Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 4/15 kk. 16-20
  • Umshado Nokuba Umzali Kulesi Sikhathi Sokuphela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umshado Nokuba Umzali Kulesi Sikhathi Sokuphela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushada Okucatshangelwe Kahle
  • Ukuba Umzali Ovuthiwe
  • Ukungashadi Noma Ukungabi Nabantwana Ngenjongo Enhle
  • ‘Usizi Enyameni’
  • “Kuyoba Khona Usizi Olukhulu”
  • Ukwenza Umshado WomKristu Uphumelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Umshado—Isipho Esivela KuNkulunkulu Onothando
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Kungani Kufanele Umshado Ubhekwe Njengongcwele?
    I-Phaphama!—2004
  • Ukuzala Abantwana Okucatshangelwe Kahle Kulesikhathi Sokugcina
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 4/15 kk. 16-20

Umshado Nokuba Umzali Kulesi Sikhathi Sokuphela

“Isikhathi esesisele sinciphile.”—1 KOR. 7:29.

1. (a) Iziphi izinguquko ezenzekayo manje eziphakathi kwezinto “okunzima ukubhekana nazo”? (b) Kungani kumelwe sikunake ukushintsha kwezimo emikhayeni?

IZWI likaNkulunkulu labikezela ukuthi ‘isikhathi sokuphela’ sasiyophawuleka ngezimpi, ukuzamazama komhlaba, indlala nezifo eziwumshayabhuqe. (Dan. 8:17, 19; Luka 21:10, 11) IBhayibheli laxwayisa nangokuthi lesi sikhathi esibucayi emlandweni wesintu sasiyoba inkathi yezinguquko ezinkulu kwezenhlalo. Izinxushunxushu ekuphileni kwemikhaya zaziyoba phakathi kwezinto “okunzima ukubhekana nazo” kulezi ‘zinsuku zokugcina’ ezibucayi. (2 Thim. 3:1-4) Kungani kumelwe sizinake lezi zinguquko? Kungoba zithé chithi saka futhi zinamandla kangangokuthi zingathonya indlela amaKristu namuhla abheka ngayo ukushada nokuba umzali. Kanjani?

2. Ngokuvamile abantu bawubheka kanjani umshado nesehlukaniso?

2 Namuhla, sekulula ukuthola isehlukaniso futhi sekuvamile, kanti futhi izinga lesehlukaniso liyanda emazweni amaningi. Nokho, kufanele sikhumbule ukuthi uJehova uNkulunkulu unombono ohluke ngokuphelele ngomshado nangesehlukaniso kunalowo abantu abaningi abanawo emhlabeni. Imuphi-ke lowo mbono?

3. UJehova noJesu Kristu bawubheka kanjani umshado?

3 UJehova uNkulunkulu ulindele ukuba abantu abashadile bahlale bethembekile ezifungweni zabo zomshado. Lapho eshadisa indoda nowesifazane bokuqala, uJehova wathi ‘indoda kumelwe inamathele kumkayo babe nyamanye.’ Kamuva uJesu Kristu waphinda lawo mazwi, wabe esenezela: “Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” Waqhubeka wathi: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.” (Gen. 2:24; Math. 19:3-6, 9) Ngakho, uJehova noJesu babheka umshado njengesibopho sokuphila konke esinqamuka kuphela lapho omunye eshona. (1 Kor. 7:39) Njengoba umshado uyilungiselelo elingcwele, akufanele isehlukaniso sithathwe kalula. Empeleni, iZwi likaNkulunkulu lithi uJehova uyasizonda isehlukaniso esingasekelwe emiBhalweni.a—Funda uMalaki 2:13-16; 3:6.

Ukushada Okucatshangelwe Kahle

4. Kungani enye intsha engamaKristu izisola ngokuthi yasheshe yashada?

4 Izwe esiphila kulo elingamesabi uNkulunkulu lihlanyiswa ubulili. Nsuku zonke, singabona ithala lezithombe zobulili. Asinakuliziba ithonya ezingaba nalo kithi, ikakhulu entsheni yethu ethandekayo ebandleni. Intsha engamaKristu kufanele ibhekane kanjani naleli thonya elingcolile elingavusa isifiso sobulili ngisho noma ingafuni? Enye iye yazama ukubhekana nalo ngokushada isencane kakhulu. Isuke yethemba ukuthi uma yenza kanjalo izogwema ukuziphatha kabi ngokobulili. Nokho, kungakabiphi abaningana kuyo baye bazisola. Ngani? Ngoba ngemva kokuba igugu lokushada selidlulile baye babona ukuthi kuncane abafana ngakho nabashade nabo ekuphileni kwansuku zonke. Kuyaqondakala ukuthi imibhangqwana enjalo isuke ibhekene nenselele engathí sina.

5. Yini eyosiza imibhangqwana ukuba ihlale ithembekile ezifungweni zayo zomshado? (Bheka nombhalo waphansi.)

5 Ukushada nomuntu othile, ngisho noma engumKristu, bese uthola kamuva ukuthi akakona neze lokho owawukucabanga kungaba nzima ngempela. (1 Kor. 7:28) Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi isimo sinzima kangakanani, amaKristu eqiniso ayazi ukuthi isehlukaniso esingasekelwe emiBhalweni asilona ikhambi elamukelekayo lezinkinga zomshado ongajabulisi. Ngakho, ibandla lobuKristu kufanele libahloniphe futhi libasize ngothando labo abaqhubeka besebenza kanzima ukuze balondoloze umshado wabo ngoba befuna ukuhlale bethembekile ezifungweni zabo zomshado.b

6. Intsha engamaKristu kufanele ikubheke kanjani ukushada?

6 Ingabe usemusha futhi awukashadi? Uma kunjalo, kufanele ukubheke kanjani ukushada? Ungagwema ubuhlungu benhliziyo obukhulu uma ulinda kuze kube yilapho usuwulungele umshado ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomoya ngaphambi kokuba uqale ukuthandana nomunye umKristu. Yiqiniso, imiBhalo ayisho ukuthi umuntu kumelwe ashade eneminyaka emingaki.c Kodwa iBhayibheli liyabonisa ukuthi wenza kahle uma ulinda kuze kube yilapho usudlule isikhathi ekuphileni lapho imizwa yobulili inamandla kakhulu. (1 Kor. 7:36) Ngani? Ngoba imizwa yobulili enamandla ingahlanekezela ikhono elihle lokwahlulela, ikubangele ukuba wenze izinqumo eziwubuwula ezingakulethela ubuhlungu kamuva. Khumbula, iseluleko sikaJehova esihlakaniphile ngomshado esiseBhayibhelini sihloselwe ukukuzuzisa nokukulethela injabulo.—Funda u-Isaya 48:17, 18.

Ukuba Umzali Ovuthiwe

7. Eminye imibhangqwana esemisha ibhekana nani, futhi kungani lokhu kungabangela ubunzima emshadweni?

7 Eminye imibhangqwana eshada isemincane izithola isizoba abazali lapho nayo ngokwayo iseyizingane. Isuke ingakabi ngempela nesikhathi sokwazana kahle lapho kufika umntwana odinga ukunakekelwa ubusuku nemini. Lapho umama enaka kakhulu usana, okuyinto engokwemvelo, umyeni osemusha angase abe nesikhwele. Ngaphezu kwalokho, ukungalali ebusuku kungabangela ubunzima ebuhlotsheni bombhangqwana. Ubona ngaleso sikhathi ukuthi ulahlekelwe inkululeko yawo eningi. Awube usakwazi ukuya ezindaweni ezithile noma ukwenza izinto ngokukhululeka njengangaphambili. Kufanele usibheke kanjani isimo sawo esishintshile?

8. Ukuba umzali kufanele kubhekwe njengani, futhi ngani?

8 Njengoba nje umshado kufanele ungenelwe ucatshangelwe kahle, nokuba umzali kufanele kubhekwe njengomthwalo wemfanelo nelungelo elivela kuNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi ukufika komntwana kungase kubangele ziphi izinguquko ekuphileni kombhangqwana ongamaKristu, kufanele wenze konke okusemandleni ukubhekana nazo ngendlela ebonisa ukuvuthwa. Njengoba uJehova anikeza abantu amandla okuzala, abazali kudingeka babheke usana olusanda kuzalwa ‘njengefa elivela kuJehova.’ (IHu. 127:3) Umama nobaba abangamaKristu bayolwela ukufeza imisebenzi yabo ‘njengabazali abanobunye neNkosi.’—Efe. 6:1.

9. (a) Ukukhulisa umntwana kuhilelani? (b) Umyeni angenzani ukuze asize umkakhe ahlale eqinile ngokomoya?

9 Ukukhulisa umntwana kuhilela iminyaka eminingi yokuzidela. Kudinga amandla nesikhathi esiningi. Umyeni ongumKristu kudingeka aqonde ukuthi cishe umkakhe uyophazamiseka phakathi nemihlangano iminyaka eminingana ngemva kokuzalwa komntwana, futhi angase abe mbalwa amathuba okuba abe nesifundo seBhayibheli somuntu siqu nokuzindla. Lokhu kungase kulenze buthaka ingokomoya lakhe. Ukuba umzali ovuthiwe kudinga ukuba umyeni enze konke okusemandleni ukuba asize ekunakekeleni umntwana. Lapho sebesekhaya, angase azame ukuxoxela umkakhe amanye amaphuzu omhlangano okungenzeka amlahlekele. Angasiza nasekunakekeleni umntwana ukuze anikeze umkakhe ithuba lokuhlanganyela ngokwengeziwe ekushumayeleni ngoMbuso.—Funda eyabaseFilipi 2:3, 4.

10, 11. (a) Abantwana bakhuliswa kanjani “ngokuqondisa umqondo kukaJehova”? (b) Kungani abazali abaningi abangamaKristu bekufanelekela ukunconywa?

10 Ukuba umzali ovuthiwe kuhilela okungaphezu kokunakekela izidingo zomntwana zezempilo, ukudla, okokugqoka nendawo yokuhlala. Intsha kudingeka ifunde izimiso zokuziphatha isencane, ikakhulukazi kulesi sikhathi sokuphela esibucayi. Abantwana kufanele bakhuliswe “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Lokhu ‘kuqondisa umqondo’ kuhilela ukugxilisa imicabango kaJehova engqondweni yomntwana kusukela esewusana aze adlule eminyakeni ebucayi yobusha.—2 Thim. 3:14, 15.

11 Lapho uJesu etshela abalandeli bakhe ukuthi kufanele ‘benze abantu bazo zonke izizwe abafundi,’ ngokuqinisekile wayesho ukuthi abazali kufanele basize abantwana babo ukuba babe abafundi. (Math. 28:19, 20) Lokhu akulula ngoba izwe liyayicindezela intsha. Ngakho-ke, abazali abaye baphumelela ukukhulisa izingane zabo ukuba zibe amaKristu azinikezele bayakufanelekela ngempela ukunconywa ngokufudumele yibo bonke abasebandleni. Ngokholo nangokwethembeka kwabo njengabazali abavuthiwe, baye ‘balinqoba’ ithonya lezwe.—1 Joh. 5:4.

Ukungashadi Noma Ukungabi Nabantwana Ngenjongo Enhle

12. Kungani amanye amaKristu enquma ukungashadi isikhathi esithile?

12 Njengoba “isikhathi esesisele sinciphile” futhi ‘isimo saleli zwe sishintsha,’ iZwi likaNkulunkulu lisinxusa ukuba sicabangele izinzuzo zokungashadi. (1 Kor. 7:29-31) Ngakho, amanye amaKristu akhetha ukuhlala engashadile ukuphila kwawo konke noma iminyaka ethile. Kuyancomeka ukuthi awasebenzisi inkululeko yokungashadi ukuze aphishekele izifiso zawo zobugovu. Amaningi ahlala engashadile ukuze akhonze uJehova “ngaphandle kokuthikamezeka.” (Funda eyoku-1 Korinte 7:32-35.) Amanye amaKristu angashadile akhonza njengamaphayona noma njengezikhonzi zaseBethel. Amaningana afuna izindlela zokuba usizo kakhudlwana enhlanganweni kaJehova ngokufanelekela ukuya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo. Empeleni, labo abaye bakhonza njengezikhonzi zesikhathi esigcwele isikhathi esithile bengakashadi, kamuva base benquma ukushada, ngokuvamile baba nomuzwa wokuthi izifundo eziwusizo abazifunda phakathi naleyo minyaka ziyabazuzisa nalapho sebeshadile.

13. Kungani eminye imibhangqwana engamaKristu inquma ukungabi nabantwana?

13 Kwezinye izingxenye zomhlaba, sekunolunye ushintsho ekuphileni komkhaya—imibhangqwana eminingi iye yanquma ukungabi nabantwana. Eminye yenza lesi sinqumo ngezizathu zezomnotho; eminye isenza ngoba ifuna ukukhululeka ukuze iphishekele imisebenzi yokuziphilisa eholela kahle. Naphakathi kwamaKristu, kunemibhangqwana ekugwemayo ukuba nabantwana. Nokho, ivame ukwenza lokhu ukuze ibe nenkululeko ethe xaxa yokukhonza uJehova. Lokhu akusho ukuthi le mibhangqwana ayiphili ngendlela evamile. Nakuba iphila ngendlela evamile, ngokuzithandela ibeka izithakazelo zoMbuso ngaphezu kwezibusiso eziza nomshado. (1 Kor. 7:3-5) Eminye yaleyo mibhangqwana ikhonza uJehova nabafowabo emsebenzini wesifunda nowesigodi noma eBethel. Eminye ikhonza njengamaphayona noma njengezithunywa zevangeli. UJehova ngeke awukhohlwe umsebenzi wayo nothando elubonisa kulo igama lakhe.—Heb. 6:10.

‘Usizi Enyameni’

14, 15. Iluphi ‘usizi enyameni’ abazali abangamaKristu abangase babhekane nalo?

14 Umphostoli uPawulu watshela amaKristu ashadile ukuthi ayeyoba “nosizi enyameni.” (1 Kor. 7:28) Lungase luhlanganise ukugula kwawo, kwabantababo noma kwabazali bawo asebekhulile. Lungahlanganisa nobunzima nobuhlungu benhliziyo obuhlobene nokukhulisa abantwana. Njengoba kushiwo ekuqaleni kwalesi sihloko, iBhayibheli labikezela ukuthi ‘izinsuku zokugcina’ zaziyoletha “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Inkinga yabantwana “abangalaleli abazali” yayiyoba phakathi kwezinto okwakuyoba nzima ukubhekana nazo.—2 Thim. 3:1-3.

15 Ukukhulisa abantwana kuyinselele engathí sina abazali abangamaKristu ababhekene nayo. Nathi siyayizwa imiphumela ebuhlungu ‘yezikhathi ezibucayi’ esiphila kuzo. Ngakho, abazali abangamaKristu kufanele baqhubeke belwa nethonya eliyingozi ‘isimiso sezinto saleli zwe’ esingase sibe nalo kubantwana babo. (Efe. 2:2, 3) Ngezinye izikhathi abaphumeleli. Lapho kwenzeka indodana noma indodakazi yabazali abangamaKristu iyeka ukukhonza uJehova, kuba ‘usizi’ ngempela kubazali abaye bazama ukuyikhulisa ngeqiniso likaNkulunkulu.—IzAga 17:25.

“Kuyoba Khona Usizi Olukhulu”

16. Iluphi “usizi” olwabikezelwa uJesu?

16 Nokho, noma iluphi “usizi” oluhlobene nomshado nokuthola abantwana luyoba ubala uma luqhathaniswa nolunye usizi olukhulu nakakhulu. Lapho eprofetha ngokuba khona kwakhe nangesiphelo sesimiso sezinto, uJesu wathi: “Kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona.” (Math. 24:3, 21) Kamuva, uJesu wembula ukuthi isixuku esikhulu sasiyosinda kulolo “sizi olukhulu.” Nokho, isimiso sikaSathane siyoqhubeka silwa emzamweni waso wokugcina wokuhlasela oFakazi BakaJehova abanokuthula. Ngokungangabazeki, lesi sikhathi siyoba nzima kithi sonke—abadala nabantwana ngokufanayo.

17. (a) Kungani singabheka ikusasa ngokuqiniseka? (b) Yini okufanele ithonye umbono wethu ngokushada nangokuba umzali?

17 Noma kunjalo, akufanele silesabe ngokweqile ikusasa. Abazali abathembekile kuJehova bangaba nethemba lokuthi bona nabantwana babo bayovikelwa. (Funda u-Isaya 26:20, 21; Zef. 2:2, 3; 1 Kor. 7:14) Nokho, okwamanje, kwangathi ukwazi ukuthi siphila ezinsukwini ezibucayi kungathonya indlela esikubheka ngayo ukushada nokuba umzali kulesi sikhathi sokuphela. (2 Pet. 3:10-13) Ngaleyo ndlela, ukuphila kwethu kuyoletha udumo kuJehova nasebandleni lobuKristu, kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, sinabantwana noma asinabo.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka incwadi ethi Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Uyakuzonda Ukuhlukanisa Umshado,” ekhasini 125.

b Ukubukeza izihloko ezikhuluma ngomshado ezinjengalezo ezikuyi-Nqabayokulinda ka-September 15, 2003 ne-Phaphama! ka-January 8, 2001 kuyobaqinisa labo ababhekene nezinkinga zomshado.

c Bheka isahluko 30 esithi, “Ingabe Ngiwulungele Umshado?” encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.

Ake Sibukeze

• Kungani intsha engamaKristu kungafanele igijimele ukushada?

• Ukukhulisa umntwana kuhilelani?

• Kungani amaKristu amaningi enquma ukuhlala engashadile noma uma eshadile, enquma ukungabi nabantwana?

• Iluphi ‘usizi’ abazali abangamaKristu abangase babhekane nalo?

[Isithombe ekhasini 17]

Kungani kuwukuhlakanipha ngentsha engamaKristu ukungasheshi ishade?

[Isithombe ekhasini 18]

Umyeni angenza okuningi ukuze asize umkakhe ahlanganyele ngokwengeziwe emisebenzini engokomoya

[Isithombe ekhasini 19]

Kungani eminye imibhangqwana engamaKristu inquma ukungabi nabantwana?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela