Khethani Ukukhonza UJehova Nisebasha
“Qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe.” —2 THIM. 3:14.
1. UJehova uyibheka kanjani inkonzo eyenziwa oFakazi bakhe abasebasha?
INKONZO engcwele eyenziwa intsha ibaluleke kakhulu kuJehova kangangokuthi waphefumulela isiprofetho mayelana nayo. Umhubi wahlabelela: “Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela ngosuku lwempi yakho. Ebukhazikhazini bobungcwele, kusukela esibelethweni sokuntwela kokusa, uneqembu lakho lezinsizwa elinjengamaconsi amazolo.” (IHu. 110:3) Yebo, uJehova uyazisa kakhulu intsha ezimisele ukumkhonza.
2. Namuhla intsha ibhekana namaphi amathonya ezwe ngekusasa layo?
2 Nina basha enisebandleni lobuKristu, ingabe senizinikezele kuJehova? Abaningi bangase bakuthole kunzima ukwenza isinqumo sokukhonza uNkulunkulu weqiniso. Osomabhizinisi, othisha futhi ngezinye izikhathi amalungu omkhaya nabangane bagqugquzela intsha ukuba iphishekele izinto ezibonakalayo. Lapho intsha iphishekela imigomo engokomoya, ngokuvamile izwe liyayigxeka. Kodwa iqiniso liwukuthi ukukhonza uNkulunkulu weqiniso kuyindlela engcono kakhulu yokuphila eningayiphishekela. (IHu. 27:4) Ngokuqondene nalokhu, cabangelani le mibuzo emithathu: Kungani kufanele nikhonze uNkulunkulu? Ningaphumelela kanjani njengabantu abazinikezele kuNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi abanye bathini noma benzani? Imaphi amathuba amahle kakhulu enkonzo engcwele anganivulekela?
Ukukhonza UJehova Kuyinto Efanele
3. Indalo kaJehova kufanele isithinte kanjani?
3 Kungani kufanele nikhonze uNkulunkulu weqiniso nophilayo? IsAmbulo 4:11 sinikeza isizathu esiyinhloko: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.” UJehova unguMdali omangalisayo wazo zonke izinto ezikhona. Yeka indlela umhlaba omuhle ngayo! Izihlahla, izimbali, izilwane, izilwandle, izintaba nezimpophoma—konke kwadalwa uJehova. IHubo 104:24 lithi: “Umhlaba ugcwele imikhiqizo [kaNkulunkulu].” Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi ngothando uJehova usiphe umzimba nengqondo okusenza sikwazi ukujabulela umhlaba nezinto ezinhle ezikuwo! Akufanele yini ukwazisa kwethu okusuka enhliziyweni ngale ndalo emangalisayo kusenze ukuba sifune ukumkhonza?
4, 5. Iziphi izenzo zikaJehova ezasondeza uJoshuwa kuye?
4 Esinye isizathu sokukhonza uJehova sitholakala emazwini omholi wama-Israyeli uJoshuwa. Esezokufa, uJoshuwa watshela abantu bakaNkulunkulu: “Nazi kahle ngazo zonke izinhliziyo zenu nangayo yonke imiphefumulo yenu ukuthi akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini.” Kungani uJoshuwa ayengase asho lokhu?—Josh. 23:14.
5 Njengoba akhulela eGibhithe, kumelwe ukuba uJoshuwa wayesazi isithembiso sikaJehova sokunikeza ama-Israyeli izwe okwakuyoba elawo. (Gen. 12:7; 50:24, 25; Eks. 3:8) Wabe esebona uJehova eqala ukugcwalisa leso sithembiso ngokuletha iziNhlupho Eziyishumi eGibhithe ezaphoqa uFaro onenkani ukuba avumele abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe. UJoshuwa wayengomunye walabo abakhululwa oLwandle Olubomvu futhi wabona lapho lolo lwandle lugwinya uFaro nebutho lakhe. Phakathi nohambo olude bedabula ‘ihlane elikhulu nelesabekayo’ lasoGwadule lwaseSinayi, wabona indlela uJehova anika ngayo ama-Israyeli zonke izinto ayezidinga. Akekho noyedwa kuwo owabulawa ukoma noma indlala. (Dut. 8:3-5, 14-16; Josh. 24:5-7) Lapho kufika isikhathi sokuba ama-Israyeli anqobe izizwe zamaKhanani ezinamandla futhi adle iZwe Lesithembiso, uJoshuwa wabona indlela uNkulunkulu abasekela ngayo kulo msebenzi.—Josh. 10:14, 42.
6. Yini eyokusiza ukuba uhlakulele isifiso sokukhonza uNkulunkulu?
6 UJoshuwa wayazi ukuthi uJehova wayezigcwalisile izithembiso zaKhe. Yingakho athi: “Mina nendlu yami, sizokhonza uJehova.” (Josh. 24:15) Wena uzokwenzenjani? Lapho ucabanga ngezithembiso uNkulunkulu weqiniso asezigcwalisile nalezo asazozigcwalisa, ingabe uba nesifiso sokumkhonza njengoJoshuwa?
7. Kungani ukubhapathizwa ngamanzi kuyisinyathelo esibalulekile?
7 Ukucabanga ngendalo kaJehova nokuzindla ngezithembiso zakhe ezimangalisayo nesingazethemba ngokuphelele, kufanele kukushukumise ukuba ungagcini nje ngokuzinikezela kuye kodwa futhi ukubonakalise ngokucwiliswa emanzini. Ukubhapathizwa kuyisinyathelo esibalulekile okufanele sithathwe yilabo abafuna ukukhonza uNkulunkulu. UJesu, iSibonelo sethu, wakwenza kwacaca lokhu. Ngaphambi nje kokuqala umsebenzi wakhe njengoMesiya, waya kuJohane uMbhapathizi ukuze abhapathizwe. Kungani uJesu athatha leso sinyathelo? Esikhathini esithile kamuva wathi: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumileyo.” (Joh. 6:38) UJesu wabhapathizwa ukuze abonise ukuthi wayeziletha ukuba afeze intando kaYise.—Math. 3:13-17.
8. Kungani uThimothewu akhetha ukukhulekela uNkulunkulu, futhi yini okungadingeka ukuba wena uyenze?
8 Cabanga nangendaba kaThimothewu, umKristu osemusha uJehova agcina emnike umsebenzi namalungelo amaningi. Kungani uThimothewu anquma ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso? IBhayibheli lisitshela ukuthi ‘kunezinto ayezifundile futhi wathonyelwa ukuba azikholelwe.’ (2 Thim. 3:14) Uma uye watadisha iZwi likaNkulunkulu futhi wathonyelwa ukuba ukholelwe ukuthi izimfundiso zalo ziyiqiniso, usesimweni esifana nesikaThimothewu. Manje kudingeka wenze isinqumo. Kungani ungakhulumi nabazali bakho ngesifiso sakho? Bona nabadala bebandla bangakusiza ukuba uqonde izimfuneko ezingokomBhalo zobhapathizo.—Funda izEnzo 8:12.
9. Abanye bangase baphatheke kanjani lapho ubhapathizwa?
9 Ukubhapathizwa kwakho kuyisiqalo esihle kakhulu sokukhonza uNkulunkulu weqiniso. Ngokuthatha lesi sinyathelo, ungena emncintiswaneni wokugijima ibanga elide onomvuzo wokuphila phakade kanye nenjabulo etholakala manje ngokwenza intando kaNkulunkulu. (Heb. 12:2, 3) Uyojabulisa namalungu omkhaya wakho asekulo mncintiswano kuhlanganise nabangane bakho ebandleni lobuKristu. Okubaluleke kunakho konke, uyokwenza inhliziyo kaJehova ijabule. (Funda izAga 23:15.) Yiqiniso, abanye bangase bangaqondi ukuthi kungani ukhethe ukukhulekela uJehova, futhi bangase basingabaze isinqumo sakho. Bangaze bakuphikise nokukuphikisa. Kodwa ungabhekana ngokuphumelelayo nalezi zinselele.
Lapho Abanye Bekubuza Imibuzo Noma Bekuphikisa
10, 11. (a) Imiphi imibuzo abantu abangase bakubuze yona ngesinqumo sakho sokukhonza uNkulunkulu? (b) Yini ongayifunda endleleni uJesu ayephendula ngayo imibuzo ephathelene nokukhulekela kweqiniso?
10 Isinqumo sakho sokukhonza uJehova singase simangaze ofunda nabo, omakhelwane nezihlobo zakho. Bangase babuze ukuthi kungani ukhethe ukulandela leyo nkambo futhi babuze nangalokho okukholelwayo. Kufanele ubaphendule kanjani? Yiqiniso, kudingeka uhlaziye imicabango nemizwa yakho ukuze ukwazi ukuchaza izizathu zesinqumo sakho. Lapho uphendula imibuzo ngezinkolelo zakho, sikhona yini isibonelo esingcono kakhulu ongasilingisa kunesikaJesu?
11 Lapho abaholi benkolo bamaJuda behloma uJesu ngemibuzo ephathelene novuko, wakhuluma ngomBhalo ababengawucabanganga. (Eks. 3:6; Math. 22:23, 31-33) Lapho umbhali othile embuza ukuthi imuphi umyalo omkhulu kunayo yonke, uJesu wamcaphunela amavesi eBhayibheli afanele. Leyo ndoda yambonga uJesu ngaleyo mpendulo. (Lev. 19:18; Dut. 6:5; Marku 12:28-34) Ukusebenzisa kukaJesu imiBhalo nendlela yakhe yokukhuluma kwabangela “ukuhlukana ngaye phakathi kwesixuku,” futhi abaphikisi bakhe abakwazanga ukumlimaza. (Joh. 7:32-46) Lapho uphendula imibuzo ephathelene nokholo lwakho, sebenzisa iBhayibheli futhi uphendule “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Pet. 3:15) Uma ungayazi impendulo, vuma ukuthi awuyazi, uthembise ukuyoyicwaninga. Kamuva, hlola leyo ndaba usebenzisa i-Watch Tower Publications Index noma i-Watchtower Library kuyi-CD-ROM uma ikhona ngolimi lwakho. Ngokulungiselela kahle, ‘uyokwazi ukuthi kufanele uphendule kanjani.’—Kol. 4:6.
12. Kungani kungafanele uvumele ushushiso lukudikibalise?
12 Ungase ubhekane nokungaphezu kokubuzwa imibuzo ngezinqumo nangezinkolelo zakho. Kakade leli zwe lilawulwa isitha sikaNkulunkulu, uSathane uDeveli. (Funda eyoku-1 Johane 5:19.) Kungaba okungenangqondo ukulindela ukuba wonke umuntu akuncome noma avumelane nesinqumo sakho, futhi ungase ubhekane nokuphikiswa. Abanye abantu bangase ‘bakuhlambalaze,’ futhi bangase baqhubeke bekwenza lokho. (1 Pet. 4:4) Kodwa khumbula, awuwedwa. NoJesu Kristu washushiswa. Umphostoli uPetru naye washushiswa, futhi wabhala: “Bathandekayo, ningakhungathekiswa ukusha [ukuhlupheka] enikuzwayo, okwenzeka kini ngenjongo yokunivivinya, njengokungathi nehlelwa yinto eyinqaba. Ngokuphambene nalokho, qhubekani nijabula njengoba nje ningabahlanganyeli ezinhluphekweni zikaKristu.”—1 Pet. 4:12, 13.
13. Kungani amaKristu engajabula lapho eshushiswa?
13 Ukukhuthazelela ushushiso noma ukuphikiswa njengomKristu kuyisizathu sokujabula. Ngani? Ngoba ukwamukelwa yizwe bekuyobonisa ukuthi uphila ngezindinganiso zikaSathane—hhayi ezikaNkulunkulu. UJesu waxwayisa: “Maye, noma nini lapho bonke abantu bekhuluma kahle ngani, ngoba izinto ezinjengalezi yizo okhokho babo abazenza kubaprofethi bamanga.” (Luka 6:26) Ukushushiswa kubonisa ukuthi uSathane nezwe lakhe bakuthukuthelele ngoba ukhonza uJehova. (Funda uMathewu 5:11, 12.) ‘Ukuhlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu’ kuyisizathu sokujabula.—1 Pet. 4:14.
14. Iziphi izinto ezinhle ezingaba umphumela lapho umuntu ehlala ethembekile kuJehova naphezu kokushushiswa?
14 Kunezinto ezine ezinhle ezingaba umphumela wokuhlala uthembekile kuJehova naphezu kokuphikiswa. Ngokuhlala uthembekile, unikeza ubufakazi ngoNkulunkulu nangeNdodana yakhe. Ukukhuthazela kwakho ngokwethembeka kukhuthaza abafowenu nodadewenu abangamaKristu. Abanye abantu ababukele abangamazi uJehova bangase bashukumiseleke ukuba bamfune. (Funda eyabaseFilipi 1:12-14.) Njengoba ubona indlela uJehova akunika ngayo amandla okukhuthazelela ukulingwa, uthando lwakho ngaye luyakhula.
Uvulekelwe “Umnyango Omkhulu”
15. Imuphi “umnyango omkhulu” owavulelwa umphostoli uPawulu?
15 Ngokuphathelene nenkonzo yakhe e-Efesu, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngivulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini.” (1 Kor. 16:8, 9) Lowo mnyango wawumholela emsebenzini omkhulu wokushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi kulowo muzi. Ngokungena ngalowo mnyango, uPawulu wasiza abaningi ukuba bafunde ngoJehova futhi bamkhulekele.
16. Insali egcotshiwe yangena kanjani ‘ngomnyango ovulekile’ ngo-1919?
16 Ngo-1919, uJesu Kristu okhazinyulisiwe ‘wavulela’ insali egcotshiwe “umnyango.” (IsAm. 3:8) Yangena ngawo yaqala ukushumayela izindaba ezinhle, yafundisa iqiniso leBhayibheli ngentshiseko eyengeziwe kunanini ngaphambili. Uye waba yini umphumela wenkonzo yayo? Manje izindaba ezinhle sezifinyelele emikhawulweni yomhlaba, futhi kunabantu abangaba izigidi ezingu-7 abanethemba lokuthola ukuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu.
17. Ungangena kanjani ‘ngomnyango omkhulu oholela emsebenzini’?
17 “Umnyango omkhulu oholela emsebenzini” usazivulekele kakhulu zonke izinceku zikaJehova. Lezo ezingena ngawo zithola injabulo nokwaneliseka njengoba ziba nengxenye ethe xaxa ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle. Nina zinceku zikaJehova ezisezintsha, nilazisa kakhulu kangakanani ilungelo elingenakuqhathaniswa lokusiza abanye ukuba ‘babe nokholo ezindabeni ezinhle’? (Marku 1:14, 15) Senikucabangele yini ukukhonza njengamaphayona avamile noma asizayo? Amanye amathuba angase avulekele abaningi kini ahlanganisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso, inkonzo yaseBethel nenkonzo yezithunywa zevangeli. Njengoba izwe likaSathane elibi liphelelwa isikhathi, ukungenela le mikhakha yenkonzo yoMbuso kuphuthuma ngokwengeziwe nsuku zonke. Ingabe uyongena ngalowo “mnyango omkhulu” isikhathi sisekhona?
“Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”
18, 19. (a) Yini eyasiza uDavide ukuba abe nesifiso esinamandla sokukhonza uJehova? (b) Yini ebonisa ukuthi uDavide akazange azisole ngokukhonza uNkulunkulu?
18 Umhubi ophefumulelwe wakhuthaza nabanye ukuba ‘banambithe babone ukuthi uJehova muhle.’ (IHu. 34:8) Ngesikhathi uDavide, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, esengumfana owelusayo, uJehova wamsindisa lapho ehlaselwa izilwane zasendle. UNkulunkulu wamsekela lapho elwa noGoliyati futhi wamsindisa nakwezinye izingozi eziningi. (1 Sam. 17:32-51; IHu. 18, umbhalo ongenhla) Ngenxa yomusa wothando omkhulu kaNkulunkulu, uDavide washukumiseleka ukuba abhale: “Ziningi izinto ozenzile, Jehova Nkulunkulu wami, ngisho nemisebenzi yakho emangalisayo nemicabango yakho kithi; akekho noyedwa ongaqhathaniswa nawe.”—IHu. 40:5.
19 UDavide wamthanda ngokujulile uJehova futhi wafuna ukumdumisa ngayo yonke inhliziyo nengqondo yakhe. (Funda iHubo 40:8-10.) Njengoba iminyaka yayihamba, uDavide akazange azisole ngokusebenzisa ukuphila kwakhe ekhulekela uNkulunkulu weqiniso. Ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kwakuyigugu kakhulu kuye—umthombo wenjabulo engenakuqhathaniswa. Lapho esegugile, wathi: “Wena uyithemba lami, Nkosi EnguMbusi Jehova, ithemba lami kusukela ebusheni bami. O Nkulunkulu, ungangishiyi, kuze kube ngisho nasekugugeni nasebumpungeni.” (IHu. 71:5, 18) UDavide wamethemba ngokwengeziwe uJehova futhi ubungane bakhe naye baqina nakakhulu, ngisho noma amandla akhe ayesenciphile.
20. Kungani ukukhonza uNkulunkulu kuyindlela engcono kakhulu yokusebenzisa ukuphila kwakho?
20 Ukuphila kukaJoshuwa, uDavide noThimothewu kungobunye ubufakazi bokuthi ukukhonza uJehova kuyindlela engcono kakhulu yokusebenzisa ukuphila kwakho. Izinzuzo zesikhashana zezinto ezibonakalayo ezitholakala ngokusebenza kuleli zwe azisondeli nakusondela ezinzuzweni zesikhathi eside ezitholakala ‘ngokukhonza uJehova ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke.’ (Josh. 22:5) Uma ungakazinikezeli kuJehova ngomthandazo, zibuze, ‘Yini engivimbela ukuba ngibe omunye woFakazi BakaJehova?’ Uma usungumkhulekeli kaJehova obhapathiziwe, ungathanda yini ukujabula ngokwengeziwe ekuphileni? Khona-ke, yandisa inkonzo yakho futhi uqhubeke uthuthuka ngokomoya. Isihloko esilandelayo sizokubonisa indlela ongakhula ngayo ngokomoya ngokulandela isibonelo somphostoli uPawulu.
Ungaphendula Kanjani?
• Nikeza izizathu ezimbili zokuthi kungani kufanele sikhonze uNkulunkulu.
• Yini eyasiza uThimothewu ukuba enze isinqumo sokukhonza uNkulunkulu?
• Kungani kufanele uhlale uqinile lapho ubhekene noshushiso?
• Imaphi amathuba enkonzo angase akuvulekele?
[Isithombe ekhasini 18]
Ukukhonza uJehova kuyindlela engcono kakhulu yokuphila
[Isithombe ekhasini 19]
Ungakwazi yini ukuphendula imibuzo ephathelene nokholo lwakho?