Uyibona Ngani Impumelelo?
NJENGOBA ayebhekwa abathile njengomthengi nomthengisi wamasheya ophumelela kunabo bonke eWall Street, uJesse Livermore waduma njengomuntu owayenza izinqumo ezihlakaniphile ebhizinisini. Ngenxa yalokho, waqongelela ingcebo eningi. Wayegqoka amasudi kanokusho athungwe ngesandla, ehlala esithabathabeni somuzi esinamakamelo angu-29, futhi ehamba ngemoto emnyama yohlobo lwe-Rolls-Royce futhi eshayelelwa.
UDavida wayesemzileni ofanayo. Njengoba ayeyiphini lowayengamele inkampani enkulu yezithombe futhi eyimenenja, wayesethubeni lokuba umongameli wesifundazwe kuleyo nkampani. Ingcebo nodumo kwakumnukela emakhaleni. Nokho, uDavid wenza isinqumo esamenza ukuba awuyeke lo msebenzi. UDavid wathi: “Ngiyazi ukuthi ngeke ngiphinde ngibe nomsebenzi omuhle njengalona.” Ingabe ucabanga ukuthi uDavid wenza iphutha?
Abaningi bakholelwa ukuthi impumelelo isho ukuba nengcebo, ukuthandwa noma udumo. Nokho, labo abacebile bangase ngaphakathi bazizwe bengelutho futhi bengenanjongo ekuphileni. Kubonakala kuyileyo ndlela uMnu. Livermore ayezizwa ngayo. Nakuba ayecebile, ukuphila kwakhe kwakugcwele ukudabuka, izinhlekelele nosizi. Wacindezeleka, umshado wakhe wachitheka futhi akabanga nobuhlobo obuseduze namadodana akhe. Ekugcineni, ngemva kokulahlekelwa ingcebo yakhe eningi, ngolunye usuku uMnu. Livermore waya endaweni yokuphuza ehhotela eliphambili futhi wabalisa ngokulahlekelwa kwakhe. Wathenga utshwala, wakhipha incwajana yokuloba yesikhumba futhi wabhalela umkakhe incwadi encane yokumvalelisa. Eseqedile ukuphuza, wangena ekamelweni elalikhanya kalufifi okubekwa kulo amajazi nezambulela futhi ngokudabukisayo wazibulala.
Nakuba kuvunywa ukuthi ziyinkimbinkimbi izimbangela zokuzibulala komuntu, lokhu okuhlangenwe nakho kufakazela ukuba yiqiniso kwala mazwi aseBhayibhelini: “Labo abazimisele ngokuceba . . . bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.
Kungenzeka yini ukuthi labo abathi impumelelo ibonakala ngengcebo, isikhundla noma udumo basebenzisa isilinganiso esiyiphutha? Ingabe uzibheka njengomuntu ophumelelayo? Kungani? Isiphi isilinganiso osisebenzisayo ukuze uzikale? Yini ethonya umbono wakho ngempumelelo? Isihloko esilandelayo sihlaziya iseluleko ongasethemba esiye senza izigidi ukuba zithole impumelelo. Ake sibone indlela nawe ongaphumelela ngayo.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lishintshiwe.