Ungokoqobo Kangakanani UDeveli Kuwe?
IMIBHALO iveza uDeveli engumuntu wangempela. Akabonakali kubantu ngesizathu esifanayo esenza noNkulunkulu angabonakali emehlweni abantu. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu unguMoya.” (Johane 4:24) UDeveli uyisidalwa somoya. Nokho, ngokungafani noMdali, uDeveli yena waba nesiqalo.
Esikhathini eside ngaphambi kokuba adale abantu, uJehova uNkulunkulu wenza uquqaba lwezidalwa zomoya. (Jobe 38:4, 7) IBhayibheli libiza lezi zidalwa zomoya ngokuthi izingelosi. (Hebheru 1:13, 14) UNkulunkulu wazidala zonke ziphelele—asikho nesisodwa kuzo esasiwudeveli noma esasinesici esithile sobubi. Pho-ke, waba khona kanjani uDeveli? Igama elithi “develi” lisho “umnyundeli” ngakho libhekisela kumuntu okhuluma amanga amabi ngabanye. Elithi “Sathane” lisho “uMphikisi.” Njengoba nje kuye kwenzeke ukuba umuntu owayekade ethembekile azenze isela ngokweba, enye yamadodana kaNkulunkulu omoya aphelele yalandela isifiso sayo esibi yazenza uSathane uDeveli. IBhayibheli liyichaza kanje leyo nqubo yokuzonakalisa: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono; isono, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.”—Jakobe 1:14, 15.
Yilokho okubonakala kwenzeka. Lapho uJehova uNkulunkulu edala umbhgqwana wokuqala wabantu, u-Adamu no-Eva, ingelosi eyayisizomvukela yayibukele. Yayazi ukuthi uJehova wayeyale u-Adamu no-Eva ukuba bagcwalise umhlaba ngabantu abalungile, ababeyokhulekela uMdali. (Genesise 1:28) Le ngelosi yabona kunethuba lokuba ithole udumo nokuvelela. Ishukunyiswa ukuhaha, yafisa ukukhulekelwa abantu okuyinto efanele uMdali kuphela. Esikhundleni sokusichitha leso sifiso esingafanele, le ndodana kaNkulunkulu yomoya yasifukamela saze sazala amanga aholela ekuvukeleni. Cabanga ngalokho eyakwenza.
Le ngelosi evukelayo yasebenzisa inyoka ukuze ikhulume nowesifazane wokuqala, u-Eva. Inyoka yabuza u-Eva: “Ingabe uNkulunkulu ushilo ngempela ukuthi akumelwe nidle kuyo yonke imithi yensimu?” Lapho u-Eva esho umyalo ababewunikwe uNkulunkulu kanye nesijeziso sokungawulaleli, inyoka yathi: “Ngokuqinisekile ngeke nife. Yingoba uNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo [emthini ophakathi nensimu] nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” (Genesise 3:1-5) La mazwi ayesikisela ukuthi uNkulunkulu akabatshelanga iqiniso o-Adamu no-Eva. Inyoka yathi u-Eva wayezofana noNkulunkulu, abe negunya lokunquma okuhle nokubi ngokudla izithelo zalowo muthi. Lawo kwakungamanga okuqala. Ukuqamba lawo manga kwayenza yaba umnyundeli leyo ngelosi. Kwayenza futhi yaba umphikisi kaNkulunkulu. Ngakho iBhayibheli lichaza lesi sitha sikaNkulunkulu ngokuthi “inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane.”—IsAmbulo 12:9.
“Qaphani”
Amanga uDeveli awatshela u-Eva aphumelela njengoba nje ayehlelile. IBhayibheli lithi: “Ngenxa yalokho, owesifazane wabona ukuthi umuthi wawukufanelekele ukudliwa nokuthi wawungokuthile okulangazelelekayo emehlweni, yebo, umuthi wawubukeka ufiseleka. Ngakho wathatha isithelo sawo wadla. Kamuva wanika nomyeni wakhe lapho esekanye naye, naye wadla.” (Genesise 3:6) U-Eva wamkholelwa uSathane wangamlalela uNkulunkulu. Wakwazi ukwenza no-Adamu ukuba aphule umthetho kaNkulunkulu. Ngakho uDeveli waphumelela ekwenzeni abantu bokuqala ababili baqale inkambo yokuvukela uNkulunkulu. Kusukela lapho, uSathane uye waba nethonya elingabonakali ezindabeni zesintu. Uyini umgomo wakhe? Ukwenza abantu bayeke ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso bakhulekele yena. (Mathewu 4:8, 9) Ngakho-ke, imiBhalo iyaxwayisa: “Hlalani nisangulukile, qaphani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.”—1 Petru 5:8.
Yeka ukuthi iBhayibheli libonisa ngokucace kangakanani ukuthi uDeveli ungumuntu womoya ongokoqobo—ingelosi eyonakala futhi eyingozi! Isinyathelo sokuqala esidingekayo ekuhlaleni siqaphile siwukuqaphela ukuthi ukhona ngempela. Kodwa ukuhlala sisangulukile futhi siqaphile kuhilela okungaphezu kwalokhu. Kubalulekile nokuba singabi abangenalwazi “ngamacebo” kaSathane nezindlela zakhe zokudukisa abantu. (2 Korinte 2:11) Ayini amaqhinga akhe? Singamelana kanjani nawo ngokuqinile?
UDeveli Usizakala Ngesidingo Abantu Abazalwe Naso
UDeveli ubelokhu ebabhekile abantu kwasekudalweni kwabo. Uyakwazi ukwakheka kwabantu—izidingo zabo, izinto abazithandayo nezifiso zabo. USathane wazi kahle ukuthi umuntu wadalwa enesidingo esingokomoya, futhi uye wasebenzisa ubuhlakani ukuze asizakale ngalesi sidingo. Kanjani? Ngokugxisha isintu ngamanga angokwenkolo. (Johane 8:44) Izimfundiso eziningi zenkolo ngokuphathelene noNkulunkulu ziyaphikisana futhi ziyakhungathekisa. Ucabanga ukuthi ubani ojabulayo ngalokhu? Izimfundiso eziphikisanayo azikwazi ukuba iqiniso zonke. Khona-ke, akunakwenzeka yini ukuthi izimfundiso eziningi ezingokwenkolo ziklanywe uSathane ngokuqondile futhi uzisebenzisela ukudukisa abantu? Empeleni, iBhayibheli limbiza ngokuthi “unkulunkulu walesi simiso sezinto,” ophuphuthekise izingqondo zabantu.—2 Korinte 4:4.
Iqiniso likaNkulunkulu liyisivikelo enkohlisweni engokwenkolo. IBhayibheli lifanisa iqiniso leZwi likaNkulunkulu nebhande elalibhincwa isosha lasendulo ukuze livikele izinkalo. (Efesu 6:14) Uma ungenisa ulwazi lweBhayibheli bese unamathela esigijimini salo, kube njengokungathi ulibhincile, iZwi likaNkulunkulu liyokulonda ungadukiswa amanga namaphutha angokwenkolo.
Ukuthambekela komuntu ezintweni ezingokomoya kuye kwamholela ekufuneni ukwazi okungaziwa. Lokhu kuye kwamchaya kwelinye lamacebo kaSathane akhohlisayo. Esizakala ngelukuluku lomuntu lokwazi izinto eziyinqaba neziyimfihlakalo, uSathane uye wasebenzisa ukusebenzelana nemimoya ukuze agqilaze abaningi. Njengoba umzingeli esebenzisa isiyengo ukuze ahehe inyamazane, uSathane usebenzisa amacebo anjengokubikezela inhlanhla, ukubhula ngezinkanyezi, ukulutha ingqondo (hypnotism), ubuthakathi, ukubhula ngokufunda intende nomlingo ukuze ahehe futhi abambe abantu emhlabeni wonke.—Levitikusi 19:31; IHubo 119:110.
Ungazivikela kanjani ekubanjweni ugibe lokusebenzelana nemimoya? UDuteronomi 18:10-12 uthi: “Akufanele kutholakale kuwe noma ubani odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma ubani obhulayo, owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya noma umbikezeli wezenzakalo nanoma ubani obuza kwabafileyo. Ngoba wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova, futhi ngenxa yalezi zinto ezinengekayo uJehova uNkulunkulu wakho uyazixosha [izizwe zamaKhanani] phambi kwakho.”
Iseluleko esingokomBhalo siqondile: Deda kukho konke ukusebenzelana nemimoya. Kuthiwani uma ubukade uhlanganyela komunye wemikhuba yokusebenzelana nemimoya futhi manje usufuna ukugqashula? Ungalandela isibonelo samaKristu okuqala emzini wase-Efesu. Lapho bamukela “izwi likaJehova,” iBhayibheli lithi, “abaningana impela kulabo ababenza ubuciko bemilingo babuthela izincwadi zabo ndawonye bazishisa phambi kwawo wonke umuntu.” Zazibiza lezo zincwadi. Zazibiza izinhlamvu zesiliva ezingu-50 000. (IzEnzo 19:19, 20) Noma kunjalo, amaKristu ase-Efesu azishisa ngaphandle kokuthandabuza.
USathane Usizakala Ngobuthakathaka Babantu
Ingelosi ephelele yaba uSathane uDeveli ngoba yavumela isifiso sokuziphakamisa. Yavusa naku-Eva isifiso sobugovu, sokuqhosha sokufuna ukufana noNkulunkulu. Namuhla, uSathane ulawula abantu abaningi ngokubavusela isifiso sokuqhosha. Ngokwesibonelo, abanye banomuzwa wokuthi uhlanga lwabo, isizwe sabo noma ubuzwe babo kungcono kunokwabanye. Yeka ukuthi lokhu kuhluke kangakanani kulokho iBhayibheli elikufundisayo! (IzEnzo 10:34, 35) IBhayibheli lisho ngokucacile: “Ngomuntu oyedwa [uNkulunkulu] wenza zonke izizwe zabantu.”—IzEnzo 17:26.
Isikhali esiphumelelayo sokuzivikela ekusinxenxeleni kukaSathane ekuqhosheni, siwukuthobeka. IBhayibheli lisiyala ukuba ‘singazicabangi sibakhulu kunalokho okudingeke ukuba sikucabange.’ (Roma 12:3) Lithi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.” (Jakobe 4:6) Enye indlela esebenzayo yokumelana nemizamo kaSathane iwukubonakalisa ukuthobeka ebuntwini bethu kanye nezinye izimfanelo ezamukelekayo kuNkulunkulu.
UDeveli ulangazelela ukusizakala nangobuthakathaka abantu abanabo bokuvumela izifiso zenyama ezingafanele. UJehova uNkulunkulu wayehlose ukuba abantu bajabulele ukuphila. Lapho izifiso zaneliswa ngokuvumelana nemingcele eyintando kaNkulunkulu, kuba nenjabulo yangempela. Kodwa uSathane ulinga abantu ukuba banelise izifiso zabo ngezindlela ezingafanele. (1 Korinte 6:9, 10) Akuve kungcono ukugcina ingqondo igxile ezintweni ezihlanzekile nezinhle. (Filipi 4:8) Lokhu kuyokusiza ukuba uyilawule ngokuqinile imicabango nemizwelo yakho.
Qhubeka Umelana NoDeveli
Ungaphumelela yini ekumelaneni noDeveli? Yebo, ungaphumelela. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.” (Jakobe 4:7) Ngisho noma umelana noSathane, akusho ukuthi usezoyeka masinya ukukubangela ezinye izinkinga njengoba ungenisa ulwazi ngoNkulunkulu. Cha, uDeveli usayophinde azame futhi ‘ngesinye isikhathi esikahle.’ (Luka 4:13) Nokho akudingeki umesabe uDeveli. Uma uqhubeka umelana naye, ngeke akwazi ukukwenza ufulathele uNkulunkulu weqiniso.
Nokho, ukuze umelane noDeveli kudingeka umazi ukuthi ungubani wazi nezindlela adukisa ngazo abantu kanye nezinyathelo zokuzivikela ongazithatha ngokumelene namaqhinga akhe. Munye kuphela umthombo onembile walolo lwazi—iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngakho zimisele ngokuqinile ukutadisha imiBhalo ephefumulelwe, futhi ukusebenzise ekuphileni kwakho lokho okufundayo. OFakazi BakaJehova endaweni yangakini bayokujabulela ukukusiza mahhala ukuba utadishe iBhayibheli ngesikhathi esivumelana nawe. Sicela unganqikazi ukubathinta noma ukubhalela abanyathelisi balo magazini.
Njengoba utadisha iBhayibheli, kudingeka uqaphele ukuthi uSathane angase asebenzise ukuphikiswa noma ushushiso ukuze akuyekise ukufunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Ukutadisha kwakho iBhayibheli kungase kubathukuthelise abanye babathandekayo bakho. Lokhu kungenzeka ngoba bengawazi amaqiniso amangalisayo eliwaqukethe. Abanye bangase bakwenze inhlekisa. Kodwa ingabe ukuvumela ukuyekiswa izingcindezi ezinjalo empeleni kuyomthokozisa uNkulunkulu? UDeveli ufuna ukukudumaza ukuze uyeke ukufunda ngoNkulunkulu weqiniso. Kungani kufanele umvumele ukuba aphumelele? (Mathewu 10:34-39) Awumkweleti lutho. Ukuphila kwakho ukukweleta uJehova. Ngakho-ke, zimisele ukumelana noDeveli futhi ‘wenze inhliziyo kaJehova ijabule.’—IzAga 27:11.
[Isithombe ekhasini 6]
Labo ababa amaKristu bazishisa izincwadi zabo eziphathelene nokusebenzelana nemimoya
[Isithombe ekhasini 7]
Zimisele ngokuqinile ukutadisha iBhayibheli