OLwandle LwaseGalile
UKULANDISA okukuMarku 4:35-41 kubika ukuthi uJesu nabafundi bakhe bagibela isikebhe ukuze bawele uLwandle LwaseGalile. Kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki siyafunda: “Manje kwaba khona isiphepho esikhulu esinamandla, futhi amagagasi ayelokhu eshayeka engena esikebheni, kangangokuthi isikebhe sase siseduze kokuba sigcwale amanzi. Kodwa yena [uJesu] wayengemuva esikebheni, elele emcamelweni.”
Lena ukuphela kwendawo eBhayibhelini lapho kusetshenziswe khona igama lesiGreki elisho ‘umcamelo.’ Ngakho izazi aziyazi ngokuthe ngqò incazelo yegama elisetshenziswe lapha. Iningi lamaBhayibheli lihumusha leli gama ngokuthi ‘umcamelo.’ Kodwa kwakuluhlobo luni lomcamelo? Olimini lokuqala uMarku wabhekisela kulo mcamelo ngendlela esikisela ukuthi wawuyingxenye yezinto zesikebhe. Isikebhe esatholakala eduze koLwandle LwaseGalile ngo-1986 sisicacisela ngalokho okungenzeka yikhona okushiwo igama lesiGreki elasetshenziswa uMarku.
Ucwaningo lwembula ukuthi lesi sikebhe esingamamitha angu-8 ubude sasihanjiswa useyili futhi sigwedlwa. Sasisetshenziselwa ukudoba futhi sinendawo engemuva yokugcina inetha lokudoba elikhulu nelisindayo. Izinsalela zalesi sikebhe ezangesikhathi esiphakathi kuka-100 B.C.E. no-70 C.E. futhi kungenzeka ezohlobo lwesikebhe esasisetshenziswa uJesu nabafundi bakhe. UShelley Wachsmann, owayehilelekile ekuvubukulweni kwalesi sikebhe, wabhala incwadi ethi The Sea of Galilee Boat—An Extraordinary 2000 Year Old Discovery. Usikisela ukuthi ‘umcamelo’ uJesu ayelele kuwo kwakuyisaka elinesihlabathi elalisetshenziselwa ukwenza isikebhe sizinze. Umakad’ ebona ekudobeni ngenetha waseJaffa wathi: “Lapho ngisemncane, izikebhe engangisebenza kuzo eMedithera zazihlale zinesaka elilodwa noma amabili esihlabathi. . . . La masaka ayegcinwe ukuze isikebhe sizinze. Kodwa lapho engasetshenziswa, sasiwagcina endaweni engemuva esikebheni. Ngakho, uma othile ayekhathele, wayengagaqa aye endaweni engemuva, asebenzise leli saka njengomcamelo, futhi alale.”
Izazi eziningi zikholelwa ukuthi incazelo kaMarku yayisho ukuthi uJesu wayelele esakeni elinesihlabathi lokwenza isikebhe sizinze elalingaphansi kwengemuva lesikebhe, endaweni evikeleke kunazo zonke esikebheni phakathi nesiphepho. Kungakhathaliseki ukuthi kwakuluhlobo luni lomcamelo, iphuzu elibaluleke kakhulu yilokho okwenzeka ngemva kwalokho. Ngamandla kaNkulunkulu nokusekelwa nguye, uJesu wathulisa ulwandle olwaluyaluziswa isiphepho. Ngisho nabafundi babuza: “Ungubani ngempela lo, ngoba ngisho nomoya nolwandle kuyamlalela?”