Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 12/15 k. 30
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • UJakobe Wathola Ifa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJakobe No-Esawu Bayaxolelana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Amawele Ayengafani
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 12/15 k. 30

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ukujabulele ukufunda omagazini bamuva nje be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:

• Kungani “iTestamente Elidala” linenzuzo ehlala njalo?

UMlobi walo akuyena unkulunkulu othile ononya, kodwa uNkulunkulu onothando, uJehova. UJesu nabalandeli bakhe bokuqala baqhubeka bebhekisela emiBhalweni YesiHebheru. Iqukethe iseluleko esiwusizo sokuphila kwansuku zonke futhi inikeza ithemba elihle lesikhathi esizayo.—9/1, amakhasi 4-7.

• Kuye kwafezani ukudlula kwesikhathi kusukela u-Adamu no-Eva bona?

Phakathi nalezi zinkulungwane zeminyaka, uSathane uye wabonakala engumqambimanga—u-Adamu no-Eva kanye nezigidi zabantwana babo bafile. Ukudlula kwesikhathi kuye kwabonisa ukuthi abantu abanakuphumelela ngaphandle kukaNkulunkulu futhi abanalo ilungelo noma ikhono lokuqondisa izinyathelo zabo.—9/15, amakhasi 6-7.

• Kungani uJakobe engazange alahlwe ngokuzenza u-Esawu?

UJakobe wayenelungelo lokuthola isibusiso sikayise, njengoba ayethenge ilungelo lobuzibulo ku-Esawu. Lapho u-Isaka eqaphela ukuthi wayebusise uJakobe, akafunanga ukukushintsha lokho. Kusobala ukuthi uNkulunkulu, owayengase angenele kule ndaba, wayefuna ukuba lesi sibusiso siye kuJakobe.—10/1, ikhasi 31.

• Ukuba kwethu nonembeza kukuphikisa kanjani ukuziphendukela kwemvelo?

Kuzo zonke izinhlanga namasiko, abantu bebekuthanda ukusiza abanye, ngisho noma ukwenza kanjalo kwakusho ukuzifaka engozini. Ukukhathalela okunjalo okungenabugovu bekungeke kulindeleke ukube abantu bebeyizilwane nje ezilwela ukuqhubeka ziphila ngazo zonke izindlela.—10/15, ikhasi 20.

• Singasho kanjani ukuthi uNkulunkulu uthobekile, futhi uyibonisa ngaziphi izindlela le mfanelo?

NjengoMbusi noMdali, uNkulunkulu akanako ukulinganiselwa njengathi. Kodwa, ngokuvumelana neyesi-2 Samuweli 22:36, uNkulunkulu uthobekile ngomqondo wokuthi uyabakhathalela abantu abaphansi abazama ukumthokozisa, ababonise isihe. Uyehla, ngomqondo ongokomfanekiso, ukuze asebenzelane ngomusa nabantu abamesabayo.—11/1, amakhasi 4-5.

• Izindengezi zasendulo ziwuqinisekisa kanjani umlando weBhayibheli?

Abavubukuli baye bathola izindengezi eSamariya eziqukethe amagama emindeni engu-7 elotshwe kuJoshuwa 17:1-6. Izindengezi zase-Aradi ziqinisekisa ukwaziswa okuphathelene nemikhaya yabapristi futhi ziqukethe negama likaNkulunkulu. Izindengezi zaseLakishi zichaza isimo sezombangazwe nesiyaluyalu esasikhona kwaJuda ngaphambi kokuba abaseBhabhiloni bahlasele.—11/15, amakhasi 12-14.

• Yini eholela esiphethweni sokuthi incwadi yezEnzo yalotshwa uLuka?

Incwadi yeVangeli likaLuka kanye nezEnzo Zabaphostoli ziqondiswe kuTheyofilu, okubonisa ukuthi zombili zalotshwa uLuka. Ukusetshenziswa kwesabizwana esithi “thina,” “-ethu” nesithi “nathi” kubonisa ukuthi uLuka wayenengxenye kwezinye zalezi zenzakalo. (IzEnzo 16:8-15)—11/15, ikhasi 18.

• UmKristu kufanele akubheke kanjani ukuzingela nokudoba?

Kusukela ngosuku lukaNowa, uNkulunkulu uye wavumela abantu ukuba babulale izilwane, bazidle. Kodwa imfuneko yokuba zophiswe igcizelela ukuthi ukuphila kwezilwane kufanele kuhlonishwe ngoba kuvela kuNkulunkulu. AmaKristu akufanele abulale ngenjongo yokudlala noma ukuze azijabulise ngokuzingela noma ngokubulala. Kubalulekile ukulalela imithetho kaKhesari nokucabangela unembeza wabanye. (Roma 14:13)—12/1, ikhasi 31.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela