Ububele Ezweni Elinonya
INDODA ethile eBurundi ibangwa nezibi ngenxa kamalaleveva. Kudingeka iphuthunyiswe esibhedlela. Kodwa kanjani? Akunamoto ezoyihambisa. Abangane bayo ababili abakhulu bayayisiza. Bayigibelisa ebhayisekilini bayiqhube amahora amahlanu anzima emagqumeni. Bayifaka ebhasini eliya esibhedlela esiseduze. Ngemva kwezinsukwana, iba ngcono kakhulu.
Kwenye ingxenye yomhlaba, ngemva kweSiphepho uKatrina, esacekela phansi isifunda saseGulf e-United States ngo-August 2005, iqembu lamavolontiya lizithela endlini ebhidlizwe imithi ewile. La mavolontiya, angamazi nhlobo umnikazi wendlu, achitha usuku lonke esusa imithi ewile nemfucumfucu ngemishini yokusaha. Umnikazi uthi: “Ngiswele amazwi okubabonga ngokwanele laba [bantu].”
Imibiko yezindaba ethusayo ivame ukugcizelela izenzo zonya nesihluku. Izenzo zansuku zonke zobubele nomusa zigqitshwa yile mibiko. Nokho, lokhu akulishintshi iqiniso lokuthi abantu yonke indawo bomele uthando nozwela. Siyabulangazelela ububele! Imizwa enjalo ingase ivame kakhulu ngesikhathi sikaKhisimusi, lapho abaningi bekhuluma noma behlabelela ‘ngokuthula nokuthokozelwa kwabantu bonke.’—Luka 2:14, IBhayibheli lesiZulu elivamile.
Ukubonisa ububele kungase kungabi lula ezweni elibonakala lingenabungane namfudumalo. Isimo sengqondo esivamile esokuthi ukuba nonya nokungacabangeli kuletha impumelelo nokunqoba. Abaningi babonakala bephila ngesimiso okuthiwa sasungulwa uNiccolò Machiavelli—kuwukuhlakanipha ukuba nonya kunokuba nobubele. Ukuhaha nokuzazisa kubuvimba kalula ububele.
Ngenxa yalokho, abantu abaningi bazicabangela bona kuqala, ngisho nalapho lokhu kulimaza imizwa yabanye noma kuthiya izithakazelo zabo. Abesilisa abangosaziwayo kwezemidlalo nakwezokuzijabulisa bavame ukuchazwa “njengamadoda angempela” (amaqhawe) angalubonisi uzwela. Abanye abaholi bezombangazwe nabo baziphatha ngendlela efanayo.
Ngakho-ke, senza kahle uma sizibuza: Kungani kufanele sibe nozwela? Ingabe ububele buyithonya lokuhle? Futhi yini engasisiza ukuba sibonise ububele? Isihloko esilandelayo sizohlaziya le mibuzo.
[Ibhokisi ekhasini 3]
•Ingabe ukubonisa ububele kuwukuba buthakathaka?
•Ingabe ububele bunamandla?
•Iziphi izindlela ezingokoqobo ongabonisa ngazo uzwela?