Hlakulela Izimfanelo Ezingakusiza Ukuba Wenze Abafundi
“Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.”—MATHEWU 28:19.
1. Imaphi amakhono nesimo sengqondo okwadingeka kwezinye izinceku zikaNkulunkulu zesikhathi esidlule?
IZINCEKU zikaJehova kumelwe ngezinye izikhathi zihlakulele amakhono nesimo sengqondo esiyozisiza ukuba zenze intando yakhe. Ngokwesibonelo, beyalwe uNkulunkulu, u-Abrahama noSara bashiya umuzi wase-Uri ochumayo futhi ekugcineni kwadingeka babe nezimfanelo namakhono afuneka kubantu abahlala ematendeni. (Hebheru 11:8, 9, 15) Ukuze ahole ama-Israyeli awangenise eZweni Lesithembiso, uJoshuwa kwakudingeka abe nesibindi, athembele kuJehova futhi azi uMthetho wakhe. (Joshuwa 1:7-9) Kungakhathaliseki amakhono uBhezaleli no-Oholiyabe okungenzeka babevele benawo, ngokuqinisekile umoya kaNkulunkulu wawathuthukisa ukuze lawo madoda ahlanganyele futhi engamele ngokuphumelelayo emsebenzini wokwakha itabernakele nakweminye imisebenzi ehlobene nalo.—Eksodusi 31:1-11.
2. Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo ehlobene nomsebenzi wokwenza abafundi?
2 Emakhulwini eminyaka kamuva, uJesu Kristu wanikeza abalandeli bakhe lo myalo: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Kwakuqala ukuba abantu banikezwe ilungelo lokwenza umsebenzi onjengalo. Iziphi izimfanelo ezidingekayo emsebenzini wokwenza abafundi? Singazihlakulela kanjani?
Bonisa Uthando Olujulile NgoNkulunkulu
3. Umyalo wokwenza abafundi usinikeza liphi ithuba?
3 Ukuya kubantu nokuzama ukubathonya ukuba bakhulekele uNkulunkulu weqiniso kudinga ukuba sibe nothando olujulile ngaye. Ama-Israyeli ayengabonisa uthando lwawo ngoNkulunkulu ngokulalela imiyalo yakhe ngenhliziyo yawo yonke, ngokunikela ngemihlatshelo eyamukelekayo nangokumdumisa ngezingoma. (Duteronomi 10:12, 13; 30:19, 20; IHubo 21:13; 96:1, 2; 138:5) Njengabenzi babafundi, nathi sigcina imithetho kaNkulunkulu, kodwa sibonisa uthando lwethu ngoJehova nangokutshela abanye ngaye nangezinjongo zakhe. Kudingeka sikhulume ngokuqiniseka, sikhethe amazwi afanele aveza imizwa yethu eqotho ngethemba lethu esilinikwe uNkulunkulu.—1 Thesalonika 1:5; 1 Petru 3:15.
4. Kungani uJesu ayekujabulela ukufundisa abantu ngoJehova?
4 Ngenxa yokuthi wayemthanda ngokujulile uJehova, uJesu wayekujabulela kakhulu ukukhuluma ngezinjongo zikaNkulunkulu, ngoMbuso nangokukhulekela kweqiniso. (Luka 8:1; Johane 4:23, 24, 31) Empeleni, uJesu wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) La mazwi omhubi asebenza kuJesu: “O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usezibilinini zami. Ebandleni elikhulu ngizikhulumile izindaba ezinhle zokulunga. Bheka! Izindebe zami angizivimbeli. O Jehova, wena ngokwakho ukwazi kahle lokho.”—IHubo 40:8, 9; Hebheru 10:7-10.
5, 6. Iyiphi imfanelo eyinhloko edingekayo kubenzi babafundi?
5 Beshukunyiswa uthando ngoNkulunkulu, ngezinye izikhathi abasanda kufunda iqiniso leBhayibheli bakhuluma ngoJehova nangoMbuso ngokuqiniseka okukhulu kangangokuthi bayaphumelela impela ekukholiseni abanye ukuba bahlole imiBhalo. (Johane 1:41) Uthando ngoNkulunkulu luyisici esiyinhloko esisishukumisa ukuba sihlanganyele emsebenzini wokwenza abafundi. Ngakho, masilugcine luvutha lolo thando ngokulifunda njalo iZwi lakhe nangokuzindla ngalo.—1 Thimothewu 4:6, 15; IsAmbulo 2:4.
6 Akungabazeki ukuthi uthando ngoJehova lwasiza uJesu Kristu ukuba abe umfundisi oshisekayo. Kodwa leso kwakungesona ukuphela kwesizathu esamenza waba ummemezeli woMbuso ophumelelayo. Iyiphi-ke enye imfanelo eyenza uJesu waba umenzi wabafundi ophumelelayo?
Bonisa Ukukhathalela Kothando Ngabantu
7, 8. UJesu wayebabheka kanjani abantu?
7 UJesu wayebakhathalela abantu futhi wabonisa isithakazelo esijulile kubo. Ngisho nalapho engakabi umuntu, ‘eseyisisebenzi’ sikaNkulunkulu “esiyingcweti,” wayezithanda izinto eziphathelene nabantu. (IzAga 8:30, 31) Njengomuntu emhlabeni, uJesu wayenozwela ngabantu, ebenza baqabuleke labo ababeza kuye. (Mathewu 11:28-30) UJesu wabonisa uthando nozwela lukaJehova, futhi lokhu kwadonsela abantu ekukhulekeleni okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Abantu bazo zonke izinhlobo bamlalela uJesu ngoba wabonisa ukuthi wayebakhathalela ngothando bona nezimo zabo.—Luka 7:36-50; 18:15-17; 19:1-10.
8 Lapho umuntu othile embuza ukuthi kwakudingeka enzeni ukuze athole ukuphila okuphakade, “uJesu wambheka futhi wezwa emthanda.” (Marku 10:17-21) Nakhu esikufundayo ngabantu abathile uJesu abafundisa eBhethaniya: “UJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru.” (Johane 11:1, 5) UJesu wayebakhathalela kakhulu abantu kangangokuthi wadela ukuphumula ayekudinga ukuze abafundise. (Marku 6:30-34) Ukukhathalela okunjalo okujulile nokothando ngabanye abantu kwenza uJesu waphumelela kakhulu kunanoma ubani omunye ekudonseleni abantu ekukhulekeleni kweqiniso.
9. UPawulu wayenasiphi isimo sengqondo njengomenzi wabafundi?
9 Umphostoli uPawulu naye wayebakhathalela ngokujulile abantu ayebashumayeza. Ngokwesibonelo, watshela labo ababebe amaKristu eThesalonika: “Njengoba sasinothando lomzwelo ngani, sakujabulela kakhulu ukungadluliseli kini nje kuphela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu, kodwa futhi nemiphefumulo yethu uqobo, ngoba nathandeka kithi.” Ngenxa yemizamo kaPawulu yothando, abanye eThesalonika ‘baphenduka ezithombeni zabo ukuze babe izinceku zikaNkulunkulu ophilayo.’ (1 Thesalonika 1:9; 2:8) Uma sibakhathalela ngobuqotho abantu, njengoba kwenza uJesu noPawulu, nathi singase sithole injabulo yokubona izindaba ezinhle zifinyelela izinhliziyo zalabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’—IzEnzo 13:48.
Bonisa Umoya Wokuzidela
10, 11. Kungani kudingeka umoya wokuzidela lapho sizama ukwenza abafundi?
10 Abenzi babafundi abaphumelelayo banomoya wokuzidela. Ngokuqinisekile ababheki ukuzuza ingcebo njengento ebaluleke kunakho konke. Eqinisweni, uJesu watshela abafundi bakhe: “Yeka ukuthi kuyoba yinto enzima kangakanani ngalabo abanemali ukungena embusweni kaNkulunkulu!” Abafundi bamangala ukuzwa lokhu, kodwa uJesu wanezela: “Bantwana, yeka ukuthi kuyinto enzima kangakanani ukungena embusweni kaNkulunkulu! Kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.” (Marku 10:23-25) UJesu watusa ukuba abalandeli bakhe baphile ukuphila okulula ukuze bagxile ekwenzeni abafundi. (Mathewu 6:22-24, 33) Kungani umoya wokuzidela usisiza ukuba senze abafundi?
11 Ukufundisa zonke izinto uJesu aziyala kudinga umzamo omkhulu. Ngokuvamile, umenzi wabafundi ulwela ukuqhuba isifundo seBhayibheli nomuntu othakazelayo isonto nesonto. Ukuze bandise amathuba okuthola abantu abaqotho, abanye abamemezeli boMbuso baye bayeka imisebenzi yesikhathi esigcwele babamba amatoho. Izinkulungwane zamaKristu ziye zafunda olunye ulimi ukuze zifinyelele abantu bezinye izizwe abahlala endaweni yazo. Abanye abenzi babafundi baye basuka emakhaya abo bathuthela kwenye indawo noma izwe ukuze bahlanganyele ngokugcwele emsebenzini wokuvuna. (Mathewu 9:37, 38) Konke lokhu kudinga umoya wokuzidela. Kodwa kudingeka okungaphezulu ukuze ube umenzi wabafundi ophumelelayo.
Bekezela Kodwa Ungachithi Isikhathi
12, 13. Kungani ukubekezela kubaluleke kangaka ekwenzeni abafundi?
12 Ukubekezela kungenye imfanelo esisiza ukuba senze abafundi. Isigijimi sethu sobuKristu sidinga ukuba umuntu athathe isinyathelo ngokuphuthumayo, kodwa ngokuvamile ukwenza abafundi kuthatha isikhathi esiningi futhi kudinga nokubekezela. (1 Korinte 7:29) UJesu wambekezelela uJakobe, ongumfowabo ngamzali munye. Nakuba kusobala ukuthi uJakobe wayejwayelene nemisebenzi kaJesu yokushumayela, kukhona okwambamba isikhathi esithile ekubeni umfundi. (Johane 7:5) Nokho, kubonakala uJakobe aba umfundi esikhathini esifushane phakathi kokufa kukaKristu nePhentekoste lika-33 C.E., ngoba imiBhalo isikisela ukuthi wahlanganyela emthandazweni kanye nonina, abafowabo nabaphostoli. (IzEnzo 1:13, 14) UJakobe wathuthuka kakhulu ngokomoya, kamuva waphathiswa imithwalo yemfanelo emikhulu ebandleni lobuKristu.—IzEnzo 15:13; 1 Korinte 15:7.
13 Njengabalimi, amaKristu atshala izinto ezivame ukukhula kancane—ukuqonda iZwi likaNkulunkulu, ukuthanda uJehova nokuba nomoya onjengokaKristu. Lokhu kudinga ukubekezela. UJakobe wabhala: “Bazalwane, bekezelani kuze kube ukuba khona kweNkosi. Bhekani! Umlimi uqhubeka elinde isithelo somhlaba esiyigugu, esibekezelela aze athole imvula yokuqala nemvula yokugcina. Nani futhi bekezelani; qinisani izinhliziyo zenu, ngoba ukuba khona kweNkosi sekusondele.” (Jakobe 5:7, 8) UJakobe wayenxusa amakholwa ayekanye nawo ukuba ‘abekezele kuze kube ukuba khona kweNkosi.’ Uma kwakuba nokuthile abafundi ababengakuqondi, uJesu wayebachazela noma afanekise indaba ngesineke. (Mathewu 13:10-23; Luka 19:11; 21:7; IzEnzo 1:6-8) Manje njengoba iNkosi isikhona, kunesidingo esifanayo sokubekezela njengoba silwela ukwenza abafundi. Labo ababa abalandeli bakaJesu osukwini lwethu kudingeka bafundiswe ngesineke.—Johane 14:9.
14. Nakuba sibekezela, singasisebenza kanjani isikhathi sethu ngokuhlakanipha njengabenzi babafundi?
14 Nakuba sibekezela, izwi alitheli kubantu abaningi esibafundela iBhayibheli. (Mathewu 13:18-23) Ngakho-ke, ngemva kokwenza umzamo owanele wokubasiza, ngokuhlakanipha siyayeka ukuchitha isikhathi nabantu abanjalo futhi silwele ukuthola abangase balazise iqiniso leBhayibheli. (UmShumayeli 3:1, 6) Yiqiniso, ngisho nabantu abanokwazisa bangase badinge usizo oluthé xaxa ukuze bashintshe imibono yabo, isimo sengqondo nezinto eziza kuqala ekuphileni kwabo. Ngakho siyabekezela njengoba noJesu ababekezelela abafundi ababekuthola kunzima ukuba nesimo sengqondo esifanele.—Marku 9:33-37; 10:35-45.
Hlakulela Ikhono Lokufundisa
15, 16. Kungani ukufundisa ngendlela elula nokulungiselela kahle kubalulekile lapho senza abafundi?
15 Uthando ngoNkulunkulu, ukukhathalela abantu, umoya wokuzidela nokubekezela yizici ezibalulekile ekwenzeni abafundi ngokuphumelelayo. Kudingeka sihlakulele namakhono okufundisa ngoba asenza sikwazi ukuchaza izinto ngendlela ecacile nengeke idide umfundi. Ngokwesibonelo, amazwi amaningi ashiwo uMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu, aba namandla ngokukhethekile ngenxa yobulula bawo. Cishe uyawakhumbula amazwi kaJesu anjengalawa: “Zibekeleleni ingcebo ezulwini.” “Ningaziniki izinja okungcwele.” “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” “Buyiselani kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Mathewu 6:20; 7:6; 11:19; 22:21) Yiqiniso, uJesu akazange asebenzise izinkulumo ezimfushane kuphela. Wayefundisa ngendlela ecacile futhi echaza izinto lapho kufaneleka ukwenza kanjalo. Ungayilingisa kanjani indlela kaJesu yokufundisa?
16 Isihluthulelo sokufundisa ngendlela elula necacile siwukulungiselela kahle. Isikhonzi esingalungiselele sithambekele ekukhulumeni kakhulu. Empeleni singase sigqibe amaphuzu asemqoka ngamazwi aso amaningi ngokweqile, sisho konke esikwaziyo ngendaba. Ngokuphambene, isikhonzi esilungiselele kahle sicabanga ngomuntu esimfundelayo, sizindle ngendaba futhi sidlulisele kuphela lokho okudingekayo ngendlela ecacile. (IzAga 15:28; 1 Korinte 2:1, 2) Sicabanga ngalokho umfundi asekwazi kakade nangamaphuzu okufanele siwagcizelele phakathi nesifundo. Isikhonzi singase sazi imininingwane eminingi ethakazelisayo ngendaba, kodwa indaba icaca kahle uma sisusa ukwaziswa okungadingeki.
17. Singabasiza kanjani abantu ukuba bazindle ngemiBhalo?
17 UJesu wabuye wasiza abantu ukuba bacabange, esikhundleni sokumane abatshele amaqiniso. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi wabuza: “Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba ayamukela kobani intela yempahla noma intela yekhanda? Emadodaneni awo noma ezihambini?” (Mathewu 17:25) Kungenzeka sikujabulela kakhulu ukuchaza iBhayibheli kangangokuthi kudingeka sizithibe ukuze sinike umfundi ithuba lokukhuluma noma lokuchaza indaba edingidwayo phakathi nesifundo seBhayibheli sasekhaya. Yebo, akufanele sibuze abantu imibuzo eminingi ngokweqile. Kunalokho, ngokusebenzisa isu, imifanekiso emihle nemibuzo ecatshangelwe kahle, singabasiza ukuba baqonde amaphuzu emiBhalo asezincwadini zethu ezisekelwe eBhayibhelini.
18. Yini ehilelekile ekuhlakuleleni ‘ikhono lokufundisa’?
18 ImiBhalo ikhuluma ‘ngekhono lokufundisa.’ (2 Thimothewu 4:2; Thithu 1:9) Ikhono elinjalo lokufundisa lihlanganisa okungaphezu kokusiza umuntu ukuba abambe ngekhanda amaphuzu athile. Kufanele sizame ukusiza umfundi weBhayibheli ukuba aqonde umahluko phakathi kweqiniso namanga, okuhle nokubi, ukuhlakanipha nobuwula. Njengoba senza lokhu futhi sizama ukuhlakulela uthando ngoJehova enhliziyweni yalo muntu, angase abone isizathu sokumlalela.
Hlanganyela Ngentshiseko Ekwenzeni Abafundi
19. Wonke amaKristu aba kanjani nesandla ekwenzeni abafundi?
19 Ibandla lobuKristu liyinhlangano eyenza abafundi. Lapho umuntu eqala ukuba umfundi, uFakazi kaJehova owamthola futhi wamsiza ukuba azi lokho okufundiswa iBhayibheli akayena ukuphela komuntu onesizathu sokujabula. Lapho abantu behlela umkhankaso wokufuna ingane elahlekile, ingase itholwe umuntu oyedwa kulelo qembu. Kodwa lapho ingane ibuyiselwa kubazali bayo, wonke umuntu owayehilelekile ekuyifuneni uyajabula. (Luka 15:6, 7) Ngokufanayo, ukwenza abafundi kuwumsebenzi weqembu. Wonke amaKristu ayahlanganyela ekufuneni labo abangase babe abafundi bakaJesu. Lapho umuntu ofundelwayo eqala ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso, wonke amaKristu akhona aba nesandla ekumenzeni azise ukukhulekela kweqiniso. (1 Korinte 14:24, 25) Ngakho, wonke amaKristu angajabula ngokuthi unyaka ngamunye kwenziwa amakhulu ezinkulungwane zabafundi abasha.
20. Kufanele wenzeni uma ufuna ukufundisa abanye iqiniso leBhayibheli?
20 AmaKristu amaningi athembekile angakujabulela ukufundisa othile ngoJehova nangokukhulekela kweqiniso. Nokho, naphezu kokwenza konke okusemandleni, kungenzeka ukuthi awakaphumeleli ukwenza kanjalo. Uma kunjalo ngawe, qhubeka uqinisa uthando lwakho ngoJehova. Khathalela abantu, uzidele, ubekezele futhi ufune ukuthuthukisa amakhono akho okufundisa. Ngaphezu kwakho konke, thandaza ngesifiso sakho sokufundisa abanye iqiniso. (UmShumayeli 11:1) Thola induduzo ngokwazi ukuthi konke okwenza enkonzweni kaJehova kufeza indima ethile emsebenzini wokwenza abafundi okhazimulisa uNkulunkulu.
Ungachaza?
• Kungani ukwenza abafundi kuvivinya uthando lwethu ngoNkulunkulu?
• Abenzi babafundi kudingeka babe naziphi izimfanelo?
• Yini ehilelekile ekubeni “nekhono lokufundisa”?
[Isithombe ekhasini 21]
AmaKristu abonisa uthando lwawo olujulile ngoNkulunkulu ngokwenza abafundi
[Isithombe ekhasini 23]
Kungani abenzi babafundi kumelwe babe nesithakazelo kwabanye?
[Isithombe ekhasini 24]
Iziphi ezinye zezimfanelo okudingeka abenzi babafundi babe nazo?
[Isithombe ekhasini 25]
Wonke amaKristu ayajabula ukubona imiphumela emihle yokwenza abafundi