Indaba Yokuphila
Ukukhuthazela Kuletha Injabulo
ILANDISWA UMÁRIO ROCHA DE SOUZA
“Mancane amathuba okuba uMnu. Rocha asinde uma engase ahlinzwe.” Naphezu kwala mazwi angathembisi ashiwo udokotela, ngikhuluma nje sekuphele iminyaka engaba ngu-20, futhi ngisengumshumayeli wesikhathi esigcwele woFakazi BakaJehova. Yini eye yangisiza ngakhuthazela yonke le minyaka?
NGAKHULELA epulazini eduze kwaseSanto Estêvão, idolobhana elisesifundeni saseBahia, enyakatho-mpumalanga yeBrazil. Lapho ngineminyaka engu-7, ngaqala ukusiza ubaba ngemisebenzi yasepulazini. Njalo uma ngibuya esikoleni, wayenginikeza umsebenzi okwakufanele ngiwenze. Ngokuhamba kwesikhathi, kwakuthi noma nini uma ehambe ngomsebenzi eye eSalvador, inhloko-dolobha yezwe, ayishiye ezandleni zami imisebenzi yokunakekela ipulazi.
Sasingenawo ugesi, ompompi bamanzi noma izinto zesimanje ezenza ukuphila kube lula, kodwa sasijabule. Ngangidlala nge-kite noma ngidlale nabangane bami ngezimoto zokhuni esasizikhanda. Ngangidlala igekle emikhosini yasesontweni, ngicula nasekwayeni lesonto lendawo. Yilapho ngabona khona incwadi ethi História Sagrada (Umlando Ongcwele), eyangenza ngaba nesithakazelo esikhulu eBhayibhelini.
Ngo-1932, ngineminyaka engu-20, inyakatho-mpumalanga yeBrazil yahlaselwa isomiso esibi kakhulu esadonsa isikhathi eside. Izinkomo zakithi zafa, kwabhubha nezitshalo, ngakho ngathuthela eSalvador lapho ngathola khona umsebenzi wokushayela i-tram, uhlobo lwebhasi elithutha abantu. Kamuva ngaqasha ifulethi, ngathutha umkhaya wakithi weza wazohlala nami. Ubaba washona ngo-1944, kwadingeka nginakekele umama, odadewethu abangu-8 nabafowethu abathathu.
Ngangingumshayeli We-tram Kamuva Ngaba Umshumayeli
Enye yezinto zokuqala engazenza lapho ngifika eSalvador kwakuwukuthenga iBhayibheli. Ngemva kokusonta iminyakana esontweni lamaBaptist, ngaba ngumngane noDurval, naye owayeshayela i-tram. Sasivame ukuxoxa isikhathi eside ngeBhayibheli. Ngelinye ilanga wanginikeza incwajana enesihloko esithi Where Are the Dead?a Nakuba ngangikholelwa ukuthi umuntu unomphefumulo ongafi, ngaba nesifiso sokufunda amavesi eBhayibheli ayekuleyo ncwajana. Ngamangala kabi ukuthola ukuthi iBhayibheli lithi umphefumulo owonayo uyokufa.—Hezekeli 18:4.
Ebona isithakazelo enganginaso, uDurval wacela u-Antônio Andrade, isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova, ukuba angivakashele ekhaya. Ngemva kokungivakashela kathathu, wangimema ukuba ngihambe naye lapho eyofundisa abanye ngeBhayibheli. Ngemva kokukhuluma ezindlini ezimbili zokuqala, wabe esethi, “Sekuyithuba lakho-ke manje.” Ngangithuke ngiphelile, kodwa ngajabula lapho omunye umkhaya ulalelisisa futhi uthatha izincwadi ezimbili. Kuze kube namuhla, kusangijabulisa ukuthola umuntu onesithakazelo eqinisweni leBhayibheli.
Ngo-April 19, 1943, ngabhapathizwa e-Atlantic Ocean eduze kwaseSalvador. Kwakuwusuku lwesikhumbuzo sokufa kukaKristu. Ngenxa yokuthi ayengekho amadoda angamaKristu anokuhlangenwe nakho, ngamiswa ukuba ngisize iqembu loFakazi elalihlangana emzini kaMfoweth’ u-Andrade owawuseduze komgwaqo omncane ohlanganisa ingxenye engenhla nengezansi yedolobha laseSalvador.
Ukuphikiswa Kokuqala
Umsebenzi wethu wawungathandeki phakathi neminyaka yeMpi Yezwe II (1939-45). Ezinye izikhulu zazisola sengathi siyizinhloli zaseNyakatho Melika ngoba eziningi zezincwadi zethu zazivela e-United States. Ngakho sasiboshwa futhi siphenywe njalo. Uma uFakazi engabuyi enkonzweni yasensimini, sasazi ukuthi uboshiwe, futhi sasiya esiteshini samaphoyisa siyozama ukumkhipha.
Ngo-August 1943, u-Adolphe Messmer, uFakazi ongumJalimane, wafika eSalvador ezosiza ukuhlela umhlangano wethu wokuqala. Ngemva kokuthola imvume yeziphathi-mandla yokuqhuba lo mhlangano, samemezela inkulumo yeningi ethi “Freedom in the New World” emaphephandabeni endawo, ezigxotsheni, emafasiteleni ezitolo nakuma-tram. Kodwa ngosuku lwesibili lomhlangano, iphoyisa elithile lasitshela ukuthi asisavunyelwe ukuba nomhlangano. Umbhishobhi omkhulu waseSalvador wayecindezele isikhulu samaphoyisa ukuba simise umhlangano wethu. Nokho, ngo-April olandelayo, sagcina sinikiwe imvume yokuba nale nkulumo yeningi esasiyimemezele.
Umgomo Wokuphayona
Ngo-1946, ngathola isimemo sokuya eMhlanganweni “Wezizwe Ezijabulayo” edolobheni laseSão Paulo. Ukaputeni womkhumbi waseSalvador wavuma ukuba iqembu lethu lihambe ngomkhumbi wakhe uma kodwa sizolala endaweni engaphandle emkhunjini. Naphezu kwesiphepho nokuguliswa ulwandle, safika eRio de Janeiro siphephile ngemva kokuba solwandle izinsuku ezine. OFakazi baseRio basamukela emakhaya abo ukuze siphumule izinsukwana ngaphambi kokuqhubeka nohambo lwethu ngesitimela. Lapho isitimela sethu sifika eSão Paulo, sathola kuneqembu elincane lisilindile liphethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi “Siyanamukela BoFakazi BakaJehova.”
Ngemva nje kokubuya eSalvador, ngakhuluma noHarry Black, isithunywa sevangeli esivela e-United States, ngesifiso sami sokuba iphayona, njengoba zibizwa kanjalo izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova. UHarry wangikhumbuza ukuthi nginomthwalo wemfanelo ekhaya, wangeluleka ngokuthi ngilinde kancane. Ekugcineni, ngo-June 1952, abafowethu nodadewethu base bezimele ngokwezimali, futhi ngabelwa ukukhonza njengephayona ebandleni elincane e-Ilhéus, eqhele ngamakhilomitha angu-210 ukusuka ogwini lwaseSalvador.
Ukuboniswa Umusa
Ngonyaka olandelayo ngathola isabelo sokuyokhonza eJequié, idolobha elikhulu elimaphakathi nezwe lapho kwakungenaFakazi khona. Umuntu wokuqala engaya kuye umfundisi wendawo. Wangichazela ukuthi idolobha kwakungelakhe futhi wangenqabela ukushumayela kulo. Waxwayisa abantu besonto “ngomprofethi wamanga” ofikile endaweni, watshala nezinhloli edolobheni ukuba zihlole izinto engizenzayo. Noma kunjalo, ngalolo suku ngahambisa izincwadi zeBhayibheli ezingaphezu kuka-90 futhi ngaqala izifundo zeBhayibheli ezine. Ngemva kweminyaka emibili, eJequié kwase kuneHholo LoMbuso noFakazi abangu-36! Namuhla kunamabandla angu-8 noFakazi abangaba ngu-700 eJequié.
Phakathi nezinyanga zokuqala eJequié, ngangihlala ekamelweni elincane engangiliqashile emaphethelweni edolobha. Ngabe sengihlangana noMiguel Vaz de Oliveira, umnikazi weHhotela iSudoeste, elinye lamahhotela aphambili eJequié. UMiguel wamukela isifundo seBhayibheli futhi wangincenga ukuba ngizohlala kwelinye lamakamelo ehhotela lakhe. UMiguel nomkakhe bagcina bebe ngoFakazi.
Enye yezinto ezijabulisayo engizikhumbulayo ngesikhathi ngihlala eJequié indaba kaLuiz Cotrim, uthisha wesikole esiphakeme engamfundela iBhayibheli. ULuiz wazicelela ukungisiza ngithuthukise isiPutukezi sami kanye nezibalo. Njengoba ngangingasiqedanga isikole esiphansi, ngavumela phezulu. Lezo zifundo engangizithola kuLuiz ngemva kokumqhubela isifundo seBhayibheli zangisiza kakhulu ukuba ngikwazi ukunakekela amalungelo engeziwe engawathola ngokushesha nje ngemva kwalokho enhlanganweni kaJehova.
Ukubhekana Nenselele Entsha
Ngo-1956, ngathola incwadi ethi ngize ehhovisi legatsha laseRio de Janeiro ukuze ngiqeqeshelwe ukuba umbonisi wesifunda, njengoba bebizwa kanjalo abajikelezi boFakazi BakaJehova. Kwakukhona nabanye abangu-8, futhi lokho kuqeqeshwa kwathatha isikhathi esingaphezudlwana kwenyanga. Lapho sekuzophela ukuqeqeshwa kwethu, ngabelwa eSão Paulo, futhi ngangimathintanyawo ngalesi sabelo. Ngazibuza: “Njengoba ngingumuntu onsundu, ngizokwenzani nje phakathi kwamaNtaliyane? Azongamukela nje?”b
Ebandleni lokuqala engalihambela esifundeni saseSanto Amaro ngakhuthazeka kakhulu ukubona ukuthi iHholo LoMbuso laligcwele oFakazi nabantu abathakazelayo. Into eyenza ngabona ukuthi ngangimane ngikhathazwa ubala ukuthi bonke abangu-97 ebandleni baba kanye nami enkonzweni ngaleyo mpelasonto. Ngacabanga, ‘Bangabafowethu ngempela.’ Uthando lwalabo bafowethu nodadewethu abathandekayo lwanginika isibindi sokukhuthazela enkonzweni yokujikeleza.
Izimbongolo, Amahhashi Nesambane
Inselele enkulu kunazo zonke ababonisi abajikelezayo ababebhekana nayo ngalezo zinsuku ukuhamba amabanga amade beya emabandleni nasemaqenjini amancane oFakazi ezindaweni zasemaphandleni. Kulezo zindawo, izinto zokuhamba zomphakathi zazingaphephile noma zingekho nhlobo, futhi imigwaqo eminingi yayimincane, iwubhuqu.
Ezinye izifunda zaxazulula le nkinga ngokuthenga imbongolo noma ihhashi elizosetshenziswa umbonisi wesifunda. Njalo ngoMsombuluko ngangibophela imithwalo yami ehhashini ngihambe amahora angaba ngu-12 ngiye ebandleni elilandelayo. ESanta Fé do Sul, oFakazi babenembongolo egama layo linguDourado (Goldie) eyayikwazi ukuziyela ezifundweni zeqembu kule ndawo esemaphandleni. UDourado wayevele ame emasangweni epulazi alinde ngesineke ngize ngiwavule. Ngemva kokuhambela kwethu leyo ndawo, mina noDourado sasiqhubekela eqenjini elilandelayo.
Ukungabi khona kwezindlela ezikahle zokuxhumana nakho kwakwenza umsebenzi wesifunda ube yinselele. Ngokwesibonelo, ukuze ngihambele iqembu elincane loFakazi elalihlangana epulazini eSifundeni SaseMato Grosso, kwakudingeka ngiwele uMfula i-Araguaia ngesikebhe bese ngihamba ngembongolo noma ngehhashi amakhilomitha angaba ngu-25 ehlathini. Ngesinye isikhathi, ngabhalela leli qembu ngilazisa ukuthi ngiyeza, kodwa kubonakala sengathi incwadi yalahleka ngoba akekho owayengilindile lapho ngiwela umfula. Kwase kuqala ukuhwalala, ngakho ngacela umnikazi wesitodlwana esithile ukuba angigadele imithwalo yami, mina ngahamba ngezinyawo ngiphethe isikhwama sezincwadi kuphela.
Kwaba mnyama, futhi njengoba ngangidukuza kulobo bumnyama, ngezwa umsindo wesambane. Ngangike ngezwa ukuthi lesi silwane singama simbulale umuntu ngemilenze yaso engaphambili enamandla. Ngakho noma nini lapho ngizwa umsinjwana othile, ngangizivikela ngesikhwama. Ngemva kokuhamba amahora amaningi, ngazithela emfudlaneni. Kodwa njengoba kwakumnyama angizange ngiqaphele ukuthi kwakunocingo olunameva ngakolunye uhlangothi lomfudlana. Ngakwazi ukugxuma ngeqe lowo mfudlana, kodwa ngawela kulolo cingo ngalimala!
Ekugcineni ngafika epulazini ngabingelelwa izinja, zingikhonkotha. Ngalezo zikhathi kwakuvamile ukwebiwa kwezimvu ebusuku, ngakho lapho ngibona umnyango uvuleka, ngasheshe ngazibika ukuthi ngingubani. Kumelwe ukuba ngangiyinto edabukisayo njengoba ngangidatshukelwe izingubo zigcwele igazi, kodwa abazalwane babejabule ukungibona.
Naphezu kobunzima, lezo zinsuku zazimnandi. Ngangikujabulela ukuhamba indlela ende ngehhashi nangezinyawo, ngezinye izikhathi ngiphumule emithunzini yezihlahla, ngilalele izinyoni zitshiyoza, ngibuke amankentshane enqamula emigwaqweni eyihlane. Enye into eyayingijabulisa kakhulu ukwazi ukuthi ukuhambela kwami kwakubasiza ngempela abantu. Abaningi babengibhalela, babonge. Abanye babengibonga ngokuqondile lapho sihlangana emihlanganweni. Yeka ukuthi kwakungijabulisa kanjani ukubona abantu benqoba izinkinga zabo futhi bathuthuke ngokomoya!
Ngithola Umsizi Ekugcineni
Phakathi naleyo minyaka yokujikeleza, ngangivame ukuba ngedwa, futhi lokho kwangifundisa ukuncika kuJehova ‘njengedwala lami nesiphephelo sami.’ (IHubo 18:2) Ngaphezu kwalokho, ngaphawula ukuthi ukungashadi kwakunginikeza ithuba lokuba nginakekele izithakazelo zoMbuso ngaphandle kokuphazamiseka.
Nokho, ngo-1978 ngahlangana nodade oyiphayona, uJúlia Takahashi. Wayeyeke umsebenzi wakhe okhokhela kahle njengomhlengikazi esibhedlela esikhulu eSão Paulo ukuze ayokhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso. Abadala abangamaKristu ababemazi babekhuluma kahle kakhulu ngezimfanelo zakhe ezingokomoya nangamakhono akhe njengephayona. Cishe ungacabanga ukuthi ukunquma ukushada ngemva kweminyaka eminingi kangaka kwabamangaza kanjani abanye. Omunye umngane wami wayengakholwa ukuthi ngempela ngizoshada, ngakho wathembisa ukuthi uzongithengela inkunzi enesisindo esingamakhilogremu angu-270 uma ngempela ngingagcina ngishadile. Leyo nkuzi sayosa emshadweni wethu ngo-July 1, 1978.
Ukukhuthazela Naphezu Kwempilo Ebuthaka
UJúlia wangijoyina emsebenzini wokujikeleza futhi sahambela amabandla aseningizimu naseningizimu-mpumalanga yeBrazil eminyakeni engu-8 eyalandela. Ngabe sengiqala ukuba nezinkinga zenhliziyo. Ngaquleka kabili ngikhuluma nomninikhaya ensimini. Ngenxa yalokho kugula, samukela isabelo sokuba amaphayona akhethekile eBirigüi, eSifundeni SaseSão Paulo.
Ngalesi sikhathi, oFakazi eBirigüi bacela ukungiyisa kwadokotela ngemoto eGoiânia eqhele ngamakhilomitha angu-500. Kwathi nje lapho isimo sami siba ngcono, ngahlinzwa ngafakelwa i-pacemaker. Lokhu kwenzeka eminyakeni engaba ngu-20 edlule. Naphezu kokuphinde ngihlinzwe inhliziyo kabili, ngisakhuthele emsebenzini wokwenza abafundi. Njengamakhosikazi amaningi angamaKristu athembekile, uJúlia uye wangiqinisa njalo futhi wangikhuthaza.
Ngisaphayona nanamuhla nakuba sekukuncane engikwazi ukukwenza ngenxa yezinkinga zempilo futhi ngezinye izikhathi zingenza ngidumazeke. Ngiye ngizikhumbuze ukuthi uJehova akakaze athi ukuphila kulesi simiso sezinto kwakuyoba mnandi. Uma umphostoli uPawulu namanye amaKristu akudala kwadingeka bakhuthazele, kungani mina kufanele ngilindele okuhlukile?—IzEnzo 14:22.
Muva nje ngizithele phezu kweBhayibheli lokuqala engalithenga ngawo-1930. Ngaphakathi ngangibhale inombolo u-350—inani labamemezeli boMbuso ngesikhathi ngiqala ukuya emihlanganweni yobuKristu ngo-1943. Akukholeki ukuthi manje kunoFakazi abangaphezu kuka-600-000 eBrazil. Yeka ilungelo okube yilo ukubamba iqhaza elingatheni kulokhu kwanda! Ngokuqinisekile, uJehova uye wangivuza kakhulu ngokukhuthazela kwami. Njengomhubi, nami ngingathi: “UJehova wenze into enkulu ngakwenzile kithi. Sijabulile.”—IHubo 126:3.
[Imibhalo yaphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.
b Izifiki ezingamaNtaliyane ezingaba yisigidi zazinza eSão Paulo phakathi neminyaka yawo-1870 kuya ku-1920.
[Isithombe ekhasini 9]
OFakazi bememezela inkulumo yeningi emhlanganweni wokuqala edolobheni laseSalvador, ngo-1943
[Isithombe ekhasini 10]
OFakazi befika eSão Paulo beze eMhlanganweni Wezizwe Ezijabulayo, ngo-1946
[Izithombe ekhasini 10, 11]
Ngisemsebenzini wokujikeleza ngasekupheleni kwawo-1950
[Isithombe ekhasini 12]
Nginomkami, uJúlia