Leli igama lami kuze kube phakade; ngaleli gama ngiyokhunjulwa kuzo zonke izizukulwane ezizayo.”—Eksodusi 3:15, The Jerusalem Bible.
[Umbhalo waphansi]
a NgesiZulu, sekuyiminyaka eminingi igama elithi “Jehova” laziwa kabanzi futhi lisetshenziswa ezinguqulweni zeBhayibheli.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]
“Leli igama lami kuze kube phakade.”—Eksodusi 3:15, JB
[Isithombe ekhasini 30]
Ucezu lwe-“Septuagint” yangekhulu lokuqala C.E. Kukokelezelwe igama likaNkulunkulu, elibhalwe ngezinhlamvu ezine zesiHebheru ngokuvamile ezihunyushwa ngokuthi YHWH
[Umthombo]
Courtesy of the Egypt Exploration Society