Ingabe Uyoyibonakalisa Inkazimulo KaNkulunkulu?
“Sibonakalisa njengezibuko inkazimulo kaJehova.”—2 KORINTE 3:18.
1. UMose wabonani, futhi kwabe sekwenzekani?
KWAKUNGOMUNYE wemibono esabeka kakhulu umuntu ayeke wayibona. Eyedwa lé phezulu eNtabeni iSinayi, uMose wenzelwa into engavamile ayicela. Wavunyelwa ukubona into okungekho muntu owayeke wayibona—inkazimulo kaJehova. Yebo, uMose akambonanga ngokuqondile uJehova. UNkulunkulu ukhazimula kangangokuthi akekho umuntu ongambona aphile. Kunalokho, uJehova wabeka “intende yesandla” sakhe phezu kukaMose njengesisibekelo sokumvikela waze wadlula, ngokusobala esebenzisa ingelosi eyayimmelele. UJehova wabe esevumela uMose ukuba abone ingemuva lenkazimulo yaKhe. UJehova wabuye wakhuluma noMose ngengelosi. IBhayibheli lichaza okwabe sekwenzeka: “Lapho uMose ehla eNtabeni iSinayi . . . isikhumba sobuso bakhe sasikhipha imisebe ngenxa yokuba ekhulume [noJehova].”—Eksodusi 33:18–34:7, 29.
2. Umphostoli uPawulu wabhala wathini ngenkazimulo ebonakaliswa amaKristu?
2 Zicabange unoMose kuleyo ntaba. Yeka indlela okwakuyovusa amadlingozi ngayo ukubona inkazimulo ebenyezelayo yoMninimandla onke nokumlalela ekhuluma! Yeka ukuthi kwakuyoba ilungelo elingakanani ukwehla eNtabeni iSinayi uhamba noMose, umlamuleli wesivumelwano soMthetho! Nokho, bewazi yini ukuthi ngezindlela ezithile amaKristu eqiniso abonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu ngendlela edlula ngisho naleyo uMose ayibonakalisa ngayo? Lelo qiniso elijulile litholakala encwadini eyabhalwa umphostoli uPawulu. Wabhala ukuthi amaKristu agcotshiwe ‘abonakalisa njengezibuko inkazimulo kaJehova.’ (2 Korinte 3:7, 8, 18) Ngomqondo othile, amaKristu anethemba lasemhlabeni nawo ayayibonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu.
Indlela AmaKristu Abonakalisa Ngayo Inkazimulo KaNkulunkulu
3. Simazi kanjani uJehova ngezindlela uMose ayengenakumazi ngazo?
3 Singayibonakalisa kanjani nje inkazimulo kaNkulunkulu? Thina asizange simbone uJehova noma simuzwe njengoMose. Nokho, uJehova simazi ngezindlela uMose ayengenakumazi ngazo. UJesu akazange avele njengoMesiya kwaze kwaba iminyaka ecishe ibe ngu-1 500 uMose afa. Ngenxa yalokho, uMose wayengenakwazi ukuthi uMthetho uyogcwaliseka kanjani kuJesu, owafa ukuze ahlenge abantu ekucindezelweni kabuhlungu isono nokufa. (Roma 5:20, 21; Galathiya 3:19) Ngaphezu kwalokho, uMose wayengabubona ngezinga elilinganiselwe kuphela ubuhle benjongo kaJehova, egxile eMbusweni kaMesiya nasePharadesi lasemhlabeni oyoliletha. Ngakho thina sibona inkazimulo kaJehova, hhayi ngamehlo enyama, kodwa ngamehlo okholo olusekelwe ezimfundisweni zeBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, siye sezwa izwi likaJehova, hhayi ngengelosi, kodwa ngeBhayibheli, ikakhulu amaVangeli, azichaza kahle kakhulu izimfundiso nenkonzo kaJesu.
4. (a) AmaKristu agcotshiwe ayibonakalisa kanjani inkazimulo kaNkulunkulu? (b) Iziphi izindlela labo abanethemba lasemhlabeni abangabonakalisa ngazo inkazimulo kaNkulunkulu?
4 Nakuba amaKristu engayibonakalisi inkazimulo kaNkulunkulu ngemisebe ephuma ebusweni, ubuso bawo buyakhanya lapho etshela abanye ngobuntu nangezinjongo zikaJehova ezikhazimulayo. Ekhuluma ngosuku lwethu, umprofethi u-Isaya wabikezela ukuthi abantu bakaNkulunkulu “ngokuqinisekile bayolandisa ngenkazimulo [kaJehova] phakathi kwezizwe.” (Isaya 66:19) Ngaphezu kwalokho, kweyesi-2 Korinte 4:1, 2, siyafunda: “[Njengoba] sinale nkonzo . . . , siye sazilahla izinto zomshoshaphansi okumelwe sibe namahloni ngazo, njengoba singahambi ngobuqili, futhi singalonakalisi izwi likaNkulunkulu, kodwa ngokulenza libe sobala iqiniso sizitusa kubo bonke onembeza babantu emehlweni kaNkulunkulu.” UPawulu wayekhuluma ngokukhethekile ngamaKristu agcotshiwe, ‘ayizikhonzi zesivumelwano esisha.’ (2 Korinte 3:6) Kodwa inkonzo yawo iye yathinta abaningi abathole ithemba lokuphila phakade emhlabeni. Inkonzo yawo womabili la maqembu ihilela ukubonakalisa inkazimulo kaJehova, hhayi ngalokho akufundisayo kuphela, kodwa nangendlela aphila ngayo. Kuwumthwalo nelungelo lethu ukubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu oPhezukonke!
5. Ukuchuma kwethu ngokomoya kuwubufakazi bani?
5 Namuhla, izindaba ezinhle ezikhazimulayo zoMbuso kaNkulunkulu zishunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe, njengoba uJesu abikezela. (Mathewu 24:14) Abantu bazo zonke izizwe, izinhlanga, nezilimi baye basabela ngentshiseko ezindabeni ezinhle, baguqula ukuphila kwabo ukuze benze intando kaNkulunkulu. (Roma 12:2; IsAmbulo 7:9) NjengamaKristu okuqala, abanakuyeka ukukhuluma ngezinto abazibonile nabazizwile. (IzEnzo 4:20) Namuhla kunabantu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha—inani elikhulu kunanini emlandweni wesintu—ababonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu. Ingabe nawe ungomunye wabo? Ukuchuma kwabantu bakaNkulunkulu ngokomoya kuwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJehova uyababusisa futhi uyabavikela. Uma sicabanga ngamabutho anamandla alwa nathi kuba sobala ngokwengeziwe ukuthi umoya kaJehova uphezu kwethu. Manje ake sibone ukuthi kungani kunjalo.
Abantu BakaNkulunkulu Ngeke Bathuliswe
6. Kungani kudingeka ukholo nesibindi ukuze sisekele uJehova?
6 Ake sithi ubizelwe enkantolo ukuba unikeze ubufakazi obulahla isigelekeqe esinonya. Uyazi ukuthi lesi sigelekeqe sinenhlangano enamandla futhi sizokwenza konke esingakwenza ukuze sikuvimbe ungasidaluli. Ukuze unikeze ubufakazi obulahla leso sigelekeqe kungadingeka ube nesibindi futhi uqiniseke ukuthi iziphathi-mandla zizokuvikela kuso. Sisesimweni esithi asifane. Ngokufakaza ngoJehova nangezinjongo zakhe, sinikeza ubufakazi obulahla uSathane uDeveli, simdalule ukuthi ungumbulali nomqambimanga odukisa umhlaba wonke owakhiwe. (Johane 8:44; IsAmbulo 12:9) Ukuze usekele uJehova, umelane noDeveli, kudingeka ube nokholo nesibindi.
7. USathane unethonya elingakanani, futhi yini azama ukuyenza?
7 Yebo, uJehova ungoPhezukonke. Amandla akhe makhulu kakhulu kunakaSathane. Singaqiniseka ukuthi uJehova akagcini ngokuba namandla okusivikela njengoba simkhonza ngobuqotho, kodwa futhi uyakulangazelela ukwenze njalo. (2 IziKronike 16:9) Nokho, uSathane ungumbusi wamademoni nezwe lesintu esihlukanisiwe noNkulunkulu. (Mathewu 12:24, 26; Johane 14:30) Njengoba evalelwe emhlabeni futhi “ethukuthele kakhulu,” uSathane uziphikisa ngonya izinceku zikaJehova futhi usebenzisa izwe alilawulayo ukuze azame ukubavala umlomo bonke abashumayela izindaba ezinhle. (IsAmbulo 12:7-9, 12, 17) Ukwenza kanjani lokhu? Okungenani ngezindlela ezintathu.
8, 9. USathane ulusebenzisa kanjani uthando olungafanele, futhi kungani kufanele sibakhethe ngokucophelela abantu esizihlanganisa nabo?
8 Indlela yokuqala uSathane azama ngayo ukusiphazamisa iwukusebenzisa izinkathazo zokuphila. Kulezi zinsuku zokugcina abantu bathanda imali, bazithanda bona, futhi bathanda injabulo. Abamthandi uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1-4) Njengoba limatasa ngezinto zokuphila kwansuku zonke, iningi labantu ‘alizinaki’ izindaba ezinhle esizilethayo. Limane nje alinasithakazelo sokwazi iqiniso leBhayibheli. (Mathewu 24:37-39) Isimo sengqondo esinjalo singathathelwana, sisilolozele silale ngokomoya. Uma sivuma ukuhlakulela uthando lwezinto ezibonakalayo nezinjabulo zokuphila, uthando lwethu ngoNkulunkulu luyophola.—Mathewu 24:12.
9 Ngenxa yalesi sizathu, amaKristu abakhetha ngokucophelela abantu azihlanganisa nabo. INkosi uSolomoni yabhala: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Kwangathi ‘singahamba’ nalabo ababonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu. Yeka ukuthi kumnandi kanjani ukwenza kanjalo! Lapho sibuthene nabafowethu nodadewethu abangokomoya emihlanganweni yethu nangezinye izikhathi, uthando, ukholo, injabulo nokuhlakanipha kwabo kuyasikhuthaza. Lobo budlelwane obuhle busenza sizimisele ngokwengeziwe ukukhuthazela enkonzweni yethu.
10. Iziphi izindlela uSathane aye wakusebenzisa ngazo ukuhleka usulu kulabo ababonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu?
10 Indlela yesibili uSathane azama ngayo ukuyekisa wonke amaKristu ukubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu iwukuwahleka usulu. Leli cebo akufanele lisimangaze. Phakathi nenkonzo yakhe emhlabeni, uJesu Kristu wahlekwa usulu—waklolodelwa, wenziwa inhlekisa, weyiswa, wakhafulelwa nokukhafulelwa. (Marku 5:40; Luka 16:14; 18:32) AmaKristu okuqala nawo ahlekwa usulu. (IzEnzo 2:13; 17:32) Izinceku zikaJehova zanamuhla zihlukunyezwa ngezindlela ezifanayo. Ngokusho komphostoli uPetru, zaziyobizwa ngabaprofethi bamanga. UPetru wabikezela: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika abahleki bosulu nokuhleka kwabo usulu, beqhubeka ngokwezifiso zabo siqu bethi: ‘Kuphi lokhu kuba khona kwakhe okuthenjisiwe? Phela, . . . zonke izinto ziqhubeka ngokufana ncamashí nasekuqaleni kwendalo.’” (2 Petru 3:3, 4) Abantu bakaNkulunkulu bahlekwa usulu, kuthiwe baphila kwelamaphupho. Izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli zibhekwa njengeziyisidala. Kwabaningi, isigijimi esisishumayelayo siwubuwula. (1 Korinte 1:18, 19) NjengamaKristu singase sihlekwe usulu esikoleni, emsebenzini, ngezinye izikhathi ngisho nasekhaya. Siyaqhubeka sibonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu ngokushumayela, singapheli amandla, sazi njengoJesu ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso.—Johane 17:17.
11. USathane uye walusebenzisa kanjani ushushiso ukuze azame ukuthulisa amaKristu?
11 Indlela yesithathu uDeveli ayisebenzisayo njengoba ezama ukusithulisa iwukuphikiswa noma ukushushiswa. UJesu wathi kubalandeli bakhe: “Abantu bayoninikela osizini banibulale, futhi niyoba yizinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” (Mathewu 24:9) Yebo, njengoFakazi BakaJehova, siye sashushiswa ngonya emazweni amaningi. Siyazi ukuthi uJehova wabikezela kudala ukuthi kwakuyoba khona inzondo, noma ubutha, phakathi kwalabo abakhonza uNkulunkulu nalabo abakhonza uSathane uDeveli. (Genesise 3:15) Siyazi nokuthi ngokuhlala siqotho lapho sisekulingweni, sifakazela ukufaneleka kobukhosi bukaJehova bendawo yonke. Ukwazi lokhu kungasenza siqine ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu. Akukho shushiso olungasithulisa unomphela uma sihlala sizimisele ukubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu.
12. Kungani kufanele sijabule njengoba siqhubeka sithembekile naphezu kokuphikiswa uSathane?
12 Ingabe uyamelana nokuyenga kwezwe, uhlale uthembekile naphezu kokuhlekwa usulu nokuphikiswa? Uma wenza kanjalo, unesizathu sokujabula. UJesu waqinisekisa labo ababeyomlandela: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi besho yonke inhlobo yento embi ngani, beniqambela amanga ngenxa yami. Jabulani nigxumagxume ngenjabulo, ngoba umvuzo wenu mkhulu emazulwini; ngoba babashushisa ngaleyo ndlela abaprofethi ngaphambi kwenu.” (Mathewu 5:11, 12) Ukukhuthazela kwakho kunikeza ubufakazi bokuthi umoya ongcwele onamandla kaJehova uphezu kwakho, ukunika amandla okubonakalisa inkazimulo yakhe.—2 Korinte 12:9.
Amandla Okukhuthazela Avela KuJehova
13. Isiphi isizathu esiyinhloko esenza sikhuthazele enkonzweni yethu yobuKristu?
13 Isizathu esiyinhloko esenza sikhuthazele enkonzweni ukuthi siyamthanda uJehova futhi siyakujabulela ukubonakalisa inkazimulo yakhe. Abantu bathambekele ekulingiseni abantu ababathandayo nababahloniphayo, futhi akekho ofanelekela ukulingiswa ngaphezu kukaJehova uNkulunkulu. Ngenxa yothando lwakhe olukhulu, wathumela iNdodana yakhe emhlabeni ukuba izofakazela iqiniso futhi ihlenge isintu esilalelayo. (Johane 3:16; 18:37) NjengoNkulunkulu, sifisa ukuba zonke izinhlobo zabantu ziphenduke futhi zisindiswe; yingakho sizishumayeza. (2 Petru 3:9) Lesi sifiso, kanye nokuzimisela kwethu ukulingisa uNkulunkulu, kusishukumisela ukuba siphikelele ekubonakaliseni inkazimulo yakhe ngenkonzo yethu.
14. UJehova usiqinisa kanjani ukuze sikhuthazele enkonzweni yethu?
14 Nokho, ngokuyinhloko amandla ethu okukhuthazela enkonzweni yobuKristu avela kuJehova. Uyasisekela futhi asiqinise ngomoya wakhe, ngenhlangano yakhe nangeZwi lakhe iBhayibheli. UJehova ‘ubanika ukukhuthazela’ labo abazimisele ukubonakalisa inkazimulo yakhe. Uphendula imithandazo yethu futhi asinike ukuhlakanipha kokubhekana nokulingwa. (Roma 15:5; Jakobe 1:5) Ngaphezu kwalokho, uJehova akavumi ukuba sibhekane nokulingwa okungaphezu kwamandla. Uma sithembela kuJehova, uyokwenza indlela yokuphuma ukuze sikwazi ukuqhubeka sibonakalisa inkazimulo yakhe.—1 Korinte 10:13.
15. Yini esisiza ukuba sikhuthazele?
15 Ukukhuthazela enkonzweni yethu kunikeza ubufakazi bokuthi umoya kaNkulunkulu uphezu kwethu. Ngokwesibonelo: Ake sithi umuntu othile ukucele ukuba uhambe unika abantu endlini ngayinye isinkwa sohlobo oluthile mahhala. Kuthiwa kwenze ngezindleko zakho nangesikhathi sakho lokhu. Ngaphezu kwalokho, kuthi kungakabiphi ubone ukuthi bambalwa kakhulu abantu abasifunayo lesi sinkwa sakho; abanye baze bazame ukukuyekisa ukusinikeza abantu. Ucabanga ukuthi ubuyoqhubeka wenza lowo msebenzi inyanga nenyanga, unyaka nonyaka? Cishe ubungeke. Nokho, kungenzeka usuneminyaka, ngisho namashumi eminyaka, uzikhandla ekumemezeleni izindaba ezinhle ngesikhathi sakho nangezindleko zakho. Kungani? Akwenziwa yini ukuthi uyamthanda uJehova nokuthi ngomoya wakhe uye wayibusisa imizamo yakho ngokukusiza ukuba ukhuthazele? Impela kunjalo!
Umsebenzi Oyohlale Ukhunjulwa
16. Ukukhuthazela enkonzweni yethu kunamuphi umphumela kithi nakulabo abasilalelayo?
16 Inkonzo yesivumelwano esisha iyisipho esingenakuqhathaniswa. (2 Korinte 4:7) Ngokufanayo, inkonzo yamaKristu eyenziwa ezinye izimvu emhlabeni wonke iyingcebo. Njengoba uqhubeka ukhuthazela enkonzweni yakho, ‘ungazisindisa wena nabakulalelayo,’ njengoba uPawulu abhalela uThimothewu. (1 Thimothewu 4:16) Cabanga ukuthi kusho ukuthini lokho. Izindaba ezinhle ozishumayelayo zinikeza abanye ithuba lokuphila phakade. Ungaba nesibopho esiqinile sobungane nabantu obasizayo ngokomoya. Cabanga ukuthi kuyojabulisa kangakanani ukuphila phakade ePharadesi nabantu oye wabasiza ukuba bazi ngoNkulunkulu! Ngokuqinisekile abasoze bayikhohlwa imizamo yakho yokubasiza. Yeka ukuthi lokho kuyoletha ukwaneliseka okungakanani!
17. Kungani isikhathi sethu siyinkathi eyingqayizivele emlandweni wesintu?
17 Uphila enkathini eyingqayizivele emlandweni wesintu. Izindaba ezinhle ngeke ziphinde zishunyayelwe ezweni elihlukanisiwe noNkulunkulu. UNowa wayephila ezweni elinjalo, futhi walibona libhujiswa. Yeka indlela okumelwe ukuba kwamjabulisa ngayo ukwazi ukuthi wayeyifeze ngokwethembeka intando kaNkulunkulu ngokwakha umkhumbi, okwaholela ekusindisweni kwakhe nomkhaya wakhe! (Hebheru 11:7) Nawe ungajabula njengaye. Cabanga indlela oyozizwa ngayo ezweni elisha lapho ukhumbula umsebenzi owenze kulezi zinsuku zokugcina, wazi ukuthi wenze okusemandleni akho ukuze uthuthukise izithakazelo zoMbuso.
18. Isiphi isiqinisekiso nesikhuthazo uJehova asinika izinceku zakhe?
18 Ngakho-ke, masiqhubeke sibonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu. Ukwenza kwethu kanjalo siyokukhumbula kuze kube phakade. UJehova naye uyayikhumbula imisebenzi yethu. IBhayibheli linikeza lesi sikhuthazo: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza. Kodwa sifisa ukuba yilowo nalowo kini abonise inkuthalo efanayo ukuze abe nesiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi abavilaphayo, kodwa nibe abalingisi balabo okuthi ngokholo nangokubekezela bazuze izithembiso njengefa.”—Hebheru 6:10-12.
Ungachaza?
• AmaKristu ayibonakalisa kanjani inkazimulo kaNkulunkulu?
• Iziphi ezinye zezindlela uSathane azisebenzisayo njengoba ezama ukuthulisa abantu bakaNkulunkulu?
• Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi umoya kaNkulunkulu uphezu kwethu?
[Isithombe ekhasini 15]
Ubuso bukaMose babonakalisa inkazimulo
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Sibonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu enkonzweni yethu