“Impi Eyoqeda Zonke Izimpi”
‘Ngiyanithembisa ukuthi lena kuyoba yimpi yokugcina—impi eyoqeda zonke izimpi.’—UWOODROW WILSON, UMONGAMELI WASE-UNITED STATES (1913-21).
LAWO kwakungamathemba amakhulu omunye wabaholi bezwe ekupheleni kweMpi Yezwe I, eminyakeni engaba ngu-90 edlule. Leyo mpi yomhlaba wonke yayesabeka kangangokuthi abanqobi babefuna—futhi bedinga—ukukholelwa ukuthi ukuzidela kwabo okukhulu kwakuzoba nezinzuzo ezihlala njalo. Kodwa izimpi zabantu azivamile ukuxazulula izinkinga, ingasaphathwa eyokuqeda inkinga ejulile yempi ngokwayo.
Cishe eminyakeni engaba ngu-20 ngemva kokuba uMongameli Wilson enze leso sithembiso ngokuphamazela, kwaqubuka impi yezwe yesibili. Yabulala abantu abaningi futhi yabangela umonakalo omkhulu kuneyokuqala. Iminyaka engamashumi amabili yentuthuko kwezobuchwepheshe yayenze isintu sakuhlomela kakhudlwana ukubulala abantu abaningi. Njengoba impi yezwe yesibili yayiya ngasekupheleni, abaholi bomhlaba baqaphela ukuthi usongo lwempi lwase lulukhulu kunanini ngaphambili.
Ngo-1945, uJenene wase-United States uDouglas MacArthur wathi: “Ithuba lethu lokugcina selidlulile. Uma singasunguli isimiso esingcono nesinokulinganisela, sizoficwa i-Armagedoni.”
UJenene MacArthur wayazi lokho okwakwenziwe amabhomu amabili e-athomu eNagasaki naseHiroshima phakathi nezinsuku zokugcina zempi yezwe yesibili. Imbubhiso eshaqisayo eyehlela lawo madolobha amabili aseJapane yamenza wavela nencazelo entsha yegama elithi “Armagedoni”—ukhukhulela-ngoqo wenuzi owawungase usho ukuphela nyá kwempucuko kunozungezilanga wethu.
Isintu sisakhathazekile ngamathuba kakhukhulela-ngoqo wenuzi. Ngawo-1960, imibuso emikhulu yomhlaba yayisivele nesu “lokubhubhisana ngokuqinisekile.” Umgomo wayo kwakuwukuba namabhomu amaningi ngokwanele noma izinto zokuwaciba ukuze kuqinisekwe ukuthi kubhujiswa abantu abangamaphesenti angu-25 abangabuthelwanga empini ohlangothini lwesitha namaphesenti angu-50 ezimboni—kungakhathaliseki ukuthi iluphi uhlangothi oluqale impi. Bambalwa kakhulu abantu abathola induduzo kuleli su lokulondoloza ukuthula kwezwe.
Namuhla, izikhali zenuzi ziyanda futhi izimpi zamazwe zisaqhubeka zibulala abantu abaningi. Isintu sisasongelwa amathuba kakhukhulela-ngoqo wenuzi. Nakuba abantu belangazela ukuphela kwempi, bambalwa abakholelwa ukuthi impi nanoma iliphi elinye isu kungawufinyelela lowo mgomo.
Kodwa iBhayibheli likhuluma ngempi eyingqayizivele eyoqeda zonke izimpi. Libiza le mpi ngokuthi “i-Armagedoni”—lona kanye igama abantu abavame ukulihlobanisa nokhukhulela-ngoqo wenuzi. I-Armagedoni ingayiqeda kanjani ngempela impi? Isihloko esilandelayo sizowuphendula lo mbuzo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
DTRA Photo
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
Nagasaki, Japan, 1945: USAF photo