Yini Eyenza Ukuphila Kwakho Kube Nenjongo?
UKENNY wayesebenza enkampanini yomshuwalense ephumelelayo, ehamba ngemoto kanokusho yakwelinye izwe futhi enefulethi endaweni yezicebi edolobheni elithile elikhulu. Njengoba ayeyingcweti yokutshuza emoyeni, wayekujabulela ukugxuma esuka ezindaweni eziphakeme ngezinkulungwane zamamitha. Ingabe wayenelisekile ngempela? Ngokwe-Wall Street Journal, wathi: “Sengineminyaka engu-45 ubudala, kodwa ukuphila kwami akuyi ndawo . . . Akwanelisi.”
U-Elyn wazikhandla ukuze abe ingcweti yokushwibeka eqhweni. Wagcina eseyingqwele kulo mdlalo. U-Elyn wayesedumile njengoba ayefisa. Wabalisa: “Kodwa yayikuphi injabulo engangilindele ukuyithola? Ngangizizwa nginesizungu esikhulu. Yize nganginemali eningi, ekugcineni ngangizoficwa ukuguga, bese ukuphila kuba nesithukuthezi uma injongo yokuphila kuyilena kuphela.”
Njengoba ayaziwa ngekhono lakhe lokudweba, uHideo wayephilela imisebenzi yakhe yobungcweti. Wayengayidayisi; wayecabanga ukuthi ukwenza kanjalo kwakuyomenza ehlise izinga lomsebenzi wakhe. Ngasekupheleni kweminyaka engu-98 yokuphila kwakhe, wanikela ngengxenye enkulu yomsebenzi wakhe emnyuziyamu. Ukuphila kwakhe konke wayekusebenzisele ukudweba. Kodwa wayenganelisekile, enomuzwa wokuthi kuyothatha isikhathi eside ukuba ikhono lakhe lifinyelele lapho limgculisa khona.
Abanye abantu bangena shì ekusizeni abanye. Ngokwesibonelo, cabanga ngesikhulu esithile sezamabhayisikobho eHollywood. Njengephini likamongameli wenye yezinkampani zamabhayisikobho ezinkulu kunazo zonke e-United States, sasihlangana nosaziwayo futhi sihlala endaweni yezigwili. Lapho siseholidini eCambodia, kweza intombazane kuso yasicela imali sisadla esitolo esithile ePhnom Penh. Sayinikeza i-dollar nesiphuzo. Le ntombazane yaneliseka. Nokho, ngakusasa ebusuku yayilapho futhi, isacela imali. Sabona ukuthi kudingeka usizo olungaphezu kwalolu.
Ngemva konyaka, lesi sikhulu sanquma ukushintsha umsebenzi—sayeka kwezamabhayisikobho sayosiza abampofu eCambodia. Savula isikole esinikeza abafundi indawo yokuhlala, ukudla kanye nemfundo. Nokho, lesi sikhulu sihlale sinemizwa engqubuzanayo—injabulo nokwaneliseka ngalokho esikufezayo kanye nokuphelelwa ithemba nokukhungatheka ngenxa yokwanda kwezinkinga okumelwe sibhekane nazo.
Bonke laba bantu abane okusanda kukhulunywa ngabo babecabanga ukuthi bayazi ukuthi baphilelani. Nokho, bazizwa benganelisekile lapho ekugcineni befinyelela umgomo ababezikhandlile ukuze bawufinyelele. Wena yini oyiphilelayo? Yini eza kuqala ekuphileni kwakho? Ingabe uyaqiniseka ukuthi ngeke uzisole kamuva ngendlela ophila ngayo?